Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 1/22 k. 31
  • Isimo Esishintshayo Sezisulu Zempi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isimo Esishintshayo Sezisulu Zempi
  • I-Phaphama!—2000
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izizwe Ezihlangene—Indlela Engcono?
    I-Phaphama!—1991
  • Imfihlakalo Enkulu Iyaxazululwa
    IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!
  • UHulumeni Wezwe—Ingabe IZizwe Ezihlangene Ziyikhambi?
    I-Phaphama!—1993
  • UKUHAMBELA KUKAPAPA KUYI-UN KWAFEZANI?
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 1/22 k. 31

Isimo Esishintshayo Sezisulu Zempi

“IZIMPI zanamuhla azisafani nezakudala . . . Sekuvamile ukuba izisulu kube yizakhamuzi ezivamile, kunokuba kube amasosha,” kubika “iPerspective,” uhlelo olusakazwa kuyi-UN Radio. Ngokwesibonelo, kubo bonke abantu abafa phakathi nempi yezwe yokuqala, bangamaphesenti amahlanu kuphela ababeyizakhamuzi. Nokho, phakathi nempi yezwe yesibili, inani lezakhamuzi ezafa lenyuka laba amaphesenti angu-48. Futhi i-UN Radio iphawula ukuthi namuhla “cishe bonke abantu abafayo ezimpini bayizakhamuzi—amaphesenti angu-90—futhi abaningi balaba kuba abesifazane, izingane nasebekhulile.”

Ngokuka-Olara Otunnu, onguMmeleli Okhethekile we-Children and Armed Conflict kanobhala-jikelele we-UN, “kusukela ngo-1987 kuye kwafa izingane ezilinganiselwa ezigidini ezimbili ezimpini ezilwiwa ngezikhali.” Phakathi neminyaka engu-12 edlule izingane ezingaphezu kuka-450 ngosuku ziye zaba izisulu zempi! Ngaphezu kwalokho, phakathi nenkathi efanayo, izingane ezingaphezu kwezigidi eziyisithupha ziye zalimala kabi noma zakhubazeka ngokuphelele.

UMnu. Otunnu usikisela ukuthi enye indlela i-UN engalwa ngayo naleli nani elandayo lezingane ezifa empini iwukukhuthaza izindawo zokuthula. “Izindawo lapho kugcwala khona izingane, njengasezikoleni, ezibhedlela, nasezindaweni zokudlala, kumelwe zibhekwe njengezindawo okungamelwe kuliwe kuzo.” Nokho, i-UN Radio inezela ukuthi “ukuvimbela izimpi zisuka amadaka nje” kuyindlela ephumelelayo yokuba i-UN iqiniseke ukuthi izakhamuzi ezivamile azibi yizisulu zezimpi. Ngokuqinisekile, ukuze kuqedwe ukufa kwabantu ezimpini kufanele izimpi ngokwazo ziqedwe. Ingabe lokho kuyoke kwenzeke?

Ngenxa yomlando omude wezimpi zesintu, abaningi banomuzwa ofanele wokuthi abantu ngeke nanini bakulethe ukuthula emhlabeni. Nokho, iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, lithembisa ukuthi uJehova uNkulunkulu uzokwenza lokho: “Uphelisa ukulwa kuze kube semikhawulweni yomhlaba.” (IHubo 46:9) Lokhu kuyokwenzeka nini? Futhi kungani ungaqiniseka ukuthi isethembiso sikaNkulunkulu sokuthula emhlabeni wonke siyofezeka? Uma ungathanda ukuthola izimpendulo zale mibuzo, siza ubhalele abashicileli balo magazini, usebenzise ikheli eliseduze ekhasini 5, noma ushayele ucingo eHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova eliseduze nawe. Akukho zibopho nazindleko—izimpendulo eziqondile nje kuphela.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 31]

UN PHOTO 156450/J. Isaac

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela