Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g99 1/8 kk. 26-27
  • Uyini Umoya Ongcwele KaNkulunkulu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Uyini Umoya Ongcwele KaNkulunkulu?
  • I-Phaphama!—1999
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukusebenza Kwamandla
  • Imisebenzi Ehlukahlukene Yomoya Ongcwele
  • Siyawanikwa Amandla KaNkulunkulu
  • Uyini Umoya Ongcwele?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Kungani Kufanele Siqondiswe Umoya KaNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Ingabe Umoya Ongcwele Ungumuntu?
    I-Phaphama!—2006
  • Ukuqondiswa Umoya KaNkulunkulu Ekhulwini Lokuqala Nanamuhla
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1999
g99 1/8 kk. 26-27

Umbono WeBhayibheli

Uyini Umoya Ongcwele KaNkulunkulu?

“Manje lapho bonke abantu sebebhapathiziwe, uJesu naye wabhapathizwa, futhi njengoba ayethandaza, izulu lavuleka nomoya ongcwele usesimweni somzimba esinjengesejuba wehlela phezu kwakhe, futhi kwavela izwi ezulwini lithi: ‘wena uyindodana yami, ethandekayo; ngikwamukele.’”—Luka 3:21, 22.

EKHULUMA neqembu lezazi zefilosofi eGrisi yasendulo, umphostoli uPawulu wabiza uNkulunkulu ngokuthi “iNkosi yezulu nomhlaba.” UPawulu wathi nguye lo Nkulunkulu “owenza izwe nakho konke okukulo” futhi ‘onika bonke abantu ukuphila nomoya nazo zonke izinto.’ (IzEnzo 17:24-28) UNkulunkulu ukufeza kanjani konke lokhu? Ngomoya ongcwele, noma amandla akhe asebenzayo.

IBhayibheli lichaza nokuthi uNkulunkulu ‘unamandla amaningi nezikhwepha ezinkulu.’ (Isaya 40:26) Yebo, uNkulunkulu wadala indawo yonke, okubonisa ukuthi unamandla ayisimangaliso.

Ukusebenza Kwamandla

Akunembile ukuthi umoya ongcwele ungamandla kaNkulunkulu. Lokhu kungenxa yokuthi amandla angaba khona engabonakali, noma engasebenzi, kumuntu othile noma entweni ethile, njengamandla asebhetrini egcwele kodwa engakasetshenziswa. Nokho, imiBhalo ithi umoya kaNkulunkulu uyasebenza, njengamandla kagesi akhishwa yibhetri esebenzayo. (Genesise 1:2) Ngakho-ke, umoya ongcwele kaNkulunkulu ungamandla akhe asebenzayo.

Ngezinye izikhathi iBhayibheli likhuluma ngomoya ongcwele njengofeza imisebenzi ethile noma osendaweni ehlukile kweka Nkulunkulu. (Mathewu 28:19, 20; Luka 3:21, 22; IzEnzo 8:39; 13:4; 15:28, 29) Abanye abaye bafunda amavesi anjalo bacabanga ukuthi umoya ongcwele unesiqu sawo esihlukile kuNkulunkulu. Kungani imiBhalo ikhuluma kanjena? Ingabe umoya ongcwele uyinto ehlukile kuNkulunkulu?

Izinga lokuphila likaNkulunkulu uMninimandla onke lihluke ngokuphelele endalweni yakhe ebonakalayo. Ungumoya, asinakumbona ngenxa yokulinganiselwa kobunjalo bethu. (Johane 4:24) IBhayibheli lithi uJehova uNkulunkulu uhlala emazulwini nokuthi elapho, ubuka isintu. (IHubo 33:13, 14) Lokhu kuyaqondakala. UMdali kumelwe abe mkhulu kunezinto azisebenzisayo. Uyingcweti yazo, uyazilawula futhi uyazibumba.—Genesise 1:1.

Esendaweni yakhe yokuhlala engabonakali, uNkulunkulu angabangela ukuba izinto zenzeke noma nini nanoma kuphi. Ngakho-ke, akudingeki ukuba abe sendaweni lapho amandla akhe esebenza khona. Angathumela umoya wakhe ukuba uyofeza umsebenzi othile. (IHubo 104:30) Abantu banamuhla abasebenzisa izinto zasendlini eziqondiswa ngemishini bangakuqonda kalula lokhu. Namuhla siyawazi amandla angabonakali ezinto ezinjengogesi noma amaza e-infrared. Ngokufanayo, ngamandla akhe angcwele noma umoya ongabonakali, uNkulunkulu angafeza noma yini ahlose ukuyenza, ngaphandle kokusuka kwenye indawo aye kwenye.—Isaya 55:11.

Ezikhathini zeBhayibheli kungenzeka kwakunzima ukuqonda le ndaba. Ukuchaza ukuthi umoya ongcwele ungamandla azimele, ngokungangabazeki kwasiza abafundi ukuba baqonde ukuthi uNkulunkulu uwasebenzisa kanjani amandla akhe ngisho noma yena engekho kuleyo ndawo lapho lawo mandla esebenza khona. Lapho iBhayibheli lithi umoya ongcwele wenze into ethile, lisuke lisho ukuthi uNkulunkulu ngokwakhe usebenzise amandla akhe kubantu noma ezintweni ukuze afeze injongo yakhe.

Imisebenzi Ehlukahlukene Yomoya Ongcwele

UJehova wasebenzisa umoya ongcwele lapho edala zonke izinto eziphilayo nezingaphili. (IHubo 33:6) Futhi uNkulunkulu wawusebenzisa ukuze abhubhise isizukulwane sabantu abanobudlova nabangaphenduki ngozamcolo. (Genesise 6:1-22) UNkulunkulu wasebenzisa wona la mandla asebenzayo ukuze adlulisele ukuphila okuyigugu kweNdodana yakhe esibelethweni sentombi engumJuda uMariya.—Luka 1:35.

Ngezinye izikhathi, umoya waqinisa abantu ukuba bakhulume iqiniso ngesibindi phambi kwezitha zabo, befaka ukuphila kwabo engozini. (Mika 3:8) Futhi kunezenzakalo eziningi eBhayibhelini, ikakhulukazi eziphathelene nesiprofetho, lapho la mandla anika khona amadoda nabesifazane ukuqonda okukhethekile. Njengoba engekho umuntu ongabikezela ikusasa ngokunembile, lona umsebenzi ovelele owenziwa yilo moya.—2 Petru 1:20, 21.

Umoya futhi unganika abantu amandla amangalisayo. Ngokwesibonelo, ngalo moya, uJesu wayeqondisa amandla emvelo, elapha izifo, evusa ngisho nabafileyo. (Luka 4:18-21; 8:22-26, 49-56; 9:11) Umoya wasebenza ekuhleleni nasekuqiniseni amaKristu okuqala ukuba akhonze njengofakazi bakaNkulunkulu emhlabeni wonke.—IzEnzo 1:8; 2:1-47; Roma 15:18, 19; 1 Korinte 12:4-11.

Siyawanikwa Amandla KaNkulunkulu

Ingabe izinceku zikaNkulunkulu ezingabantu namuhla zingawuthola lo mthombo wamandla angapheli? Yebo! UNkulunkulu upha abantu bakhe isilinganiso esithile somoya ongcwele ukuze abasize baqonde futhi bafeze intando yakhe. Umoya wakhe uwunika labo abawucela ngobuqotho ngomthandazo, abanesisusa esihle senhliziyo nabenza ngokuvumelana nalokho akufunayo. (1 Korinte 2:10-16) Lowo moya unganikeza abantu abangaphelele “amandla angaphezu kwavamile,” ukuze bakwazi ukukhonza uNkulunkulu ngokwethembeka naphezu kwezithiyo. Ngokuqinisekile-ke, kuyisifiso sabo bonke abantu abesaba uNkulunkulu ukuthola nokulondoloza umoya kaNkulunkulu.—2 Korinte 4:7; Luka 11:13; IzEnzo 15:8; Efesu 4:30.

Maduzane uNkulunkulu uzosebenzisa la mandla amakhulu ukuze aqede ukungabi nabulungisa nokuhlupheka kuleli lizwe elibi, ngaleyo ndlela angcwelise igama lakhe elikhulu nelingcwele. Umoya ongcwele uyoba nethonya elihle kuwo wonke umhlaba, futhi izithelo zawo ziyobonakala kubo bonke, zilethe udumo kuMsunguli wawo.—Galathiya 5:22, 23; IsAmbulo 21:3, 4.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela