Ukuziphendukela Kwemvelo Akulona Iqiniso
Izinhlolo-vo zibonisa ukuthi abantu baseMelika abaningi bakholelwa ukuthi abantu bokuqala badalwa uNkulunkulu ngokuqondile hhayi ngenqubo yokuziphendukela kwemvelo kwezinto ezaziphila endulo. Kodwa kungani othisha abaningi besayensi eMelika beqokomisa ukuziphendukela kwemvelo okwenzeka ngengozi nokungenangqondo njengokuyiqiniso? UPhillip E. Johnson, uprofesa wezomthetho e-University of California eBerkeley uthi esinye isizathu siwukuthi “abasekeli bemfundiso kaDarwin abasadla ngoludala . . . yibona abaphethe iminyango yesayensi emayunivesithi amaningi.”
UJohnson uyaphawula: “Kwezinye izimo oprofesa besayensi yezinto eziphilayo baye banqatshelwa ukutshela abafundi ukuthi sikhona isizathu sokungabaza ukuthi izinqubo ezingenangqondo zokuziphendukela kwemvelo zazingase zidale izimangaliso zezinto eziphilayo futhi zazidala.”
UMurphy O’Dean ongusosayensi nongunjiniyela uyaphawula: “Esikhundleni sokulahla inkolelo-mbono engelona iqiniso, ‘isayensi yokuziphendukela kwemvelo’ ithambekele enkolelweni engenabufakazi yokuthi ‘ukuziphendukela kwemvelo kumelwe kube yiqiniso.’” Ubufakazi obungqubuzanayo nokuntuleka kobufakazi kushaywa indiva noma kushalazelwe.
Kungani? UMichael Behe, isazi sesayensi yamangqamuzana ezinto eziphilayo, uthi kuyi-Darwin’s Black Box: “Abantu abaningi, kuhlanganise nososayensi abaningi abavelele nabahlonishwayo, abafuni ukuba kube khona noma yini engabangelwanga yimvelo. Abafuni ukuba umuntu ongaphezu kwemvelo abe nethonya emvelweni.” Kodwa isayensi yangempela ayibushayi indiva ubufakazi obuphikisana nayo ukuze iqhubekisele phambili imibono ethandwayo. Futhi akubona bonke ososayensi abakukholelwayo ukuziphendukela kwemvelo.
Umagazini waseBrazil i-Veja wabuza uCarlo Rubbia, owawina umklomelo i-Nobel Prize for Physics ukuthi, “Ingabe uyakholelwa kuNkulunkulu?” Nakuba engavumanga ukuthi uNkulunkulu ungumuntu, kodwa wavuma: “Lapho uqaphelisisa imvelo, yilapho uqonda khona ukuthi kunokuhleleka okukhulu kuzo zonke izinto. Kuwukuhlakanipha okukhulu kangangokuba ngokubheka nje izenzakalo ezingokwemvelo ngifinyelela esiphethweni sokuthi ukhona uMdali.”
Amazwi akhe asikhumbuza amazwi omphostoli uPawulu mayelana noNkulunkulu: “Izimfanelo zakhe ezingabonakali zibonakala ngokucacile kusukela ekudalweni kwezwe kuye phambili, ngoba ziqondakala ngezinto ezenziwe, ngisho namandla akhe angunaphakade nobuNkulunkulu bakhe.”—Roma 1:20.