Ukukhetha Phakathi Kobaba Ababili
“Awuseyona indodana yami! Njengamanje phum’uphele lapha ekhaya, futhi ungaphinde ubuye uma ungakayiyeki leyo nkolo!”
NGAPHUMA nezingubo engangizigqokile kuphela. Ngalobo busuku kwakuqhuma iziqhumane ngaphandle futhi ngangingazi ukuthi ngizoshonaphi. Kwadlula iminyaka engaphezu kweyisithupha ngaphambi kokuba ngiphindele ekhaya.
Yini eyayingenza ubaba athukuthele aze axoshe indodana yakhe pho? Ake ngikuchazele-ke ukuthi kwaqala kanjani.
Ukukhulela Ezweni Eligcwele Inzondo
Abazali bami bahlala eBeirut, eLebanon, izwe elake laduma ngokuheha izivakashi. Nokho, kusukela ngo-1975 kuya ku-1990, leli dolobha laliyisikhungo sempi eqothulayo. Ngazalwa ngo-1969, ngiyizibulo ezinganeni ezintathu emkhayeni wama-Armenia. Ngakho-ke, ngiyakhumbula ukuthi ngesikhathi ngiseyingane kwakunokuthula.
Abazali bami babesonta e-Armenian Apostolic Church, kodwa umama wayesiyisa esontweni kabili kuphela ngonyaka—ngama-Easter nangoKhisimuzi. Ngakho-ke umkhaya wakithi wawungagxilile enkolweni. Nokho, ngayiswa esikoleni esiphakeme sabaVangeli, lapho ngafundiswa khona ngenkolo. Nangaleso sikhathi, inkolo ayizange ingithakazelise.
Into ama-Armenia ayeyifunde kusukela ebuntwaneni kwakuwukuzonda abantu baseTurkey. Phakathi neMpi Yezwe I, abaseTurkey babebulale amakhulu ezinkulungwane zama-Armenia futhi badla ingxenye enkulu yezwe lase-Armenia. Ngo-1920 ingxenye esempumalanga eyasala yaba i-republic yaseSoviet Union. Njengosemusha, ngangizimisele ukulwa ukuze ngiqiniseke ukuthi kwenziwa ubulungisa.
Ukushintsha Umqondo
Nokho, ngawo-1980 lapho sengiyibhobhodlana, izinto engazitshelwa umalume zaqala ukushintsha umqondo wami. Wathi uNkulunkulu uMninimandla onke ngokushesha uzolungisa konke ukungalungi. Wachaza ukuthi ngoMbuso, uJesu Kristu afundisa abalandeli bakhe ukuba bawuthandazele, ngisho nalabo ababulawa ekuqothulweni kwesizwe bayovuselwa ekuphileni emhlabeni.—Mathewu 6:9, 10; IzEnzo 24:15; IsAmbulo 21:3, 4.
Ngahlabeka umxhwele. Ngaqhubeka ngimbuza imibuzo ngifuna ukuzwa okwengeziwe. Lokhu kwaholela esifundweni seBhayibheli, esasiqhutshelwa emzini womunye uFakazi.
Njengoba ngangifunda ngoBaba wami wasezulwini, uJehova, futhi ngiya ngimthanda kakhulu, ngaqala ukwesaba ukuthi ngelinye ilanga ngiyobhekana nesinqumo esinzima—esokukhetha phakathi komkhaya wakithi noJehova uNkulunkulu.—IHubo 83:18.
Isinqumo Esinzima Ngoneminyaka Engu-17 Ubudala
Ngokuhamba kwesikhathi, umama wezwa ukuthi ngizihlanganisa noFakazi BakaJehova. Wathukuthela wagan’unwabu futhi wangitshela ukuba ngisiyeke isifundo sami seBhayibheli. Lapho ebona ukuthi ngangizimisele ngezinkolelo zami, wangisongela ngokuthi uzotshela ubaba. Ngaleso sikhathi, ngangingenandaba ngoba ngangicabanga ukuthi ngizokwazi ukusingatha isimo futhi ngizozikhulumela kubaba. Kodwa ngangishaye phansi.
Lapho ubaba ezwa ukuthi ngangizihlanganisa noFakazi BakaJehova, wathukuthela kakhulu. Wangesabisa ngokungixosha uma ngingasiyeki isifundo sami seBhayibheli. Ngamtshela ukuthi ngeke ngisiyeke ngoba lokho engangikufunda kwakuyiqiniso. Ngemva kokuthetha, ukuklabalasa, nokungethuka, waqala ukukhalisa okwengane. Wangincenga ukuba ngiyeke ukuhlangana noFakazi.
Ngahlukana kabili ngokomzwelo, phakathi kobaba ababili—uJehova nobaba. Ngangazi ukuthi bobabili bayangithanda kakhulu, futhi ngangifuna ukubanelisa bobabili; kodwa kwabonakala kungenakwenzeka. Ngangicindezeleke ngaphezu kwamandla ami. Ngatshela ubaba ukuthi ngangizokwenza lokho akufunayo, ngicabanga ukuthi ngangizobuye ngiqhubeke nesifundo sami futhi ngibe uFakazi lapho sengimdala. Ngangineminyaka engu-17 kuphela ubudala ngaleso sikhathi.
Ezinsukwini ezalandela ngaba namahloni ngalokho engangikwenzile. Ngaba nomuzwa wokuthi uJehova wayengajabule nokuthi ngangingathembelanga emazwini omhubi uDavide, owathi: “Ngokuba ubaba nomame bangishiyile, kodwa uJehova uzakungamukela.” (IHubo 27:10) Kodwa ngangisesesikoleni esiphakeme, futhi abazali bami yibo ababekhokhela izindleko zemfundo yami.
Ukuma Okuqinile Kunakuqala
Iminyaka engaphezu kwemibili, angizange ngimvakashele umalume noma ngithintane noFakazi nganoma iyiphi indlela, njengoba ngangazi ukuthi abazali bami babehlala bengigadile. Ngolunye usuku ngo-1989, lapho sengineminyaka engu-20 ubudala, ngahlangana noFakazi engangimazi. Wangicela ngomusa ukuba ngimvakashele. Njengoba ayengashongo lutho ngokufunda iBhayibheli, ngagcina ngimvakashele.
Ngokuhamba kwesikhathi, ngaqala ukufunda iBhayibheli nokuya emihlanganweni yoFakazi BakaJehova eHholo LoMbuso. Ngangifundela emsebenzini, lapho kwakungekho muntu owayengangiphazamisa. Ngenxa yalokho, ngabuqaphela kangcono ubuntu bukaJehova obunothando futhi ngakuqonda kangcono ukubaluleka kokuba nobuhlobo obuseduze naye nokubulondoloza ngaphansi kwanoma yiziphi izimo. Ngo-August walowo nyaka, ngaqala ngisho nokuhlanganyela nabanye lokho engangikufundile.
Kuze kube ngaleso sikhathi umkhaya wakithi wawungazi lutho. Nokho, ezinsukwini ezimbalwa kamuva, mina nobaba saphinde sajamelana, kodwa manje ngase ngikulungele kangcono ukubhekana naye. Wazama ukungibuza ngomoya ophansi: “Ndodana, kuyiqiniso yini ukuthi usahlangene noFakazi BakaJehova?” Wayehlengezela izinyembezi njengoba ayelindele ukuba ngiphendule. Umama nodadewethu babekhala buthule.
Ngachaza ukuthi ngangisanda kuqala ukuhlanganyela noFakazi nokuthi ngangizimisele ukuba ngomunye wabo. Lapho-ke, izinto zenzeka ngokuphazima kweso. Ubaba waklabalasa esho lawo mazwi asekuqaleni kwalesi sihloko. Wangixhakathisa ememeza ethi ngeke ngiphume ngiphila endlini. Ngakwazi ukuphunyula, njengoba ngangehla ngezitebhisi ngibaleka, ngezwa umfowethu omncane ezama ukwehlisa umoya kababa. “Kusukela manje kuqhubeke unguBaba wami,” ngithandaza kuJehova. “Ngikukhethile, ngicela unginakekele.”
Ukuphindisela
Ezinsukwini ezimbalwa kamuva, ubaba waya kwamalume, ecabanga ukuthi uzongithola khona. Wamhlasela futhi wafuna ukumbulala, kodwa kwalamula abanye oFakazi ababevakashile. Ubaba wahamba, wabasongela ngokuthi uzobuya. Wabuya ngokushesha, esephelezelwa amasosha ayehlome ngezibhamu. Bathatha labo Fakazi nomalume, owayegula kakhulu, babayisa esikhungweni sabo sezempi.
Kamuva baqala ukufuna abanye oFakazi kule ndawo. Indlu yomunye yahlaselwa. Izincwadi, kuhlanganise namaBhayibheli, zanqwatshelaniswa esitaladini zashiswa. Kodwa akugcinanga lapho. OFakazi abayisithupha baboshwa kuhlanganise nabanye abantu ababefunda nabo nje. Bonke bavalelwa endlwaneni ethile, baphenywa ngemibuzo, base beshaywa. Abanye bashiswa ngogwayi. Izindaba ngalezi zenzakalo zasakazeka njengomlilo wequbula emphakathini. Amasosha ayengifuna yonke indawo. Ubaba wawacela ukuba angifune aze angithole futhi angenze ngishintshe ingqondo yami, kungakhathaliseki ukuthi asebenzisa yiphi indlela.
Ezinsukwini ezimbalwa kamuva, amasosha angena egulukudela eHholo LoMbuso, lapho elinye lamabandla laliqhubela khona imihlangano. Batshela lonke ibandla—abesilisa, abesifazane nezingane—ukuba liphume ehholo. Babaphuca amaBhayibheli abo futhi babahambisa ngezinyawo babayisa esikhungweni sabo sezempi, lapho bafike baphenywa khona ngemibuzo.
Ukubalekela EGreece
Sonke lesi sikhathi nganginakekelwa umkhaya woFakazi owawukude nale ndawo enenxushunxushu. Ngemva kwenyanga ngalishiya leli lizwe ngaya eGreece. Uma ngifika lapho, nganikezela ukuphila kwami kuJehova uNkulunkulu futhi ngabhapathizwa ngibonisa ukuthi ngizinikezele.
EGreece ngezwa ukunakekela kothando lwabafowethu abangokomoya okwakungabantu bezizwe eziningi—kuhlanganise nabaseTurkey. Ngazibonela ngokwami ubuqiniso bamazwi kaJesu athi: “Akekho oshiyé indlu noma abafowabo noma odadewabo noma unina noma uyise noma abantwana noma amasimu ngenxa yami nangenxa yezindaba ezinhle ongeke athole ngokuphindwe kayikhulu manje kulenkathi yesikhathi, izindlu nabafowabo nodadewabo nonina nabantwana namasimu, kanye nokushushiswa, futhi esimisweni sezinto esizayo ukuphila okumi phakade.”—Marku 10:29, 30.
Ngahlala eGreece iminyaka emithathu eyalandela. Nakuba ngangimbhalela ubaba izikhathi eziningana, akazange angiphendule. Kamuva ngatshelwa ukuthi uma abangane bevakasha ekhaya futhi bembuza ngami, wayethi: “Anginandodana ebizwa ngalelo gama.”
Ukuhlangana Ngemva Kweminyaka Eyisithupha
Ngaphindela eBeirut ngayohlala khona ngo-1992, ngemva kokuphela kwempi. Ngatshela umngane ukuba atshele ubaba ukuthi ngifuna ukubuyela ekhaya. Waphendula ngokuthi ngingabuya—kuphela uma sengiyiyekile inkolo yami. Ngakho-ke ngahlala endaweni engangiyiqashile iminyaka emithathu eyalandela. Khona-ke, ngo-November 1995, ubaba wafika ngokungazelelwe emsebenzini futhi wacela ukungibona. Ngangingekho ngaleso sikhathi, ngakho-ke washiya umyalezo wokuthi ufuna ngifike ekhaya. Ngaqale angangakukholelwa. Ngakho, ngahamba ngayombona ngimadolo nzima. Kwakuwukuhlangana okuvusa imizwelo. Wathi akasenandaba nokuthi nginguFakazi nokuthi wayefuna ngibuyele ekhaya!
Namuhla ngikhonza njengomdala ongumKristu nanjengesikhonzi sesikhathi esigcwele ebandleni labantu abakhuluma isi-Armenia. Ngivamile ukuhlangana nabantu abanjengobaba abaphikisa amalungu emikhaya yabo ngoba efuna ukukhonza uJehova. Ngiyaqaphela ukuthi ubaba wayekholelwa ngobuqotho ukuthi wayenza into elungile ngokumelana nokukhulekela kwami. IBhayibheli liwahlomisa ngokuqondile amaKristu ngokusho ukuthi angakulindela ukuphikiswa umkhaya.—Mathewu 10:34-37; 2 Thimothewu 3:12.
Ngiyethemba ukuthi ngolunye usuku ubaba nawo wonke amalungu omkhaya wakithi bayohlanganyela nami ithemba leBhayibheli lezwe elingcono elizayo. Ngaleso sikhathi ngeke zisaba khona izimpi noma ukuqothulwa kwesizwe okukhulu, futhi abantu ngeke besaxoshwa emazweni abo noma bashushiswe ngenxa yokulunga. (2 Petru 3:13) Futhi ngaleso sikhathi abantu ngeke kusadingeka bakhethe into eyodwa ezintweni ezimbili abazithanda kakhulu.—Inikelwe.