Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g98 5/22 kk. 3-4
  • Kukhulunywa Ngesimo Sezulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kukhulunywa Ngesimo Sezulu
  • I-Phaphama!—1998
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukushintsha Kwesimo Sezulu Nekusasa Lethu—Okushiwo IBhayibheli
    Izihloko Ezengeziwe
  • Kwenzekani Ngesimo Sezulu?
    I-Phaphama!—2003
  • Ingabe Iplanethi EwuMhlaba Iyasongelwa?
    I-Phaphama!—2008
  • Ubuciko Nesayensi Yokubikezela Izulu
    I-Phaphama!—2001
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1998
g98 5/22 kk. 3-4

Kukhulunywa Ngesimo Sezulu

KUNGAKHATHALISEKI ukuthi uhlalaphi nokuthi ungubani, isimo sezulu siyakuthinta ukuphila kwakho. Uma kubonakala sengathi lizobe libalele futhi lishisa, ugqoka izingubo ezilula. Uma kubanda, ugqoka ijazi nesigqoko. Kuthiwani uma lina? Uthatha isambulela.

Ngezinye izikhathi, siyasijabulela isimo sezulu; kanti ngezinye izikhathi, siyasidumaza. Ngezikhathi ezithile, siba nemiphumela ebhubhisayo njengeziphepho, izivunguvungu, isomiso, iziphepho zeqhwa, noma izimvula ezinkulu. Kungakhathaliseki ukuthi uyasithanda noma awusithandi, uyasigxeka noma usishaya indiva, isimo sezulu sihlala sikhona, sithonya ukuphila kusukela mhla sizalwa size siyofa.

Othile wake wathi: “Bonke abantu bakhuluma ngesimo sezulu, kodwa akukho muntu owenza okuthile ngaso.” Ngempela, bekulokhu kubonakala sengathi asinawo amandla okushintsha isimo sezulu. Nokho, ososayensi abaningi abasakukholelwa lokho. Bathi ukuphumela kwesikhutha namanye amagesi emkhathini wethu kushintsha isimo sethu sezulu sesikhathi eside.

Ngokusho kochwepheshe, lunjani lolu shintsho oluzayo? Mhlawumbe impendulo enegunya kakhulu eye-Intergovernmental Panel on Climate Change (IPCC), eyatholwa ngenxa yezazi zezulu, zezomnotho nochwepheshe abahlaziya izingozi abangaphezu kuka-2500 basemazweni angu-80. Embikweni wayo wango-1995, i-IPCC yaphetha ngokuthi isimo sezulu somhlaba siya sifudumala. Phakathi neminyaka eyikhulu ezayo, uma isimo siqhubeka ngale ndlela, kungenzeka isimo sezulu senyuke ngezinga elingaba ngu-3,5°C.

Nakuba ukwenyuka kancane kwezinga lokushisa kungase kuzwakale njengento engakhathazi, ukushintsha kancane kwezinga lokushisa lomhlaba kungaba inhlekelele. Abaningi babikezela okulandelayo eminyakeni eyikhulu ezayo.

Ukushintsha kakhulu kwesimo sezulu kwezinye izindawo. Ezindaweni ezithile, isomiso singathatha isikhathi eside, kuyilapho kwezinye izindawo kungana imvula enkulu. Izivunguvungu nezikhukhula zingaba namandla; iziphepho zibhubhise kakhulu. Nakuba izigidi sezibulawa izikhukhula nendlala kakade, ukufudumala kwembulunga yonke kungandisa inani labafayo.

Ingozi enkulu kwezempilo. Izifo nokufa okubangelwa ukushisa kunganda. Ngokwe-World Health Organization, ukufudumala kwembulunga kungasakaza izilokazane ezithwala izifo zasezindaweni ezishisayo, ezinjengomalaleveva nodenga. Ngaphezu kwalokho, ukuncipha kwamanzi ahlanzekile ngenxa yokushintsha kwezimvula neqhwa kungabangela ukwanda kwezifo ezithile ezisemanzini nasekudleni kanye namagciwane.

Izindawo ezingokwemvelo zingasongelwa. Amahlathi namaxhaphozi, okuhlanza umoya namanzi esiwaphuzayo, kungaba sengozini ngenxa yesimo sezulu esifudumele nokushintsha kwezimvula. Kungavama imililo yasemahlathini futhi ibe mikhulu.

Ukwenyuka kwamanzi asolwandle. Labo abahlala ezindaweni ezisogwini kungadingeka bathuthe ngaphandle uma kungasungulwa izindlela ezibizayo zokunqanda ulwandle. Ezinye iziqhingi zingacwila ngokuphelele.

Ingabe ukwesaba okunjalo kunengqondo? Ingabe isimo sezulu emhlabeni siya sifudumala? Uma kunjalo, ingabe abantu banecala? Njengoba kukuningi kangaka okuhilelekile, akumangalisi ukuthi ochwepheshe banempikiswano eshubile ngale mibuzo. Izihloko ezimbili ezilandelayo zihlola ezinye zezimpikiswano ezihilelekile bese zidingida umbuzo othi sikhona yini isidingo sokuba sikhathazeke ngekusasa leplanethi yethu.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela