Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g99 2/8 kk. 20-22
  • Ingabe Uyazi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyazi?
  • I-Phaphama!—1999
  • Izihlokwana
  • Izimpendulo Zemibuzo
I-Phaphama!—1999
g99 2/8 kk. 20-22

Ingabe Uyazi?

(Izimpendulo zale mibuzo zingatholakala ezikhombweni zeBhayibheli ezinikeziwe, kanti uhlu oluphelele lwezimpendulo lunyatheliswe ekhasini 22. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka incwadi ethi “Insight on the Scriptures,” enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.)

1. Ngosizo lomoya kaNkulunkulu, yini amaKristu ekhulu lokuqala ayeyenza, eyawasiza ukuba afundise futhi eyaba isibonakaliso kwabangakholwa? (1 Korinte 12:30)

2. Ijuba labuyela kuNowa liphethe iqabunga lasiphi isihlahla? (Genesise 8:11)

3. Abantu abasengxenyeni esenyakatho-ntshonalanga yeNhlonhlo yaseSinayi bakubiza ngaliphi igama okuthile okwakhiwe lapho, okuyigama elivela eBhayibhelini izikhathi eziyisithupha futhi elingase libe igama lomuzi, isifunda, uchungechunge lwezinqaba zasemngceleni, noma izintaba? (Genesise 25:18)

4. UJowabe wasebenzisa bani ukuze anxusele u-Abisalomu eNkosini uDavide ngemva kokuba u-Abisalomu edingiswe iminyaka emithathu? (2 Samuweli 14:4)

5. Yiliphi izwe elalisemngceleni osempumalanga embusweni weNkosi u-Ahashiveroshi? (Esteri 1:1)

6. Eziprofethweni zokubuyiselwa, yiziphi izihlahla okwabikezelwa ukuthi zaziyomila esikhundleni “sogagane” nasesikhundleni “samakhakhasi”? (Isaya 55:13)

7. AmaJuda ammangalela ngani uPawulu kuGaliyu, umphathi wesifundazwe sase-Akhaya, futhi kungani uGaliyu asichitha isimangalo? (IzEnzo 18:12-17)

8. IBhayibheli lisichaza kanjani isimo sabafileyo? (IzEnzo 7:60)

9. Ayengobani amadoda amadala amabili, okwathi nakuba ayephakathi kwamadoda angu-70 ayekhethelwe ukusiza uMose, awangaya etendeni lokuhlangana? (Numeri 11:14-17, 24-26)

10. Yimuphi umuzi owawusemngceleni ophakathi kuka-Efrayimi noManase owanikwa u-Efrayimi, nakuba indawo ezungezile eyayibizwa ngalelo gama yabelwa uManase? (Joshuwa 16:8)

11. Yiziphi izinhlamvu ezine zokuqala zolimi lwesiGreki?

12. Ngokokulandisa kweBhayibheli, yini eyayenziwa umhlatshelo “ngosuku lokuqala lwamaqebelengwane angenamvubelo”? (Marku 14:12)

13. Iyiphi indodana kaJosiya uFaro-Nekho ayibeka esihlalweni sobukhosi kwaJuda futhi wayetha igama elithi Jehoyakimi? (2 AmaKhosi 23:34)

14. Kwakusho ukuthini lokho uMose akwenza lapho ebheca igazi lenqama ehlatshiwe kuqukula wonyawo luka-Aroni lokunene nasemadodaneni akhe onke? (Levitikusi 8:22-24)

15. Wayengubani uyise kaJoshuwa? (Nehemiya 8:17)

16. Wayengubani uyise ka-Izebeli? (1 AmaKhosi 16:31)

17. Yisiphi isizwe esalahlekelwa amalungu angu-42 000 ngenxa yokuthi ayengakwazi ukuphimisela igama elithi “Shiboleti”? (AbAhluleli 12:1-6)

18. Yimuphi umpristi ophakeme owasola uHana olungile, ngephutha ecabanga ukuthi udakiwe? (1 Samuweli 1:12-15)

19. Ngaphansi koMthetho kaNkulunkulu ku-Israyeli, yini eyayifunwa koyisela? (Eksodusi 22:1-4)

20. Yisiphi isihlahla esasetshenziswa kakhulu lapho kwakhiwa ithempeli? (1 AmaKhosi 6:9-20)

21. Yini uNkulunkulu angenakuyenza? (Heberu 6:18)

22. Ubani oyiSitha esikhulu sikaNkulunkulu? (Zakariya 3:1)

23. Embonweni, u-Amose wabona uJehova ephetheni ngesandla okubonisa ukuthi u-Israyeli wayehlulekile ovivinyweni lobuqotho obungokomoya? (Amose 7:7-9)

24. Incwadi yezAga imfanisa nani owesifazane omuhle ongenangqondo? (IzAga 11:22)

25. UJesu wathuma abafundi abangaki ukuyolanda ithole lembongolo aligibela lapho engena eJerusalema? (Marku 11:1)

Izimpendulo Zemibuzo

1. Ayekhuluma ngezilimi

2. Lomnqumo

3. IShuri

4. Owesifazane ohlakaniphile waseThekhowa

5. Izwe laseNdiya

6. Umsayipuresi nombomvana

7. Ngokuthi “uholela abantu kwenye inkolelo ekukhulekeleni uNkulunkulu.” Ngoba wayengaphulanga umthetho wamaRoma

8. Njengokulala

9. U-Elidadi noMedadi

10. ITaphuwa

11. U-alpha, beta, gamma no-delta

12. Isisulu sePhasika

13. U-Eliyakimi

14. Ukuthi bakhombe inkambo yabo futhi bahambe baqonde ngangokunokwenzeka emisebenzini yabo yobupristi yokunikela imihlatshelo

15. UNuni

16. U-Etibali

17. U-Efrayimi

18. U-Eli

19. Isinxephezelo esasingase siphindwe kahlanu

20. Umsedari

21. Ukuqamba amanga

22. USathane

23. Intambo yomthofu

24. ‘Nendandatho yegolide empumulweni yengulube’

25. Ababili

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela