Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 9/8 kk. 25-27
  • Ukuzamazama Komhlaba!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuzamazama Komhlaba!
  • I-Phaphama!—2000
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imizamo Yokuhlenga
  • Ukubhekana Nemiphumela
  • Ukubhekana Nemiphumela
    I-Phaphama!—2002
  • Ukuhlaziywa Kokuzamazama Komhlaba
    I-Phaphama!—2002
  • Indlela Izisulu Zokuzamazama Komhlaba Ezasizwa Ngayo
    I-Phaphama!—1992
  • Kusenokuzamazama Okukhulu Okuningi Okulindelekile
    I-Phaphama!—2010
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 9/8 kk. 25-27

Ukuzamazama Komhlaba!

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ETAIWAN

“Ngangicambalele, ngizifundela endlini yami esesitezi sesi-9 eTaipei lapho izibani ziqala ukufiliza. Indlu yabe seyiqala ukunyakaza ngamandla. Kwakusengathi inunu enkulu ibambe isakhiwo iyasidlikizisa. Ngacasha ngaphansi kwetafula njengoba umsindo wezinto ezaziwa esitezi esingaphezulu wangenza ngesaba ukuthi uphahla luzokuwa. Lokhu kwaqhubeka isikhathi eside.”—Intatheli ehlala eTaiwan.

UKUZAMAZAMA komhlaba. Ukukhuluma nje ngaleli gama kuxhaphazelisa amathumbu, futhi kungenzeka ukuthi muva nje uye walizwa kaningi ngendlela ethusayo. Ngokwe-U.S. Geological Survey, ngo-1999 ukuzamazama komhlaba okukhulu kwaba kuningi kunokujwayelekile, futhi inani labantu abafa ngenxa yako laphindeka kabili kunokuvamile.

Ukuzamazama komhlaba okukhulu kunakho konke ngo-1999 kwenzeka eTaiwan, lapho kuhlangana khona izingxenye ezimbili eziyinhloko zongqimba lomhlaba. Sekukonke, kunezimfa ezingu-51 ongqimbeni lomhlaba lwaseTaiwan. Yingakho-ke nje kubikwa ukuzamazama komhlaba okubalelwa ku-15 000 unyaka ngamunye kule ndawo. Nokho, okuningi kwakho akuzwakali ngoba kuncane kakhulu.

Kodwa akubanga njalo ngo-September 21, 1999. Ngo-1:47 ekuseni, iTaiwan yahlaselwa ukuzamazama komhlaba okunzima kangangokuthi uMongameli uLee Teng-hui wakubiza ngokuthi “okubi kunakho konke okwehlele lesi siqhingi ekhulwini leminyaka.” Kwathatha imizuzwana engu-30 kodwa kwaba ngu-7,6 esikalini sikaRichter.a Ukujula kwalokhu kuzamazama komhlaba kwakungaphezudlwana nje kwekhilomitha, futhi ukugadla kwako phezulu enhlabathini kwabangela ukuba imiphumela yako izwakale ngokuphelele. “Ngavuswa ukundindizela okukhulu,” kusho uLiu Xiu-Xia, ohlala eduze nalapho ukuzamazama kwaqala khona. “Kwawa ifenisha, kwaphahlazeka nesibani sasophahleni. Angikwazanga ukuphuma ngoba emnyango kwakuvimbe izinto eziwile nezingilazi eziphukile.” UHuang Shu-Hong, owawa embhedeni ewiswa ukuzamazama, wabhekana nenselele ehlukile. Uthi: “Kwavele kwacisha ugesi, kwaba mnyama bhuqe. Ngaphumela ngaphandle futhi ngachitha ubusuku bonke nomakhelwane emgwaqweni. Inhlabathi yayilokhu indindizele njalo.”

Imizamo Yokuhlenga

Ekuntweleni kokusa imiphumela yokuzamazama komhlaba yayisibonakala. Cishe kwabhidlika izakhiwo ezingu-12 000, kusukela ezindlini ezivamile kuya kweziyizitezi. Njengoba babewuhlaba bewulawula, kwafika abatakuli abavela emazweni angu-23 eTaiwan bezosiza izisebenzi zokuzithandela zasendaweni. Izisulu eziningi zazisavaleleke emfuhlumfuhlwini.

Amahora angu-72 okuqala ngemva kwenhlekelele abalulekile ekutholeni abasindile, kodwa kulokhu abatakuli bathola okuhlukile. Ngokwesibonelo, umfana oneminyaka eyisithupha watakulwa ngemva kokuvaleleka amahora angu-87. Kanti-ke eTaipei, ngesikhathi izisebenzi zisebenzisa ogandaganda ekususeni izindonga ezibhidlikile zesakhiwo sokuhlala esinezitezi ezingu-12, zavundulula insizwa ethile. Yona nomfowabo babevaleleke ngaphakathi izinsuku ezingaphezu kwezinhlanu, futhi bobabili basinda!

Kodwa kuyadabukisa ukuthi akubona bonke abafinyelelwa, futhi abatakuli babhekana nezikhathi ezibuhlungu. Ngokwesibonelo, omunye umholi weqembu ngokudabuka wathi: “Kunengane esiyizwe ikhala kwaze kwaba semahoreni angu-8 adlule. Kodwa yathula.” Ekugcineni abantu abafa eTaiwan baba ngaphezu kuka-2 300 futhi kwalimala abangaphezu kuka-8 500.

Ukubhekana Nemiphumela

Kwenziwa imizamo emikhulu yokubatholela indawo yokuhlala abangamakhulu ezinkulungwane abasala dengwane ngenxa yokuzamazama komhlaba. Ekuqaleni, ezinye izisulu zazingabaza ukuphindela ezindlini. Kwakufanele, ngoba ezinsukwini eziyishumi ngemva kokuzamazama komhlaba kokuqala, cishe kwabikwa okunye ukuzamazama okuncane okungu-10 000! Okunye kwaba ngu-6,8 esikalini sikaRichter, okwenza ukuba kubhidlike izakhiwo eziningi ezase zixega kakade.

Noma kunjalo umsebenzi wokutakula waqhubeka. Izinhlangano eziningi ezizimele—kuhlanganise namaqembu okutakula akwamanye amazwe, iqembu lamaBuddha iTzu Chi, nezicisha-mlilo—zanikela ngesikhathi nangamakhono azo emsebenzini okwakubhekenwe nawo. Abanye abahlanganyela emsebenzini wokutakula kwakungoFakazi BakaJehova. Ngokuvumelana neseluleko seBhayibheli esikweyabaseGalathiya 6:10, babenemigomo emibili. Babefuna (1) ukusiza labo abahlobene nabo okholweni (2) nokwenza okuhle kubo bonke, kuhlanganise nalabo abanezinkolelo ezingafani nezabo.

Ekupheleni kosuku lokuqala, oFakazi BakaJehova baletha ngamaloli ukudla, amanzi, amatende nezinto zokupheka ngaphandle. Njengoba zazinqamukile zonke izindlela zokuxhumana, abadala bamabandla ayisithupha endaweni eyayithintekile benza imizamo ebumbene yokufuna abanye oFakazi nezihlobo zabo kanye nabafunda nabo iBhayibheli nabathakazelayo. OFakazi ababengenamakhaya bakhuthazwa ukuba bahlale ekamu elilodwa ukuze bonke banakekelwe kahle futhi kube lula ukuxhumana nabo. Ababonisi abajikelezayo kanye namalungu eKomiti YeGatsha LaseTaiwan bavakashela iqembu nebandla ngalinye ukuze balikhuthaze.

Isinyathelo esilandelayo kwakuwukulungisa imizi namaHholo OMbuso ayonakele. Ibandla ngalinye lenza uhlu lwalabo abadinga usizo. Kwase kuthi ngaphansi kokuqondisa kweKomiti Yokwakha Yesifunda, kwathunyelwa amaqembu ezisebenzi zokuzithandela ukuze ayolungisa okudinga ukulungiswa. Ingakapheli inyanga ngemva kokuzamazama komhlaba, umsebenzi wawusuphelile.

OFakazi BakaJehova basiza nomakhelwane babo abangebona oFakazi. Ngokwesibonelo, oFakazi bavakashela izibhedlela nababehlala ematendeni ukuze babaduduze. Basakaza namakhophi ayenesihloko esithi “Izinhlekelele Ezingokwemvelo—Ukusiza Ingane Yakho Ukuba Ibhekane Nazo,” esasikuyi-Phaphama! ka-June 22, 1996. Abantu abaningi babonga kakhulu ngokuthola lokhu kwaziswa futhi baqala ukukufunda ngokushesha. Njengoba imigwaqo yayivuleka, oFakazi BakaJehova bathumela amaloli agcwele izinto ezindaweni ezisezintabeni eziqhelile ezazithinteke kakhulu ngenxa yalokhu kuzamazama komhlaba.

Labo abafunda iBhayibheli bayaqaphela ukuthi labikezela kudala ukuthi izinsuku zokugcina zalesi simiso sezinto zaziyobonakala ‘ngokuzamazama komhlaba ezindaweni ngezindawo.’ (Mathewu 24:7) Kodwa iBhayibheli libuye lisiqinisekise ukuthi ngokushesha, ngaphansi kokubusa okunokuthula koMbuso kaNkulunkulu, isintu ngeke sisaphila ngokwesaba izinhlekelele ezingokwemvelo. Ngaleso sikhathi umhlaba uyoba yipharadesi ngempela.—Isaya 65:17, 21, 23; Luka 23:43.

[Umbhalo waphansi]

a Ngokuphambene, ukuzamazama komhlaba okuyinhlekelele okwenzeka eTurkey ngo-August 1999 kwakungu-7,4 esikalini sikaRichter, kodwa kwabulala abantu abaphindwe okungenani kasikhombisa kunokwaseTaiwan.

[Izithombe ekhasini 26]

OFakazi BakaJehova babeqhuba imihlangano yabo ngesikhathi behlala emakamu

[Isithombe ekhasini 27]

Ukuzamazama komhlaba konakalisa imigwaqo eminingi

[Umthombo]

San Hong R-C Picture Company

[Umthombo Wesithombe ekhasini 25]

San Hong R-C Picture Company

[Umthombo Wesithombe ekhasini 27]

Seismogram on pages 2, 25-7: Figure courtesy of the Berkeley Seismological Laboratory

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela