Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g98 8/8 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
  • I-Phaphama!—1998
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuqonda Inkinga Yokwesaba Ukungingiza
    I-Phaphama!—1997
  • Indlela Yokubhekana Namalimi
    I-Phaphama!—2010
  • Indlela Engikubekezelela Ngayo Ukungingiza
    I-Phaphama!—1998
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—1998
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1998
g98 8/8 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Ukubuka Okwezwe Ngingumlobeli wephephandaba, futhi abaningi engisebenza nabo bayakuthanda ukufunda ingxenye ethi “Ukubuka Okwezwe” ukuze bathole imibono abangayisebenzisa emsebenzini wabo. Ngiyavuma ukuthi nami ngiye ngashukunyiswa ezinye zalezi zihloko. Ngincoma ikakhulukazi abahumushi benu nabantu abafunda umsebenzi osuhunyushiwe. Ulimi olusezingeni eliphezulu kangaka aluvamile kwabezindaba.

J. B., Czechia

Eminyakeni eminingi edlule lapho ngiqala ukufunda i-Phaphama!, ingxenye ethi “Ukubuka Okwezwe” ngangingayijabuleli. Manje ngiyithola ifundisa ngempela. Empeleni, izenzakalo eziningi zezwe engangingakaze ngizibone ezindabeni ze-TV ziye zabikwa engxenyeni ethi “Ukubuka Okwezwe.” Phambili nomsebenzi wenu omuhle!

I. K. M. C., Brazil

Izifo Eziwumshayabhuqe Uchungechunge oluthi “Izifo Eziwumshayabhuqe—Ingabe Ziyoke Ziphele?” (November 22, 1997) lwathi: “Izifo ezithathelwanayo ziyimbangela yokufa ehamba phambili, zibulale abantu abayizigidi ezingaphezu kuka-50 ngo-1996 kuphela.” Nokho, umbiko we-World Health Organization ubonisa ukuthi kwabangaphezu kwezigidi ezingu-52 abafa ngo-1996, bangaphezu kwezigidi ezingu-17 ababulawa yizifo ezithathelwanayo noma ezibangelwa amagciwane.

B. B., United States

Iphuzu esaliveza salicaphuna ephephandabeni laseJalimane i-“Nassauische Neue Presse.” Kusobala ukuthi leli phephandaba lawucaphuna ngokungeyikho umbiko we-World Health Organization. Ngakho siyakwazisa ukucaciswa kwaleli phuzu.—ED.

Ukungingiza Ngiyabonga ngesihloko esithi “Ukuqonda Inkinga Yokwesaba Ukungingiza.” (November 22, 1997) Sinentsha embalwa enale nkinga ebandleni lakithi, futhi njalo bengizizwa ngingakhululekile ukuzihlanganisa nayo. Ngakho ngajabula ngokufunda ukusikisela okuwusizo enakunikeza ukuze kusisize sisebenzelane nabangingizayo. Nasishukumisela ukuba sibasekele abanjalo, futhi nasazisa ukuthi singakwenza kanjani.

Y. N., Japan

Ekilasini engifunda kulo esikoleni, kunabantu ababili abangingizayo. Cishe abaphenduli ekilasini, futhi njengoba isihloko senu sasho, lapho becelwa ukuba bafunde ngokuzwakalayo, kuba sobala ukuthi banovalo. Ngenxa yesihloko senu, sengikuqonda kangcono ukwesaba okufanele bakunqobe ukuze bakhulume ekilasini.

S. L., Germany

Ngineminyaka engu-16 ubudala, futhi ngiyangingiza. Ngifisa ukunibonga kakhulu ngesikhuthazo engasithola ngokufunda lesi sihloko. Ngezinye izikhathi sizizwa sidumele ngenxa yokuthi asikwazi ukwenza konke esingathanda ukukwenza. Ngakho kuhle ukubona indlela uJehova acabanga ngayo ngathi nasikhuthaza ngayo. Ngithemba ukuthi wonke umuntu ofunda lesi sihloko uyosizwa abone imizamo eyenziwa abangingizayo.

S. D. A., Italy

Lesi sihloko sabuyisa izinkumbulo eziningi ezibuhlungu. Kodwa futhi sangenza ngabona indlela uJehova akhathalela ngayo nendlela aye wangibusisa kakhulu ngayo eminyakeni edlule. Lapho ngibhapathizwa ngineminyaka engu-11 ubudala, isifiso senhliziyo yami sasiwukudumisa uJehova njengesikhulumi sasobala. Ngangicabanga ukuthi kuyomelwe ngilindele izwe elisha likaNkulunkulu ukuze ngifinyelele lowo mgomo. Kodwa phakathi nale minyaka engu-37 edlule, ngiye ngaba nelungelo lokunikeza izinkulumo zeningi eziningi kanye nezinkulumo phambi kwezilaleli emihlanganweni yesifunda neyesigodi.

R. F. D., England

Ngenxa yokuthi ngiyesaba ukungingiza, angiphenduli emihlanganweni yebandla. Ngisaba nokuthi ngizongingiza emsebenzini wokushumayela endlini ngendlu, ikakhulukazi uma ngisebenza nothile oyiqaphuqaphu. Lesi sihloko sangisiza ngabona ukuthi uJehova uyaziqonda izinkinga zami.

C. C. L., Brazil

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela