Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g98 8/8 k. 3-k. 5 isig. 3
  • Ukuthethelela Futhi Ukhohlwe—Ingabe Kungenzeka?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuthethelela Futhi Ukhohlwe—Ingabe Kungenzeka?
  • I-Phaphama!—1998
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amanxeba Angokwengqondo Nangokomzwelo
  • Kufanele Senzeni?
  • Ingabe Kufanele Sikukhumbule Osekwadlula?
    I-Phaphama!—1998
  • Izenzo—Zonya Liyini Ikhambi LikaNkulunkulu?
    I-Phaphama!—1998
  • Lalinjani Izwe Eminyakeni Engu-50 Edlule?
    I-Phaphama!—1995
  • Izwe Lanamuhla Elinonya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1998
g98 8/8 k. 3-k. 5 isig. 3

Ukuthethelela Futhi Ukhohlwe—Ingabe Kungenzeka?

SEKUPHELE isikhathi esingaphezu kwengxenye yekhulu leminyaka selokhu kwaphela iMpi Yezwe II, ngo-1945. Leyo mpi yembulunga yonke yaba enobudlova kakhulu necekela phansi kunazo zonke emlandweni wesintu.

IMpi Yezwe II yathatha iminyaka eyisithupha futhi yabulala abantu abangaba izigidi ezingu-50, kuhlanganise nezakhamuzi ezazingekho empini. Abanye abaningi bagogeka ngokomzimba, ngokwengqondo nangokomzwelo. Abaningi ababona leyo minyaka yempi yosizi, izinkumbulo ezibuhlungu zezenzo zonya ezenziwa, kanye nokulahlekelwa abathandekayo babo azikasuleki engqondweni.

Kunezinkumbulo zezenzo zonya ezenziwa amaNazi Ekuqothulweni Kwesizwe, okwabulawa kukho izigidi zabantu abangenacala. Kokubili eYurophu nase-Asia, izenzo zonya eziningi zenziwa amabutho ayehlasela, ebulala, edlwengula, ephanga impahla futhi ehlukumeza izakhamuzi. Kanti-ke, abantu abaningi baba yizisulu zezindiza ezihlomile, ezabhubhisa, zalimaza futhi zabulala amadoda, abesifazane nezingane eziningi ezingenacala. Abayizigidi ababesezinkundleni zempi emhlabeni wonke nabo babhekana nezimo ezinzima.

Amanxeba Angokwengqondo Nangokomzwelo

Amanxeba amaningi angokwengqondo nangokomzwelo abangelwa izenzakalo ezisabekayo zangesikhathi seMpi Yezwe II awakasuki ezingqondweni zabantu abaningi ababephila ngaleso sikhathi futhi abasaphila nanamuhla. Bangathanda ukuyikhohlwa yonke leyo micabango emibi nebuhlungu. Kodwa abakwazi ukwenza kanjalo. Kwabanye, imifanekiso yalezo zenzo ezishaqisayo iyabuya engqondweni ibahluphe njengephupho elisabisayo elibeleselayo.

Nokho, abanye abafuni ukukhohlwa, ngenxa yokuthi bafuna ukuziphindiselela noma bafuna ukuhlonipha inkumbulo yalabo abashona. Ngaphezu kwalokho, kunomuzwa osakazekile wokuthi umkhaya wesintu kumelwe uhlale uzikhumbula izenzo zobudlova zesikhathi esidlule ngethemba lokuthi izenzo zonya ezinjalo azisoze ziphindwe futhi.

Eminyakeni embalwa edlule, phakathi no-1994-95, umuzwa owawukhona ezikhumbuzweni zokugujwa kweminyaka engu-50 selokhu kwadlula i-D day (ukufika Kwamabutho Asizanayo eNormandy ngo-June 1944) futhi kwaphela impi yezwe yesibili eYurophu (ngo-May 1945) wabonisa ukuthi kofakazi abaningi bokuzibonela balezo zenzakalo, kunzima ngempela ukuthethelela futhi bakhohlwe. Ngokuvamile, noma imiphi imizamo yokubuyisana kwababeyizitha iyavinjelwa. Ngakho, omakad’ebona bempi baseBrithani benqaba ukumema abameleli baseJalimane ezikhumbuzweni zokufika Kwamabutho Asizanayo eNormandy.

Ngokuphathelene nezenzo zobudlova ezenziwa amaNazi eMpini Yezwe II nobunzima bokuthethelela nokukhohlwa, umbhali uVladimir Jankélévitch wathi: “Ngenxa yamacala ashaqisa kanjena, ukuthambekela okungokwemvelo . . . kuwukuba nentukuthelo nokulwa kanzima ukuze umuntu angakhohlwa futhi kubanjwe izigilamkhuba—njengoba amajaji eNkantolo yaseNuremberg yamabutho asizanayo athembisa—kuwo wonke umhlaba.” Yena lo mbhali waqhubeka: “Uma sihlanekezela amazwi omthandazo kaJesu ayewabhekise kuNkulunkulu eVangelini likaSanta Luka, singasho ngentokozo ukuthi: Nkosi, ungabathetheleli, ngoba bayakwazi abakwenzayo.”—Qhathanisa noLuka 23:34.

Kuyadabukisa ukusho ukuthi, kusukela ngo-1945 kuqhubeke, kuze kube manje, ezinye izenzo zonya ezingenakubalwa—eCambodia, eRwanda, eBosnia, uma sibala nje izindawo ezimbalwa—ziye zaqhubeka zingcolisa umhlaba ngegazi. Lezi zenzo zonya ziye zabulala izigidi zabantu, zashiya amanani amakhulu abafelokazi nezintandane, ukuphila okonakele nemicabango ehlasimulisayo.

Ngaphandle kokungabaza, leli khulu leminyaka lama-20 liye laba isikhathi sonya olungakaze lube khona ngaphambili. Kunjengoba isiprofetho seBhayibheli sabikezela endulo lapho sikhuluma ngale nkathi—abantu baye bazibonakalisa ‘benolaka’ futhi ‘bengenalo uthando ngobuhle.’—2 Thimothewu 3:1-5; IsAmbulo 6:4-8.

Kufanele Senzeni?

Lapho bebhekene nobulwane obunjalo, abantu basabela ngezindlela ezingafani. Kodwa kuthiwani ngathi? Ingabe kufanele sikhumbule? Noma kufanele sikhohlwe? Ingabe ukukhumbula kusho ukuba namagqubu ngalabo ababeyizitha zakho, unqabe ukubathethelela? Ngakolunye uhlangothi, ingabe ukuthethelela kusho ukuthi umuntu angakhohlwa ngomqondo wokuthi azesule ngokuphelele izinkumbulo ezimbi?

UJehova uNkulunkulu, uMdali wesintu, ucabangani ngamacala amabi aye enziwa esikhathini sethu nasezikhathini ezidlule? Ingabe uyobaxolela abenzi balezi zenzo? Futhi ingabe akwephuzile yini ngoNkulunkulu ukukhokhela ababulawa kulezi zenzo zonya? Ingabe likhona yini ithemba eliqinile lokuthi ziyoke ziphele izenzo zonya, njengoba bezilokhu zenzeka izinkulungwane zeminyaka? UNkulunkulu uMninimandla onke uyogcina ezilungise kanjani lezi zinkinga eziyinkimbinkimbi?

[Isithombe ekhasini 4]

Izingane zezisulu ezabulawa zibuthene ekamu lababaleki

[Umthombo]

UN PHOTO 186797/J. Isaac

[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]

U.S. Navy photo

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela