Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ukuziphendukela Kwemvelo Kuqhathaniswa Nendalo Uchungechunge oluthi “Saba Khona Kanjani? Ngengozi Noma Ngokuklanywa?” (May 8, 1997) lwalubhalwe ngendlela ecacile, elula nenengqondo. Kwangithakazelisa ukubona amakhasi amaningi afakazela indalo ngokwesayensi. Imifanekiso yayigculisa. Ngakujabulela ngokukhethekile ukuphinde ngifunde ngengqamuzana nezingxenye zalo. Ukucabanga ngomsebenzi we-mitochondrion nama-Golgi body into engayigcina esikoleni, ngakujabulela ngempela.
J. S., United States
Njengomfundi wesayensi yezinto eziphilayo nosekunesikhathi eside ekholelwa ukuthi uNkulunkulu akaziwa, ngifisa ukubonga ngalezi zihloko. Nakuba lezi zihloko zazenziwe lula kakhulu kwezinye izindawo . . . , kodwa zakhuluma ngenkinga yangempela ngenkolelo-mbono yokuziphendukela kwemvelo ekhona: inkolelo yososayensi cishe emhlabeni wonke yokuziphendukela kwemvelo ngokuzikhethela kwayo ivelele, naphezu kokuba ubufakazi bungahlangani. Isayensi kumelwe iqhubeke ivuma ukuhlolwa abagxeki ukuze ikufanelekele ukubizwa ngokuthi yisayensi. Ekubhekiseleni kuyinkolelo-mbono kaNeo-Darwin njengenephutha, anibonakalisi nje kuphela ukholo kuJehova kodwa nisiza nocwaningo lwesayensi lwesikhathi esizayo. Ngiyabonga.
A. S., United States
Ukuthutha Ngasijabulela kakhulu isihloko esithi “Bala Izindleko Zokuthutha!” (May 8, 1997) Ngibhekana nakho konke lokhu enakusho. Njengoba ngathutha e-Afrika ngaya eYurophu, ngibhekana njalo nokuphathwa kabi ngenxa yohlanga, ulimi, ibala lesikhumba, futhi ngaphezu kwakho konke ngiyabandlululwa. Umthombo wezindaba odumile uye wanikeza abantu umbono ohlanekezelwe ngabantu abaNsundu nangabo bonke abantu abayizifiki.
P. A., Germany
Ezokuzijabulisa Ngiyabonga ngesihloko esithi “Kwenzekeni Kwezokuzijabulisa?” (May 22, 1997) Ngineminyaka engu-12 ubudala, futhi ngesikhathi samaholide esikole bengibukela kakhulu i-TV. Lesi sihloko siye sangisiza ukuba ngibone ukuthi kunezinye izinto zokuzijabulisa engingazenza.
J. L., England
Ukushumayela Emaphandleni Ase-Afrika Ngithanda ukubonga ngesihloko esithi “Lokho Inkukhu Ekuxosha Emvuleni . . .” (May 22, 1997) Ngiyakwazisa ukuzinikela nokukhuthazela kwabafowethu baseNigeria. Ngisho noma kwakudingeka babhekane nezinyoka, izingwenya neminyundu, uthando lwabo ngabantu lwabashukumisela ukuba baqhubeke. Uma ngiya ensimini futhi ngizwa kushisa noma ngikhathala, ngizocabanga ngabafowethu abathandekayo baseNigeria.
S. S., United States
Ukuziphatha Ngokobulili—Ukushintsha Kwezimo Zengqondo Ngifisa ukuzwakalisa ukubonga kwami okuqotho ngochungechunge oluthi “Ukuziphatha Ngokobulili—Okushiwo Ukushintsha Kwezimo Zengqondo.” (June 8, 1997) Lwaluqinisa kakhulu ukholo lwami. Indoda engumakhelwane yayisanda kungitshela [ngingowesifazane] ukuthi ‘ngikhubazekile ngokomzimba’ ngoba ngineminyaka engu-19 ubudala kodwa ngiseyintombi ntò. Ngiyajabula ukuthi ngakwazi ukumtshela ukuthi ngiphila sáka kokubili ngokomzimba nangokomoya emehlweni kaJehova.
W. M. C. C., Zimbabwe
Ukubhekisela kwenu ‘ezakhini zofuzo zokuziphatha okuxekethile’ okusekhasini 10 kuyiphutha. Njengomfundi ongakaphothuli owenza unyaka wesine ezifundweni zesayensi yezinto eziphilayo, nginganitshela ukuthi “izakhi zofuzo zokuziphatha okuxekethile” zibhekisela ezakhini ezikuyi-chromosome ezihamba phakathi kuyi-chromosome noma ziphume ziye kwenye i-chromosome. Azihlangene nokuziphatha.
L. P., Canada
Umusho othi uNkulunkulu akasidalanga ‘sinezakhi zofuzo zokuziphatha okuxekethile’ empeleni wawubhekisele enkulumweni yombhishobhi waseSheshi wase-Edinburgh, eScotland, ingxenye yayo eyayisekhasini 4 laleyo “Phaphama!” Umbhishobhi wathi “UNkulunkulu . . . usinikeze izakhi zofuzo zokuziphatha okuxekethile”—ngokusobala ezama ukuthethelela ukuziphatha okuxekethile. Isihloko sethu sasidalula ubuwula bamazwi anjalo.—ED.