Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g98 6/22 k. 12-k. 14 isig. 6
  • Kuthiwani Uma Yena Engangithandi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kuthiwani Uma Yena Engangithandi?
  • I-Phaphama!—1998
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ubuhlungu Bokulangazelela Uthando
  • Ukuhlolisisa Imizwa Yakho
  • Ukubhekana Namaqiniso
  • Ukunqoba Ubuhlungu
  • Ngingamtshela Kanjani Ukuthi Angimthandi?
    I-Phaphama!—2001
  • Ngingamtshela Kanjani Ukuthi Ngizizwa Kanjani Ngaye?
    I-Phaphama!—2004
  • Kufanele Ngiyiphathe Kanjani Intombazane Ebonisa Ukuthi Iyangithanda?
    I-Phaphama!—2005
  • Kuthiwani Uma Ethi Cha?
    I-Phaphama!—2005
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1998
g98 6/22 k. 12-k. 14 isig. 6

Intsha Iyabuza . . .

Kuthiwani Uma Yena Engangithandi?

“Ngikhathazekile. Ngiyamthanda. Kodwa angazi ukuthi uzizwa kanjani ngami. Ngizokwenzenjani? Ngimtshele ukuthi ngizizwa kanjani? Cha, cha, ngeke ngikwenze lokho! Abanye bazothini ngami?”—UHuda.a

UHUDA, intombi yaseLebanon, wayethanda othile owayengamthandi yena. Lena akuyona inkinga engavamile. Enye intombi, okuthiwa uZeina, yayisesimweni esifanayo. Iyakhumbula: “Ngangimbona njalo ngoba wayengumakhelwane wethu. Wayeyigeza. Ngakho ngamthanda.”

Yiqiniso, akukho lutho olubi ngokuthanda othile—uma kuwukuthi umKristu angamshada ngokufanele lowo muntu. (IzAga 5:15; 1 Korinte 7:39) Futhi akukubi ngowesifazane osemusha ukuba afune ukugana abe nomkhaya. Kodwa kuthiwani uma uthanda othile ofanelekile ongayazi indlela ozizwa ngayo—noma ongazizwa ngendlela ozizwa ngayo?

Ubuhlungu Bokulangazelela Uthando

NjengoHuda, ungase uzizwe sengathi usesiyaluyalwini esingokomzwelo. Izikhathi ezijabulisa kakhulu ngokomzwelo zingase zilandelwe ngokushesha izikhathi eziqeda amandla ezicindezelayo. UZeina wathi: “Ngezinye izikhathi ngangizizwa njengentombazane ejabule kunawo wonke emhlabeni, kanti ngezinye izikhathi ngangizizwa ngidumele.” Uma umuntu ethanda othile kodwa lowo muntu engamthandi, lokhu kungabangela ukukhathazeka, ukuqwasha ebusuku ngisho nokucindezeleka.

Encwadini yezAga 13:12 iBhayibheli lithi: “Ithemba elilitshazisiweyo ligulisa inhliziyo.” Futhi uma amathemba engafezeki, kungakhungathekisa! Ungase uzithole ucabanga ngalo muntu ngaso sonke isikhathi, ulangazelela ukuzwa noma iziphi ezintsha ngaye. Ungase wenze amacebo okumenza akunake noma ubeke izaba ukuze ube naye. Futhi uma unaye, ungase ukuthole kunzima ukuziphatha ngendlela evamile.

Izimo zingase zixake nakakhulu uma lowo omthandayo ngezikhathi ezithile ekunaka ngokukhethekile kodwa ngezinye izikhathi enze sengathi akanasithakazelo nakancane kuwe. Ungase ube nomhawu lapho umbona enaka omunye umuntu noma ebonisa umusa ongatheni nenhlonipho kwabanye. IBhayibheli lithi: “Ulaka lulunya nentukuthelo iyisikhukhula, kepha ngubani ongema phambi komhawu na?”—IzAga 27:4.

UHuda wavuma: “Ngazizwa nginomhawu obabayo kangangokuthi ukube angizange ngizilungise izinto, ngangiyosangana.” Ungase futhi ube nemizwa yokuzinyeza. UHuda wathi: “Ngazisola ngokuthanda umuntu owayengangithandi nokuzizwisa ubuhlungu.”

Nakuba emazweni aseNtshonalanga intombi ingase izizwe ikhululekile ukumane nje iye ensizweni futhi iveze imizwa yayo, akuzona zonke izintombi ezingase zibe nalokho kuthambekela. Futhi kwamanye amasiko, kungase kubhekwe njengokungafanelekile noma njengokushaqisayo ukuba intombi ithathe isinyathelo kuqala. Yini-ke ongayenza uma uthanda othile ongakuthandi?

Ukuhlolisisa Imizwa Yakho

Okokuqala, zama ukuhlola imizwa yakho ngokuzola nangobuqotho. IBhayibheli liyaxwayisa: “Owethemba enhliziyweni yakhe uyisiwula.” (IzAga 28:26) Ngani? Ngoba ngokuvamile ukwahlulela kwenhliziyo yethu kuyadukiswa. (Jeremiya 17:9) Lokho esingase sithi uthando ngokuvamile kuba enye into. UHuda wavuma: “Ngangidinga ukunakwa nothando. Ngangidinga othile owayezongithanda futhi anginakekele. Kusukela ebuntwaneni ngangingazange ngiboniswe uthando. Lokho kwangilimaza ngokujulile.” Uma uvela emkhayeni ongenaluthando noma ohlukumezayo, nawe ungase uzizwe ulangazelele uthando nokuqashelwa. Kodwa ingabe ubudlelwane bothando buyikhambi ngempela?

Ngeshwa, abantu abazizwa bengajabule futhi benesizungu ngokuvamile ababi abangane bomshado abakahle. Bangena emshadwe-ni belindele ukuthola lokho abazizwa bekudinga ngempela. Nokho, injabulo yangempela siyithola ngokupha, hhayi ngokwamukela. (IzEnzo 20:35) Futhi owesifazane ukuhlomele kangcono ukunakekela umshado uma ezizwa enelisekile ngaye ngokwakhe futhi ‘enakekela, hhayi ngesithakazelo somuntu siqu izindaba zakhe kuphela, kodwa futhi enakekela ngesithakazelo somuntu siqu nezabanye.’—Filipi 2:4.

Lapho uzizwa ungaphansi kokucindezeleka kokuba ushade, kalula ungase ukhangeke ngokweqile lapho unakwa abobulili obuhlukile. Ngezinye izikhathi isifiso sentombi sothando sishoshozelwa abangane nomkhaya. Eminye imiphakathi ikugcizelela kakhulu ukuthi intombazane kumelwe ishade ngokushesha lapho isikhulile. Incwadi ethi Women in the Middle East ithi: “Uma owesifazane esecela eminyakeni engamashumi amathathu ubudala futhi engakashadi, umkhaya wakubo ukhathazeka kakhulu.” Ngenxa yokuthi kuhileleke udumo lomkhaya, ubaba angase azame ukushadisa amadodakazi akhe esemancane ngangokunokwenzeka.

Noma kunjalo, izimiso zeBhayibheli zibaluleke ngaphezu kwamasiko. Futhi imiBhalo ikhuthaza intsha ukuba ilinde kuze kube yilapho “sekudlule ukuqhuma kobusha” ngaphambi kokushada. (1 Korinte 7:36) Ngakho, kuthiwani uma unomuzwa wokuthi abangane noma abazali bakho bakucindezela ngokungafanele ukuba ushade? IBhayibheli lisitshela ukuthi intombazane engumShulamiti ehlonipha uNkulunkulu yayala abangane bayo ‘ukuba bangalunyakazisi, bangaluvusi uthando lungakavumi.’ (IsiHlabelelo seziHlabelelo 2:7) Mhlawumbe ukuveza imizwa yakho ngendlela eqine kanjalo kungaletha imiphumela, ikakhulukazi uma abazali bakho bemesaba uNkulunkulu.

Ukubhekana Namaqiniso

Noma kunjalo, ekugcineni kuyomelwe ubhekane namaqiniso ngomuntu onomuzwa wokuthi uyamthanda. Ukwenza kanjalo kungase kungabi lula futhi kungakubangela ubuhlungu obungokomzwelo. Kodwa imiBhalo iyayala: “Thenga iqiniso, ungathengisi ngalo.” (IzAga 23:23) Zibuze, ‘Ingabe nginesisekelo esinengqondo sokuthanda lo muntu? Kungakanani engikwaziyo ngempela ngaye? Yini engiyaziyo ngemicabango yakhe, imizwa, imibono, imikhuba, izindinganiso, amakhono nendlela yakhe yokuphila?’

Okunye okumelwe ukucabangele ukuthi ingabe lo muntu uye wasibonisa yini isithakazelo sangempela kuwe. Ngokuvamile, umusa nje ongatheni noma ubungane buyaye buqondwe ngokungeyikho. UHuda wathi: “Wayezama ukuba nomusa, kodwa mina ngacabanga ukuthi amazwi akhe nezenzo kubonisa ukuthi unesithakazelo kimi ngoba ngangifuna lokho kanye. Ngemva kokuqaphela ukuthi wayengenasithakazelo kimi, ngajabha. Ngaba nomuzwa wokuthi kwakungafanele abe nesithakazelo kimi nokuthi kwakunokuthile okungalungile ngami.”

Mhlawumbe uye wazizwa ngendlela efanayo ngenxa yokubhekana nesimo esifanayo. Nokho, qaphela ukuthi ukungamukeleki kwakho emehlweni alo muntu akusho ukuthi ngeke wamukeleke emehlweni omunye umuntu. Phela, lena akukuphela kwensizwa emhlabeni!

Ukunqoba Ubuhlungu

Nakuba kunjalo, kungase kuthathe isikhathi ukudambisa imizwa elimele. Yini engakusiza? Okunye kungaba ukuthulula isifuba ‘kumngane weqiniso’—umKristu ovuthiwe ongakunikeza indlebe. (IzAga 17:17) Mhlawumbe kunowesifazane okhulile ebandleni ongakhuluma naye. Abazali abangamaKristu bangafeza indima ebalulekile ekunikezeni usizo nokusekela. UZeina uyakhumbula: “Owesifazane ongumKristu ebandleni lakithi waqaphela ukuthi ngangicindezelekile futhi wayevuthwe ngokwanele ukuba angisize. Ngazizwa ngikhululekile lapho nginaye futhi ngamtshela konke. Wangikhuthaza ukuba ngikhulume nabazali bami. Ngakho ngakhuluma nabo, futhi bangiqonda base bengisiza.”

Khumbula namandla omthandazo. (IHubo 55:22) UHuda uthi: “Imithandazo yami kuJehova yangisiza ukuba nginqobe ubuhlungu engangibuzwa. Ngafunda nezihloko eziwusizo komagazini INqabayokulinda ne-Phaphama!” Ngaphezu kwalokho, kubalulekile ukungabi unkom’idla yodwa. (IzAga 18:1) Zihlanganise nabanye abantu. UZeina uyakhumbula: “Okunye okwangisiza, ukuthi ngazigcina ngimatasa futhi ngaba iphayona [umshumayeli wesikhathi esigcwele]. Ngandisa nobuhlobo bami nabanye besifazane ebandleni. Lokhu kwangisiza ngakhula ngokomoya.”

IBhayibheli liyakhuluma ‘ngesikhathi sokuthanda,’ futhi kungenzeka ukuthi ngokuhamba kwesikhathi uyohlangana nothile oyokuthanda nawe. (UmShumayeli 3:8) UJehova uNkulunkulu wadala abantu benesifiso sokujabulela izinjabulo zothando lwasemshadweni, futhi nawe ekugcineni ungase ulijabulele leli lungiselelo elihle loMenzi wethu Omkhulu. Okwamanje, kungani ungayisebenzisi ngokugcwele iminyaka yakho yokuba ongashadile, ‘ekhululekile ekukhathazekeni,’ njengoba kusho umphostoli uPawulu? (1 Korinte 7:32-34) Kungakhathaliseki ukuthi isimo siyini, ungaqiniseka ngokugcwaliseka kwesithembiso seBhayibheli esithi: “Uyavula isandla sakho [Jehova], usuthise ukufisa kwakho konke okuphilayo.”—IHubo 145:16.

[Imibhalo yaphansi]

a Amagama ashintshiwe ukuze abahilelekile bahlale bengaziwa.

[Isithombe ekhasini 13]

Ngezinye izikhathi, umusa uqondwa ngokungeyikho

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela