Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g00 1/8 kk. 23-25
  • Usizo Ngezisulu Zokuhlukunyezwa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Usizo Ngezisulu Zokuhlukunyezwa
  • I-Phaphama!—2000
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umphumela
  • Indlela Ongasekela Ngayo
  • Abasinda Emakamu Okuhlushwa
  • Unya Lomuntu Kumuntu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Amathuluzi Okuhlukumeza Ngendlela Enyantisayo
    I-Phaphama!—1998
  • “Isikhathi Sokuphola”
    I-Phaphama!—1991
  • Usizo Kwabayizisulu Zokuhlaselwa Izihlobo Ngokobulili
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2000
g00 1/8 kk. 23-25

Usizo Ngezisulu Zokuhlukunyezwa

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EDENMARK

“KULULA UKWELAPHA AMATHAMBO APHUKILE KUNOKWE-LAPHA UMPHEFUMULO OWAPHUKILE.”—UDkt. Inge Genefke.

INSIZWA ethile yehla ngomgwaqo othulile edolobheni laseYurophu futhi ithi ukuma ibuke izimpahla ezikhangiswe efasiteleni lasesitolo. Ngokungazelele, izandla zayo ziyaqhaqhazela. Kuxege amadolo. Ibamba umqala njengokungathi ibindiwe. Isanda kubona efasiteleni izithunzi zamaphoyisa amabili agqoke inyufomu. Le nsizwa ayephulanga mthetho, futhi akukho sizathu sokuba yesabe. Nokho, ukubona amadoda afake inyufomu nje kuyikhumbuza kude endaweni eqhele ngamakhilomitha ayizinkulungwane kudala iseyisisulu sokuhlukunyezwa.

Le ndaba ingenzeka kunoma ubani phakathi kwezigidi zamadoda, abesifazane, ngisho nezingane imbala. Kungenzeka ukuthi yake yenzeka kumuntu omaziyo. Isisulu sokuphathwa ngonya singase sibe umbaleki noma umfuduki osanda kufika endaweni yangakini. Kungenzeka ukuthi izingane zakhe nezakho zifunda esikoleni esifanayo. Ungase umazi njengomakhelwane onokuthula, ozothile, nonomoya omuhle ongavamile ukukhuluma kakhulu. Kodwa ukubonakala kwangaphandle kungakukhohlisa; kungase kufihle usizi lwenhliziyo isisulu esinabo njengoba sizama ukubhekana nezinkumbulo zokuphathwa kabi ngokomzimba nangokwengqondo esikhathini esidlule. Noma yini ayibonayo—noma ayizwayo—ingase imkhumbuze ukuphathwa kabi okwenzeka esikhathini esidlule. Esinye isisulu esinjalo siyachaza: “Njalo uma ngizwa ingane ikhala, ngiyaye ngicabange ngabantu engabezwa bekhala ejele. Lapho ngizwa umsindo onjengokuqhuma kwesiswebhu, ngikhumbula ukubhaxabulwa ngenduku—umsindo eyayiwenza ngaphambi kokuba ingishaye.”

Ukuhlukumeza akusetshenziswa nje abashisekeli bezombangazwe kanye namaqembu amaphekula kuphela. Emazweni amaningi, kusetshenziswa ngamabutho ezempi namaphoyisa. Ngani? Ukuhlukumeza kungaba indlela esheshayo nephumelelayo yokwenza umuntu akhulume, avume icala, yokuthola ubufakazi obubophayo, noma yokuziphindiselela. NgokukaDkt. Inge Genefke waseDenmark, oyisazi esihamba phambili kwezokuhlukunyezwa, ngezinye izikhathi ohulumeni “baye bamiswa futhi balondoloza isikhundla sabo ngokusebenzisa ukuhlukumeza.” Esinye isisulu sakubeka kanje: “Babefuna ukwephula umoya wami ukuze abanye babone ukuthi yini eyenzekayo uma ugxeka uhulumeni.”

Kubantu abaningi umbono nje wokuhlukumeza omunye umuntu ubakhumbuza iNkathi Ephakathi. Phela, ngo-1948 iZizwe Ezihlangene zemukela i-Universal Declaration of Human Rights [ISimemezelo Somhlaba Wonke Samalungelo Abantu], ethi: “Akukho muntu okumelwe ahlukunyezwe noma athole impatho noma isijeziso esinesihluku, esiwunya noma esehlisa isithunzi.” (ISiphakamiso 5) Nokho, ezinye izazi zikholelwa ukuthi ababaleki abangamaphesenti angu-35 emhlabeni baye bahlukunyezwa. Kungani ukuhlukumeza kwande kangaka? Izisulu zithinteka kanjani, futhi yini engenziwa ukuze zisizwe?

Umphumela

Akumangalisi ukuthi izisulu eziningi zokuhlukunyezwa ziyawashiya amazwe akubo ziyoqala ukuphila okusha kwenye indawo. Nakuba indawo ezungezile ingase ishintshe, ubuhlungu—obungokwengqondo nobungokomzimba—buyaqhubeka. Ngokwesibonelo, isisulu singase sizizwe sinecala ngoba singakwazi ukuvikela abangane noma izihlobo ekuphathweni kabi. Singase singabethembi neze abanye abantu, sesaba ukuthi umuntu ngamunye esihlangana naye kungenzeka uyimpimpi. “Isisulu sokuhlukunyezwa siyohlale siyisihambi,” kusho umlobi uCarsten Jensen. “Ngeke siphinde simethembe omunye umuntu.”

Imiphumela iba yinhlanganisela yokukhandleka ngokomzimba nangokwengqondo engase ixake isisulu nalabo abazama ukusisiza. Kungase kube lula ngezinye izikhathi ukwelapha izinkinga ezingokomzimba, kodwa akunjalo ngezingokwengqondo. “Ekuqaleni sasicabanga ukuthi, ‘Kulungile sizobelapha ngokomzimba—bese bekwazi ukuphila ukuphila okuvamile,’” kuvuma uDkt. Genefke. “Kodwa ngokushesha sathola ukuthi babedliwa ubuhlungu benhliziyo.” Noma kunjalo, uDkt. Genefke uyaphawula: “Kuye kwasimangaza ukuthola ukuthi singaphumelela ukusiza lezi zisulu futhi sizinike impumuzo, ngisho noma sekudlule iminyaka eminingi.”

Ngo-1982, eNational Hospital, eCopenhagen, uDkt. Genefke ehambisana nabanye odokotela baseDenmark basungula isikhungo esincane sokwelapha ababaleki ababeyizisulu zokuhlukunyezwa. Lesi siqalo esincane sakhula saba isimiso sembulunga yonke esibizwa ngokuthi i-International Rehabilitation Council for Torture Victims (IRCT). Lo mkhandlu uqondisa umsebenzi wokusiza ezimweni eziphuthumayo ezikhungweni ezingaphezu kwekhulu emhlabeni wonke, ekomkhulu lawo eCopenhagen. Njengoba iminyaka iqhubeka, lo mkhandlu uye wafunda okuningi mayelana nokwelapha izisulu zokuhlukunyezwa.

Indlela Ongasekela Ngayo

Ngokuvamile izisulu ziyasizakala lapho zikhuluma ngesimo sazo. “Eminyakeni engu-20 edlule,” kusho ukwaziswa okuvela kuyi-IRCT, “izisulu zokuhlukunyezwa ngokuvamile zaziyizisulu ngomqondo okabili. Okokuqala ngokuchayeka ezenzweni zokuhlukunyezwa ngokomzimba nangokwengqondo, futhi okwesibili ngokungakwazi ukuxoxa ngazo.”

Yiqiniso, akumnandi ukukhuluma ngento ebanga usizi njengokuhlukunyezwa. Kodwa uma lowo oyisisulu efisa ukuxoxela umngane wakhe, kodwa angafuni ukulalela, angase aphelelwe ithemba kakhulu. Ngakho, kubalulekile ukuba isisulu siqinisekiswe ukuthi ukhona osikhathalelayo. Yiqiniso, akekho okufanele aqhwande izindaba zomunye umuntu. Ekugcineni, isisulu esiyonquma ukuthi ubani esifuna ukumxoxela futhi ngasiphi isikhathi.—IzAga 17:17; 1 Thesalonika 5:14.

Izazi eziningi zitusa ukuba kucatshangelwe kokubili izici ezingokomzimba nezingokwengqondo zokuhlukunyezwa. Ezinye izisulu zidinga usizo lobuchwepheshe lapho zelashwa. Izindlela zokwelapha zihlanganisa ukuqeqeshwa ngendlela okumelwe uphefumule futhi ukhulume ngayo.a Umuzwa wokuhlazeka ngokuvamile uphakathi kwezinto zokuqala ezisingathwayo. Omunye udokotela watshela owesifazane owayedlwengulwe futhi washaywa izikhathi eziningi: “Ukuhlazeka ozizwa unakho kungokwemvelo futhi siyakuqonda. Kodwa khumbula ukuthi akulona iphutha lakho. Ihlazo lingelalabo abenze lokhu kuwe.”

Abasinda Emakamu Okuhlushwa

Phakathi neMpi Yezwe II, izigidi zabantu zaphathwa ngendlela eyehlisa isithunzi emakamu okuhlushwa kaHitler. Phakathi kwazo kwakukhona izinkulungwane zoFakazi BakaJehova ababeshushiswa ngenxa yokuthi babenqaba ukuphika izinkolelo zabo. Akunakuphikwa ukuthi ukholo lwabo lwabasiza ukuba bakhuthazelele izimo ezivivinya ngaleyo ndlela. Kanjani?

Esikhathini eside ngaphambi kokuba aboshwe, la maKristu ayengabafundi abacophelelayo beZwi likaNkulunkulu. Ngakho, awazange amangale lapho kuphakama ushushiso, futhi awazange asole uNkulunkulu lapho ukuhlushwa kwawo kungapheli ngokushesha. Ngokutadisha iBhayibheli, oFakazi babefundile ukuthi kungani uNkulunkulu evumela ububi nokuthi uyobuqeda kanjani ngesikhathi sakhe esifanele. Ukutadisha iBhayibheli kwakuwafundise ukuthi uJehova “uthanda ukulunga” futhi uyathukuthela lapho abantu bephatha abanye kabi.—IHubo 37:28; Zakariya 2:8, 9.

Yiqiniso abaningi balaba abasinda emakamu okuhlushwa kuye kwadingeka ukuba babhekane nemiphumela eshaqisayo yalokho okwenzeka kubo. Ngokwenza kanjalo, baye baqiniswa kakhulu ukulandela iseluleko somphostoli uPawulu. Nakuba uPawulu ayehlupheka ejele laseRoma, okuyisimo okungenzeka ukuthi samenza wakhathazeka kakhulu, wabhalela amakholwa akanye nawo: “Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe uNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga; futhi ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyoqapha izinhliziyo zenu namandla enu engqondo ngoKristu Jesu.”— Filipi 1:13; 4:6, 7.

Ngokutadisha iBhayibheli, laba bagcini bobuqotho baye bafunda ukuthi uNkulunkulu uthembisé ukwenza umhlaba ube yipharadesi, lapho imiphumela ebuhlungu ebangelwa ukwehliswa isithunzi ngenxa yokuhlukunyezwa ekugcineni iyoqedwa ngokuphelele.

OFakazi BakaJehova bahlanganyela leli themba elisekelwe eBhayibhelini nomakhelwane babo emazweni angaphezu kuka-230. Izimo zezwe ezineziyaluyalu zibahlanganisa nabantu abaningi abaye bahlupheka ngenxa yabantu abaphatha abanye ngonya. Lapho behlangana nezisulu zokuhlukunyezwa, oFakazi benza imizamo yokuhlanganyela nalaba bantu isithembiso seBhayibheli sekusasa eliqhakazile. Yeka ukuthi bakujabulela kanjani ukusakaza izindaba ezithokozisayo zesikhathi esizayo lapho ukuhlukunyezwa kuyobe sekuyinto yesikhathi esidlule!—Isaya 65:17; IsAmbulo 21:4.

[Umbhalo waphansi]

a I-Phaphama! ayikhulumeli noma iyiphi indlela yokwelapha. AmaKristu kufanele aqaphele ukuthi noma iyiphi indlela yokwelapha ayisebenzisayo ayingqubuzani nezimiso zeBhayibheli.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 24]

“AKUKHO MUNTU OKUMELWE AHLUKUNYEZWE NOMA ATHOLE IMPATHO NOMA ISIJEZISO ESINESIHLUKU, ESIWUNYA NOMA ESEHLISA ISITHUNZI.”—ISiphakamiso 5 se-Universal Declaration of Human Rights

[Ibhokisi ekhasini 25]

INDLELA ONGASIZA NGAYO

UMA UJWAYELENE NOTHILE OSALULAMA NGENXA YOKUHLUKUNYEZWA, UNGASE UTHOLE LOKHU KUSIKISELA OKULANDELAYO KUWUSIZO:

● Bonisa uzwela. Ungase uthi: “Ngiyazi ukuthi kunezinkinga eziningi ezweni lakini. Sinjani isimo?”—Mathewu 7:12; Roma 15:1.

● Ungazami ukumqhwanda noma umbelesele ngokuthi ufuna ukumsiza. Kunalokho, yi-ba nomusa futhi umcabangele. Tshela isisulu ukuthi uzimisele ukulalela.—Jakobe 1:19.

● Gwema ukusiza nalapho kungasadingekile. Ungamenzi alahlekelwe ukuzihlonipha noma abe nomuzwa wokuthi akasenasithunzi. Umgomo kumelwe kube ukuthwalisa isisulu umthwalo, hhayi ukuzama ukusithwalela wona ngokuphelele.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela