Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Ukukhuluphala Nginibonga ngokusuka enhliziyweni ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingakunqoba Kanjani Ukuhlale Ngicabanga Ngokwehlisa Umzimba Wami?” (May 22, 1999) Kuze kube manje, into ebengicabanga ngayo nje isimo somzimba wami nokukhuluphala. Ngiba namahloni uma ngizibuka esibukweni, futhi angisazihluphi ngokuzikala esikalini. Nokho, ngemva kokufunda lesi sihloko, ngiyaqaphela ukuthi umuntu wangaphakathi obalulekile.
L. R., France
Ukukhubazeka Ngichitha isikhathi sami esiningi ngisesihlalweni sabakhubazekile. Umkami unesifo sokukhathala esingamahlalakhona (chronic fatigue syndrome) futhi ucindezeleke kakhulu. Uchungechunge oluthi “Ithemba Ngabakhubazekile” (June 8, 1999) lwabonisa ukuthi kungokwemvelo ukuba lusizi lapho ulahlekelwe okuthile okuyigugu. Nezithombe ezisesihlokweni esithi “Lapho Konke Ukukhubazeka Kungasekho” zangisiza ukuba ngibone ukuthi ukuphulukiswa esikhathini esizayo kuyoba into engokoqobo.
C. W., United States
Nganqamuka umlenze wesobunxele engozini lapho ngineminyaka emine nje kuphela ubudala. Uchungechunge lwezihloko zenu lwangisiza ukuba ngibhekane nokucindezeleka okuyaye kungihlasele ngezinye izikhathi. Qhubekelani phambili nomsebenzi wenu omuhle wokulwa nokucwaswa.
A.J.T.P., Brazil
Abantu kumelwe bazi ukuthi abantu abakhubazekile banemizwa futhi bayazwela njenganoma yimuphi omunye umuntu futhi nathi siyabuzwa ubuhlungu. Ngezinye izikhathi abantu bakubheka njengokungathi kukhona okonakele futhi bakhulume ngokwedelela, noma bavele bangakunaki nhlobo. Abantu abakhubazekile abazona iziwula, abavilaphi futhi akukhona ukuthi abakwazi ukuzisiza. Uma benikwa ithuba, abaningi bethu bayakwazi ukupheka, ukuhlanza, ukuyothenga, ukunakekela umkhaya, ukuba nomsebenzi wokuziphilisa, ngisho nokushayela imoto. Into eye yangisiza ukuba ngingadikibali ukufunda ngoJehova nangezindlela zakhe zothando nobubele. Angikabi omunye woFakazi BakaJehova, kodwa ngithemba ukuthi ngizoba nguye esikhathini esizayo.
A. G., United States
Ubalulekile Emehlweni KaNkulunkulu Ngivame ukuzizwa ngicindezelekile futhi ngingento yalutho, ngezinye izikhathi ngicabange ukuthi akumelwe ngibe umshumayeli wesikhathi esigcwele ngoba imizamo yami ayanele. Isihloko esithi “Umbono WeBhayibheli: Ubalulekile Emehlweni KaNkulunkulu!” (June 8, 1999) sangenza ngazizwa kangcono kakhulu. Sangisiza ukuba ngibone ukuthi uSathane uzama ngazo zonke izindlela ukusenza sizizwe kanjalo ukuze asiyekise ukukhonza uJehova.
L. W., Canada
Lesi sihloko sasiduduza kakhulu. Kuze kube manje, benginomuzwa wokuthi uJehova akayilaleli imithandazo yami. Kodwa kusukela ngifunde isihloko senu, sengimethemba kakhulu uJehova futhi nami senginokuzethemba. Ngicela niqhubeke nishicilela izihloko ezinikeza induduzo njengalesi.
R.V.T., Belgium
Nginezibazi ezabangelwa okuhlangenwe nakho okubuhlungu—okungamaphutha abangela ukuba ngizenyeze. Namuhla ubuhlobo bami noJehova nokwazi ukuthi uthando lwakhe lungaphezu kokuqonda komuntu kungenza ngibe nomuzwa wenjabulo nokulondeka.
V.S.C., Brazil
Ngisanda kuqeda ukulalela lesi sihloko ekhasethini. Cishe sekuphele iminyaka engu-44 ngiyimpumputhe, futhi ngisho nangemva kokubhaphathizwa njengomKristu, ngangingacabangi ukuthi ngibaluleke kakhulu. Lesi sihloko singithinte ngokujulile. Ngimbonga kakhulu uNkulunkulu ngoba akasibheki ngendlela thina esizibheka ngayo.
A. K., Italy
Bengilokhu ngihlaselwe imizwelo ebuhlungu. Kodwa njengoba ngangifunda lesi sihloko, kwakunjengokungathi uJehova ukhuluma nami ngesineke. Kunzima kabi ukuguqula indlela yokucabanga, kodwa ngizozama ukungakulibali lokho okwashiwo yilesi sihloko, sathi: “UJehova, njengomzali onothando, ‘useduze’—uhlale esibhekile, elalele, futhi elungele ukusiza.—IHubo 147:1, 3.”
K. F., Japan