Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g99 2/8 k. 4-k. 6 isig. 7
  • Iyini Injongo KaNkulunkulu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Iyini Injongo KaNkulunkulu?
  • I-Phaphama!—1999
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UNkulunkulu Unenjongo
  • Injongo Enhle Iyafezwa
  • UMbuso KaNkulunkulu Weminyaka Eyinkulungwane
  • Yiba Nethemba Lokuthi UJehova Uyoyifeza Injongo Yakhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Ukuvumela KukaNkulunkulu Ukuhlupheka Sekuzophela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • UMbuso KaNkulunkulu—Ukubusa Okusha Emhlabeni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • Konke Ukuhlupheka Kuzophela Maduzane!
    Konke Ukuhlupheka Kuzophela Maduzane! (T-27)
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1999
g99 2/8 k. 4-k. 6 isig. 7

Iyini Injongo KaNkulunkulu?

ABANTU abaningi abakungabazayo ukuthi ukhona uNkulunkulu ongumninimandla onke nonothando baye babuze ukuthi: Uma uNkulunkulu ekhona, kungani eye wavumela ukuhlupheka nobubi okungaka kuwo wonke umlando? Kungani evumela isimo esidabukisayo esisibona kuyo yonke indawo namuhla? Kungani engenzi okuthile ukuze aqede impi, ubugebengu, ukungabi nabulungisa, ubumpofu nezinye izinto ezibangela usizi ezanda ngendlela eshaqisayo emazweni amaningi emhlabeni?

Abanye bathi uNkulunkulu wadala indawo yonke, wabeka abantu kuyiplanethi ewuMhlaba, wabe esebashiya ukuba bazibonele. Ngokwalo mbono, uNkulunkulu akanacala ngezinkinga nosizi abantu abaye bazibangela lona ngenxa yokuhaha noma ukuphatha izinto kabi.

Nokho, abanye bayawuphikisa umbono onjalo. Ngokwesibonelo, uprofesa we-physics uConyers Herring, othi uyakholelwa kuNkulunkulu, uthi: “Ngiyawenqaba umbono wokuthi kunoNkulunkulu owadala indawo yonke eyinkimbinkimbi wabe esehlala phansi esonga izandla kuyilapho isintu sishikashikana nezinkinga. Esinye isizathu esenza ngenqabe lo mbono siwukuthi ulwazi lwami lwesayensi alunginiki sizathu sokukholelwa ukuthi kunendawo yonke ephelele futhi engenasici ‘esawashi lona elizihambelayo lingalawulwa muntu.’ Imibono yethu engokwesayensi . . . iyohlala ikulungele ukuthuthukiswa, kodwa ngiyaqiniseka ukuthi iyohlala inephutha. Ngicabanga ukuthi kunengqondo ukuba nokholo emandleni aphilayo abangela le ntuthuko.”

UNkulunkulu Unenjongo

Injongo kaNkulunkulu yasekuqaleni yayiwukuba isintu esilungile nesiphelele sihlale kuyiplanethi ewuMhlaba. Umprofethi u-Isaya wabhala: “Usho kanje uJehova, owalidala izulu, onguNkulunkulu, owawubumba umhlaba, wawenza, wawumisa, engawudalelanga ize, wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo.”—Isaya 45:18.

UNkulunkulu wayejonge ukuba abantu bazalane ukuze bagcwalise umhlaba kunokuba agcwalise umhlaba ngokudala abantu ngokuqondile. Lapho u-Adamu no-Eva bevukela uNkulunkulu, lokhu akuzange kuyibhuntshise injongo yakhe yasekuqaleni, kodwa kwabangela isidingo sokuba izinto ezithile zihlelwe kabusha ukuze injongo yakhe ngesintu nangomhlaba igcwaliseke.

Phakathi neminyaka yokuqala engu-6 000 yale nkathi, uNkulunkulu uye wavumela isintu ukuba sizibuse ngaphandle kwesiqondiso sakhe. Yilokho abazali bethu bokuqala abakukhetha ngokuzithandela. (Genesise 3:17-19; Duteronomi 32:4, 5) Le nkathi yokuzibusa ngaphandle kwesiqondiso sikaNkulunkulu nokubuswa abantu esikhundleni sikaNkulunkulu yayiyobonisa ukuhluleka komuntu ukuqondisa izinyathelo zakhe nokuhluleka ukubusa abanye abantu ngokuphumelelayo.

Yiqiniso, uJehova wayewazé kusengaphambili lo mphumela. Waphefumulela abalobi beBhayibheli ukuba bawubhale. Ngokwesibonelo, umprofethi uJeremiya wabhala: “Ngiyazi, Jehova, ukuthi indlela yomuntu ayikuye uqobo; akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.”—Jeremiya 10:23.

Indoda ehlakaniphile uSolomoni yakhuluma ngemiphumela eyinhlekelele eba khona lapho abantu bezama ukubusa abanye, njengoba beye benza emakhulwini eminyaka. “Ngabona konke lokho, ngabeka inhliziyo yami kuyo yonke imisebenzi eyenziwa phansi kwelanga ngesikhathi lapho umuntu ebusa omunye kube-ngukulimala kwakhe.”—UmShumayeli 8:9.

Nokho, njengoba ‘engahleli nje ebukele lapho isintu sishikashikana nezinkinga,’ uNkulunkulu uMninimandla onke ubenesizathu esihle sokuvumela ukuba kudlule le minyaka eyizinkulungwane ngaphandle kokungenela ngokuqondile ekuphileni kweningi lesintu.

Injongo Enhle Iyafezwa

Iminyaka edlule engu-6 000 yomlando wesintu ingase ibonakale iyisikhathi eside uma iqhathaniswa neminyaka yethu yokuphila evamile engaphansi kweminyaka eyikhulu. Kodwa ngokohlelo lwezikhathi lukaNkulunkulu nombono wakhe wendlela isikhathi esihamba ngayo, le minyaka eyizinkulungwane injengezinsuku eziyisithupha—isikhathi esingaphansi kwesonto! Umphostoli uPetru wachaza: “Leliqiniso elilodwa malinganiphunyuki, bathandekayo, lokuthi usuku olulodwa kuJehova lunjengeminyaka eyinkulungwane neminyaka eyinkulungwane injengosuku olulodwa.”—2 Petru 3:8.

Khona-ke, uPetru uyaqhubeka ephikisa lokho uNkulunkulu amangalelwa ngakho, ukuthi uyadebesela noma uyazindela, ngokunezela ukuthi: “UJehova akephuzi ngokuqondene nesithembiso sakhe, njengoba abanye abantu becabangela ukwephuza, kodwa uyanibekezelela ngoba akafisi ukuba noma ubani abhujiswe kodwa ufisa ukuba bonke bafinyelele ekuphendukeni.”—2 Petru 3:9.

Ngakho, lapho iminyaka emisiwe isiphelile, uMdali uyokuqeda ukuphathwa kabi kweplanethi yethu enhle. Uyobe esevumele isikhathi esanele sokuba umuntu abonise ukuthi uhlulekile ukubusa noma ukuqeda impi, ubudlova, ubumpofu, ukugula nezinye izimbangela zokuhlupheka. Lokhu kuyoqinisekisa ngokoqobo lokho uNkulunkulu akusho kubantu ekuqaleni—ukuthi kumelwe balandele isiqondiso saphezulu ukuze baphumelele.—Genesise 2:15-17.

Ngokokugcwaliseka kwesiprofetho seBhayibheli, manje siphila engxenyeni yokugcina ‘yezinsuku zokugcina’ zalesi simiso sezinto esingamhloniphi uNkulunkulu. (2 Thimothewu 3:1-5, 13; Mathewu 24:3-14) Ukubekezelela kukaNkulunkulu ukuzibusa komuntu ngaphandle kwakhe nobubi nokuhlupheka sekuseduze ukuba kuphele. (Daniyeli 2:44) Ngokushesha kuzofika usizi olukhulu kakhulu leli lizwe elingakaze libhekane nalo, oluyofinyelela umvuthwandaba “empini yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke,” i-Armagedoni. (IsAmbulo 16:14, 16) Le mpi eqondiswa uNkulunkulu ngeke ibhubhise umhlaba, umsebenzi wezandla zikaNkulunkulu, kodwa ‘iyochitha labo abachitha umhlaba.’—IsAmbulo 11:18.

UMbuso KaNkulunkulu Weminyaka Eyinkulungwane

Kuyoba nezigidi zabantu abasindile emhlabeni lapho i-Armagedoni isidlulile. (IsAmbulo 7:9-14) Isiprofetho sezAga 2:21, 22 siyobe sesigcwalisekile: “Abaqotho bayakuhlala ezweni, abapheleleyo basale kulo. Kepha ababi bayakunqunywa ezweni, nabambuluzayo bayakusishulwa kulo.”

Injongo kaNkulunkulu iwukuba ngemva kwempi yokulunga ye-Armagedoni, kulandele inkathi ekhethekile yeminyaka eyinkulungwane. (IsAmbulo 20:1-3) Le nkathi iyoba ukuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane kweNdodana kaNkulunkulu, uKristu Jesu, njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu wasezulwini. (Mathewu 6:10) Phakathi nalokho kubusa okujabulisayo koMbuso phezu komhlaba, izigidi ezingenakubalwa ziyovuswa ebuthongweni bokufa zibuye zizophila nezigidi zabantu abasinde e-Armagedoni. (IzEnzo 24:15) Bonke bayobuyiselwa ekupheleleni, futhi—ekupheleni kokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane—umhlaba ekugcineni uyogcwala amadoda nabesifazane abaphelele, bonke abayinzalo ka-Adamu no-Eva. Injongo kaNkulunkulu iyobe isifezwe ngokumangalisayo nangempumelelo.

Yebo, injongo kaNkulunkulu iwukuba “‘asule zonke izinyembezi emehlweni abo, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.’ Futhi Lowo ohlezi esihlalweni sobukhosi wathi: ‘Bheka! Ngenza zonke izinto zibe zintsha.’” (IsAmbulo 21:4, 5) Ngokuqinisekile, leyo njongo iyofezeka esikhathini esizayo esiseduze.—Isaya 14:24, 27.

[Isithombe ekhasini 5]

Ezweni elisha likaNkulunkulu, abantu bayophila phakade ngenjabulo

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela