Ingabe UNkulunkulu Ukhona?—Izazi Zesayensi Ezithile Ziyaphendula
LAPHO ekhuluma ngokuba khona kukaNkulunkulu, uprofesa we-physics u-Ulrich J. Becker, we-Massachusetts Institute of Technology, wathi: “Ngingaba khona kanjani ngaphandle komdali? Angikaze ngiyizwe impendulo egculisayo kwezake zanikezwa kunale.”
Ingabe lokhu kwakuphikisana nemibono yakhe engokwesayensi? Impendulo yalo profesa eshukumisa ingqondo yathi, “Uma ungathola ukuthi liphenduka kanjani isondo elilodwa ‘ewashini’—ungaqagela ukuthi amanye ahamba kanjani, kodwa awunakusho ukuthi lokho kungokwesayensi futhi kungcono, ingasaphathwa eyokuthi ubani owenza isipilingi salo sihambe.”
Ngokuphambene nombono wabanye, ososayensi abaningi abahlonishwayo abawuphikisi umbono wokuthi ukhona uNkulunkulu—iNgcweti Ephakeme eyadala indawo yonke nabantu.
Cabangela ezinye izibonelo ezimbili kuleli phuzu. Lapho uprofesa wezibalo wasePrinceton University, uJohn E. Fornaess, ebuzwa ukuthi ucabangani ngokuba khona kukaNkulunkulu, waphendula: “Ngikholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona nokuthi wenza indawo yonke ngemininingwane yayo kusukela ezintweni ezincane kuya ezintweni eziphilayo kanye namaqoqo amakhulu emithala.”
Uprofesa we-physics uHenry Margenau, waseYale University, wathi wayeqiniseka ukuthi imithetho yemvelo yadalwa uNkulunkulu, enezela wathi: “UNkulunkulu wadala indawo yonke eyayingekho, okuyisenzo esenza kwaba khona isikhathi.” Wabe esephawula ukuthi encwadini ethi The Mystery of Life’s Origin, ososayensi abathathu bachaza ukuthi uMdali ungumthombo ongenakuphikwa owasungula ukuphila. Sisekela lo mbono, isazi sezinkanyezi uFred Hoyle sithi ukukholelwa ukuthi ingqamuzana yokuqala yaba khona ngengozi kunjengokukholelwa ukuthi isiphepho esigadla endaweni yokugcina izinsimbi ezingahlanganisiwe futhi ezisabalele zendiza i-Boeing 747 singayakha leyo ndiza.
Kulezi zimpendulo kunganezelwa amazwi omlobi weBhayibheli uPawulu: “Izimfanelo [zikaNkulunkulu] ezingabonakali zibonakala ngokucacile kusukela ekudalweni kwezwe kuye phambili, ngoba ziqondakala ngezinto ezenziwe, ngisho namandla akhe angunaphakade nobuNkulunkulu bakhe.”—Roma 1:20.
Yebo, uNkulunkulu ukhona ngempela! Kodwa kungani evumele lesi simo sanamuhla somhlaba esidabukisayo ukuba siqhubeke sikhona? Iyini injongo yakhe ngomhlaba? Ingabe singamazi ngempela uNkulunkulu weqiniso?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 3]
‘Uma ungathola ukuthi liphenduka kanjani isondo elilodwa ‘ewashini’—ungaqagela ukuthi amanye ahamba kanjani, kodwa . . . kungangcono ungayiphathi eyokuthi ubani owenza isipilingi salo sihambe’