Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g98 10/22 kk. 28-29
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—1998
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imililo Yequbula EMexico
  • Ukuvivinya Umzimba Nobude Besikhathi Sokuphila
  • Izinswelaboya Eziyizinyoni?
  • Ukushintsha Izakhi Zofuzo
  • Imikhiqizo Yezolimo Ayinamsoco?
  • Ukwakha Izindlu Ezingenalo Ikhishi
  • Ubugebengu Nobandlululo Lobuhlanga
  • Kwakugade I-chip Enamandla
  • Inyamazane Eyivelakancane Iphinde Yatholakala EChina
  • Imidlalo Yokuvivinya Ingqondo
  • Umkhosi EMfuleni IGanges
  • Ingabe Izakhi Zethu Zofuzo Zisinqumela Kusengaphambili?
    I-Phaphama!—1996
  • Iphutha Likabani—Elakho Noma Elofuzo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Okukwenza Ube “Nguwe”
    I-Phaphama!—1995
  • Ukufuna Umphakathi Ophelele
    I-Phaphama!—2000
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1998
g98 10/22 kk. 28-29

Ukubuka Okwezwe

Imililo Yequbula EMexico

Imililo yequbula eyayisiqothule amahektare angaba ngu-140-000 maphakathi no-April eMexico iye yachazwa ngokuthi “inhlekelele yemvelo.” NgokukaJulia Carabias Lillo, unobhala kahulumeni waseMexico, kwase kuqubuke imililo yequbula engaba ngu-6800 eMexico ngaleso sikhathi kulokho okwabizwa ngokuthi inkathi yemililo embi kakhulu kule minyaka engu-57 edlule. Nakuba izinga lokushisa laliphakeme nemvula ingekho, imililo eminingi “yayibangelwe izenzo zabantu—ngenxa yokunganaki, ukuba budedengu, ngisho nangenxa yobugebengu,” kubika iphephandaba i-Universal. U-Octavio Escobar López, umqondisi wesifunda we-Natural Resources Committee, wathi: “Kuyothatha iminyaka engaba yishumi ukuphinde sibe nazo zonke izitshalo nezilwane eziye zasilahlekela ezinsukwini nje ezintathu.”

Ukuvivinya Umzimba Nobude Besikhathi Sokuphila

“Ukuhamba ngamandla isigamu sehora izikhathi eziyisithupha nje kuphela ngenyanga kubonakala kunciphisa ingozi yokufa [ngaphambi kwesikhathi] ngamaphesenti angu-44,” kubika i-New York Times mayelana nokuhlola kwamuva okuphathelene nobude besikhathi sokuphila. Abacwaningi baseFinland balandelela amabhangqa amawele angaba ngu-8000 iminyaka engaba ngu-19 futhi bathola ukuthi ngisho nabantu abazivivinya ngezikhathi ezithile “babenethuba elingamaphesenti angu-30 lokusinda ekufeni kunamawele angawuvivinyi umzimba.” Lokhu kuhlola kuyaphawuleka ngenxa yokuthi kwacatshangelwa izici zofuzo lapho kubhekwa ukuthi ukuzivivinya kuphumelela kangakanani. USteve Farrell, umcwaningi wezokuzivivinya owayengahilelekile kulokhu kuhlola, wathi: “Ngisho noma unezakhi zofuzo ezinephutha, lokhu kuhlola kubonisa ngokucacile ukuthi ukuvivinya umzimba kakhudlwana kungakusiza ukuba uphile isikhathi eside.”

Izinswelaboya Eziyizinyoni?

Amaphoyisa aseNingizimu Afrika avundulule umkhuba wokushushumbisa amadayimane ohilela ukusetshenziswa kwezinyoni. Amaphoyisa athi izisebenzi zasemayini yedayimane kahulumeni zifaka amajuba ezikhwameni zokudla noma ezingutsheni zokugqoka ezinkulu bese zingena nawo emayini. I-Los Angeles Times ibika ukuthi uma sezingaphakathi, zifaka amadayimane kulezi zinyoni bese zizidedela zindize. Amajuba angandiza ibanga elide nalawa matshe ayigugu. Kule minyaka embalwa edlule, kuye kwabanjwa izinyoni ezine ezazithwele amadayimane ayeshushumbiswa. Kwake kwatholakala ijuba linamadayimane angasikiwe anesisindo esingama-carat ayisithupha eboshelwe ngaphansi kwamaphiko alo. Kuze kube manje, sekuboshwe abantu abangaba ngu-70 ngenxa yokusebenzisa le ndlela. Leli phephandaba lathi izikhulu zale nkampani zilinganisela ukuthi idayimane elilodwa kwamathathu ambiwa kulo mfula wasendulo lebiwa izisebenzi ezingathembekile.

Ukushintsha Izakhi Zofuzo

Kule minyaka eyishumi edlule, ososayensi baye bathola okuningi ngokuphathelene nezakhi zofuzo okuthiwa zilawula izici eziyinkimbinkimbi nokuphazamiseka okuthile kubantu. Abanye ososayensi baye babikezela ukuthi ngolunye usuku, lokhu kuyokwenza abantu bakwazi ukushintsha izakhi zofuzo futhi bakhiphe izici abangazifuni. Ngokwesibonelo, i-New York Times ibika ukuthi uLee Silver, isazi sezinto eziphilayo sasePrinceton University, uthi izizukulwane zethu ziyohlakanipha kakhulu zibe nobungqabavu futhi ziyophila amakhulu eminyaka. Nokho, uJohn Horgan, umlobi wethi The End of Science, uthi: “Abacwaningi bathemba ukuthi bayokwazi ukushintsha ubuntu babantu ngokushintsha izakhi zofuzo. Kodwa kuze kube manje akukho nokukodwa kwalokhu kuzisholo okuthi izakhi zofuzo zibangela izici eziyinkimbinkimbi okuye kwaqinisekiswa ukuhlola kwakamuva.” Ngakho, uHorgan uyanezela: “Ngokuphawula ukuhluleka kwesayensi kanye nezinto ezinhle ezifinyelele, mhlawumbe ososayensi nabalobeli bamaphephandaba bayoveza umbono ongasontekile nothembekile wezinto ezingokoqobo ezingase zifinyelelwe yisayensi.”

Imikhiqizo Yezolimo Ayinamsoco?

Ingabe izithelo nemifino yanamuhla akunamsoco ngenxa yokuthi umhlabathi awusavundile? Ngokwezazi zenhlabathi, impendulo ingucha. I-University of California Berkeley Wellness Letter ithi: “Amavithamini asezitshalweni akhiwa yizitshalo ngokwazo.” Ngakho, uma inhlabathi ingenawo amaminerali adingekayo, izitshalo ngeke zikhule kahle. Isitshalo singase singaqhakazi, noma singamane nje sibune sife. Ukuze bavimbele lokhu, abalimi basebenzisa umquba ukuze inhlabathi ibe namaminerali. I-Wellness Letter ithi: “Uma izithelo nemifino oyithengayo kubonakala kunempilo, ungaqiniseka ukuthi inezakhamzimba okufanele ibe nazo.”

Ukwakha Izindlu Ezingenalo Ikhishi

Kulinganiselwa ukuthi ingxenye yokudla okudliwa e-Australia ayidlelwa ekhaya. Lo mkhuba ube nethonya elikhulu kangangokuba ezinye izindlu eSydney zakhiwa zingabi nalo ikhishi, kubika i-Courier-Mail. Ngaphezu kwalokho, ngenxa yokuthi abantu base-Australia bachitha imizuzu engaba ngu-20 kuphela belungisa ukudla, kuye kwadingeka ukuba izitolo eziningi ezinkulu e-Australia zishintshe uhlobo lokudla ezikuthengisayo. Umphathi woxhaxha lwezitolo ezinkulu eSydney uthi elase-Australia lilandela umkhuba oqale kwelase-United States, lapho ngokuvamile abantu bengadleli khona ekhaya.

Ubugebengu Nobandlululo Lobuhlanga

Abanye bathi ukwanda kobugebengu muva nje eGreece kubangelwa ukuthutheleka kwababaleki nabafuduki baseMpumalanga Yurophu nabasemazweni aseBalkan, ikakhulukazi e-Albania. URichardos Someritis, ongumlobeli wephephandaba i-Vima, uthi ukukhathazeka ngenxa yalokhu kwanda kobugebengu kuye kwabangela “ukuhlaselwa okudalwa ukwesaba nokubandlululwa” kwabantu abayizihambi abakulelo lizwe. Noma kunjalo, kuye kwaboniswa ukuthi abantu abayizihambi abahilelekile ezenzweni zokwaphula umthetho njengamaGreki. Ngokwesibonelo, leli phephandaba lithi ukuhlola kubonisa ukuthi “izenzo zobugebengu ezingu-96 kweziyikhulu zishoshozelwa [amaGreki].” USomeritis uthi: “Ubugebengu bubangelwa izizathu ezingokomnotho nezingokwenhlalo, hhayi ‘ezobuhlanga.’” Usola nemithombo yezindaba “ngokutshala inzondo nokubandlululwa ngokobuhlanga kwabantu abayizihambi” ngenxa yemibiko yayo esontekile yobugebengu eGreece.

Kwakugade I-chip Enamandla

Abagijimi ababesemjahweni wanonyaka iBoston Marathon babephethe okuthile okwengeziwe phakathi nawo wonke lo mjaho wamakhilomitha angu-42,2—i-microchip. Ngokukamagazini i-InformationWeek, ukuze kwaziwe ukuthi bakuphi, bonke abagijimi ababebhalisile babene-chip ye-computer ezingutsheni zabo. Lawa ma-chip ayeklanyelwe ukuba “afundwe yimishini yamaza omsakazo eyayiqhelelene ngebanga elingamakhilomitha amahlanu.” Khona-ke, isikhathi sabasubathi sasithunyelwa kubaphathi bomjaho, bona ababesifaka kuyi-Internet. Ngale ndlela, abalandeli bomjaho babengalandeleli abasubathi ababathandayo kuphela kodwa noma yimuphi umsubathi owayezama ukukhohlisa ngokungaligijimi lonke ibanga wayebanjwa yile mishini emisha.

Inyamazane Eyivelakancane Iphinde Yatholakala EChina

I-China Today ibika ukuthi “inyamazane empofu yaseTibet, okwakucatshangwa ukuthi ineminyaka engaphezu kuka-50 ishabalele, iphinde yatholakala eShannan Prefecture eSifundeni Esizibusayo SaseTibet.” Besekuyiminyaka eminingi imihlambi yale nyamazane empofu, engaba amamitha angu-1,2 ukuphakama nenesisindo esingamakhilogremu angaba ngu-110, incishiswe kakhulu abazingeli ababefuna izimpondo zayo eziyigugu. Impi kanye nokushintsha kwendawo nakho kuye kwaba neqhaza. Kulinganiselwa ukuthi sekusele lezi zinyamazane ezinhle ezingaba ngu-200, futhi zibhekwa njengezilwane ezisengcupheni yokushabalala.

Imidlalo Yokuvivinya Ingqondo

Ababeqhudelana kuyi-U.S. National Memory Championship yokuqala muva nje bavivinya amakhono abo ngokudlala imidlalo emihlanu evivinya ingqondo. Lezi zivivinyo zazihlanganisa ukukhomba ubuso babantu abavamile abayikhulu, ukusho ngekhanda inkondlo enemigqa engu-50 (kuhlanganise nezimpawu zolimi ezikuyo), ukubiza ngekhanda amabizo esiNgisi angu-125 (ngokulandelana kwawo), ukubiza uhla lwezinombolo ezingahleliwe kanye nokubiza inqwaba yamakhadi angu-52 (ashoviwe futhi abhekiswa phansi). Omunye owayekulo mqhudelwano, uWallace Bustello, wabahlaba umxhwele ayencintisana nabo ngokubiza ngekhanda izinombolo ezingu-109 ezilandelanayo ezazikhethwa nje noma yikanjani. Nokho, owawina wonke umqhudelwano kwakunguTatiana Cooley, oneminyaka engu-26 ubudala. Ngokwe-Daily News yaseNew York, yena noyise, oklama izimiso zokusebenza kweziphuphutheki zenkampani ethile yemishini yasemkhathini, babevame ukuncintisana ngezivivinyo zenkumbulo ekhaya. “Ngokuvamile kwakuwina mina,” kusho uTatiana.

Umkhosi EMfuleni IGanges

Izigidi zamaHindu zangena eMfuleni iGanges ngo-April lapho iKumbh Mela, noma umkhosi wezitsha zamanzi, ifinyelela emvuthwandaba. IKumbh Mela iwumkhosi wamaHindu wezinyanga ezintathu wokugubha isipho sokungafi. Lo mkhosi uba khona njalo ngemva kweminyaka emithathu futhi uzungeziswa emadolobheni amane aseNdiya, lawo ngokokulandisa, okuthiwa umpe lokungafi lwawela kuwo emhlabeni lapho onkulunkulu namademoni belubanga ezulwini. Esikhathini esidlule, ukunyathelana kwabantu begijimela ukuyogeza emanzini angcwele aseNdiya kuye kwaphumela ekufeni kwabaningi.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela