Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g98 2/22 k. 25-k. 27 isig. 6
  • Yini Engalungile Ngokuziqhenya Ngohlanga?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yini Engalungile Ngokuziqhenya Ngohlanga?
  • I-Phaphama!—1998
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuziqhenya Okufanele Nokungafanele
  • Umsuka Wokuziqhenya Ngohlanga
  • Imibono Eyiphutha Yokuphakama Kohlanga
  • Lapho Zonke Izinhlanga Zihlala Ndawonye Ngokuthula
    I-Phaphama!—1993
  • Ngingayinqoba Kanjani Imizwa Yobandlululo Lwezinhlanga?
    I-Phaphama!—1988
  • Ingabe Ukuziqhenya Kubi?
    I-Phaphama!—1999
  • Ingabe UNkulunkulu Uthanda Uhlanga Oluthile Ngaphezu Kwezinye?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1998
g98 2/22 k. 25-k. 27 isig. 6

Intsha Iyabuza . . .

Yini Engalungile Ngokuziqhenya Ngohlanga?

“Othile kwengifunda nabo esikoleni njalo ukhuluma ngezinhlanga nangebala labanye abantu,” kukhalaza uTanya oneminyaka engu-17 ubudala. “Ezingxoxweni zakhe eziningi, uthi yena ungcono kunabanye.”

KUNGOKWEMVELO ukuba umuntu aziqhenye ngomkhaya wakubo, isiko, ulimi noma indawo azalelwa kuyo. “Mina ngingowaseVietnam,” kusho intombazane eneminyaka engu-15 ubudala uPhung, “futhi ngiyaziqhenya ngesizinda sami.”

Nokho, ngokuvamile ukuziqhenya ngohlanga kuhambisana nokubandlulula ezinye izinhlanga. Ngakho lokhu kuziqhenya kungafana nomdlavuza kancane kancane oqeda ubuhlobo, ngisho noma kufihlwe ngokuba nomusa. UJesu Kristu wathi: “Umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.” (Mathewu 12:34) Futhi imizwa ejulile yokuba phezulu kunabanye—noma yokweyisa—ngokuvamile iyavela, ibangele ubuhlungu.

Ngezinye izikhathi ukuziqhenya ngohlanga kungabangela ubudlova. Muva nje kuye kwabangela izimpi, udlame, “nokuhlanzwa kohlanga” okuchitha igazi. Nokho, akudingeki ukuba uze ubone ukuchitheka kwegazi ukuze ubone ukuthi ukuziqhenya ngohlanga kubi kangakanani. Ngokwesibonelo, ingabe uyakubona esikoleni, emsebenzini noma komakhelwane? “Yebo, ngokuqinisekile,” kuchaza omusha ongumKristu okuthiwa nguMelissa. “Abanye abantwana engifunda nabo esikoleni bahlekisa ngezingane ezingawaphimiseli kahle amagama, futhi bathi bangcono kunazo.” UTanya ubika okufanayo: “Esikoleni ngiye ngezwa izingane zilimisa ngesihloko zithi kwezinye: ‘Ngingcono kunawe.’” Kokunye ukuhlola okwenziwa e-United States, cishe ingxenye yalabo okwaxoxwa nabo yathi yayike yabhekana nohlobo oluthile lokubandlululwa ngokohlanga onyakeni ongaphambili. “Ukungezwani kwezinhlanga kubi ngempela esikoleni engifunda kuso,” kusho osemusha okuthiwa nguNatasha.

Ake sithi uhlala ezweni okuthutheleka kakhulu kulo abantu abavela kwamanye amazwe, okwenza kube noshintsho olukhulu esikoleni senu, endaweni ohlala kuyo noma ebandleni lobuKristu. Ingabe lokho kukwenza ungakhululeki? Kungenzeka ukuthi awuqapheli ukuthi lokho kubangelwa ukuziqhenya ngohlanga.

Ukuziqhenya Okufanele Nokungafanele

Ingabe lokho kusho ukuthi ukuziqhenya akufanele nhlobo? Akunjalo. IBhayibheli libonisa ukuthi ukuziqhenya okufanele kunendawo yako. Lapho umphostoli uPawulu ebhalela amaKristu aseThesalonika, wathi: “Nathi ngokwethu siyaziqhenya ngani phakathi kwamabandla kaNkulunkulu.” (2 Thesalonika 1:4) Ngokufanayo, ukuzazisa okusesilinganisweni kunempilo futhi kufanele. (Roma 12:3) Ngakho akukubi ukuziqhenya ngokusesilinganisweni ngohlanga lwakho, umkhaya, ulimi, ibala noma indawo owazalelwa kuyo. Ngokuqinisekile uNkulunkulu akanakufuna ukuba sizizwe sinamahloni ngalezo zinto. Lapho kucatshangwa ukuthi umphostoli uPawulu wayeyisigebengu saseGibithe, akazange anqikaze ukusho ukuthi: “Eqinisweni, ngingumJuda waseTarsu eKhilikhiya, isakhamuzi somuzi ongasithekile.”—IzEnzo 21:39.

Nokho, ukuziqhenya ngohlanga kuba kubi lapho kuthuthukisa umuzwa wokuzazisa ngokweqile noma uma kubangela ukuba ubabukele phansi abanye. IBhayibheli lithi: “Ukumesaba uJehova kungukuzonda okubi; ukuzidla, nokuzikhukhumeza, nendlela embi, nomlomo wobuphoxo, ngiyakuzonda.” (IzAga 8:13) Futhi izAga 16:18 zithi: “Ukuzidla kuyandulela ukubhujiswa.” Ukuqhosha ngokuthi ungowohlanga oluphakeme kuyenyanyeka kuNkulunkulu.—Qhathanisa noJakobe 4:16.

Umsuka Wokuziqhenya Ngohlanga

Yini ebangela ukuba abantu baziqhenye ngokweqile ngohlanga lwabo? Incwadi ethi Black, White, Other, kaLise Funderburg, ithi: “Abantu abaningi, indlela abazizwa ngayo ngohlanga, (nehlala isikhathi eside kunayo yonke) bayithola kubazali nasemindenini.” Kuyadabukisa ukuthi ngokuvamile imibono edluliselwa abanye abazali ayilinganiseli noma isontekile. Enye intsha ingase itshelwe ngokuqondile ukuthi abantu bohlanga lwayo baphakeme futhi abolunye uhlanga bahlukile noma baphansi. Nokho, ngokuvamile enye intsha ivele nje iqaphele ukuthi abazali bayo abanandaba nabantu bezinye izinhlanga. Nalokhu kungaba nethonya elinamandla endleleni ecabanga ngayo. Ukuhlola kwembula ukuthi nakuba intsha ingase ingaboni ngaso linye nabazali ezindabeni zezingubo zokugqoka noma emculweni, iningi lentsha linemibono efana neyabazali endabeni yezinhlanga.

Izimo zengqondo ezingalinganiseli ngokuphathelene nezinhlanga zingabangelwa ukucindezela noma ukuphathwa kabi. (UmShumayeli 7:7) Ngokwesibonelo, othisha baye baphawula ukuthi izingane zamaqembu okuthiwa awabaphansi ngokuvamile azinakho ukuzihlonipha. Ukuze bakulungise lokho, abanye othisha baye bakha uhlelo lwezifundo zesikole olufundisa izingane umlando wohlanga lwazo. Ngokuthakazelisayo, abagxeki abathile bathi lokhu kugcizelela ukuqhosha ngohlanga kumane nje kubangele ukubandlulula ezinye izinhlanga.

Lokho umuntu ake abhekana nakho, nakho kungaba nesandla ekubeni nesimo sengqondo esingesihle ngezinhlanga. Ukuphathwa kabi umuntu wohlanga oluhlukile kungase kukwenze ukuba uphethe ngokuthi wonke amalungu alolo hlanga anesicefe noma ayazazisa. Imizwa emibi ingaba khona futhi lapho abezindaba begxila ezingxabanweni zezinhlanga, ezenzweni zamaphoyisa zonya, kanye nasemibhikishweni noma bekhuluma kabi ngezizwe ezithile.

Imibono Eyiphutha Yokuphakama Kohlanga

Kuthiwani ngalokho okushiwo abanye ukuthi uhlanga lwabo lunegunya lokuzizwa luphakeme kunezinye? Empeleni wona kanye umqondo wokuba abantu bahlukaniswe ngezinhlanga awuzwakali. Isihloko esasikuyi-Newsweek sabika: “Izazi zesayensi eziye zayihlola indaba yezinhlanga, zithole ukuthi uhlanga luwumqondo ongachazeki.” Yiqiniso, kungase kube khona “ukungafani okuphawulekayo ebaleni lesikhumba, uhlobo lwezinwele kanye nendlela amehlo nekhala okume ngayo.” Nokho, i-Newsweek yathi “lo mehluko umane nje ungaphandle—ngisho naphezu kwemizamo emikhulu, izazi zesayensi ziye zehluleka ukuthola ukungafani okuphawulekayo okuhlukanisa elinye iqembu kwelinye. . . . Iphuzu eliyinhloko, ezazini zesayensi eziningi ezisebenza kule mikhakha, liwukuthi uhlanga lumane nje ‘luwumbono owakhiwe umphakathi’—ingxubevange eyonakele yobandlululo, inkolelo-ze nenganekwane.”

Ngisho noma bekungatholakala umehluko ongokwesayensi phakathi kwezinhlanga, umqondo wohlanga “olungaxutshiwe” uyiphupho. I-New Encyclopædia Britannica iyaphawula: “Azikho izinhlanga ezingaxutshiwe; wonke amaqembu ezinhlanga akhona axubile.” Kungakhathaliseki ukuthi ikuphi, iBhayibheli lifundisa ukuthi “[uNkulunkulu] wenza ngomuntu oyedwa zonke izizwe zabantu.” (IzEnzo 17:26) Kungakhathaliseki ukuthi ibala lesikhumba linjani, uhlobo lwezinwele, noma izici zobuso, empeleni kunohlanga olulodwa—uhlanga lwesintu. Bonke abantu bahlobene ngenxa kakhokho wethu u-Adamu.

AmaJuda akudala ayekuqaphela kahle ukuthi zonke izinhlanga zinomsuka owodwa. Nokho, ngisho nangemva kokuba esebe amaKristu, amanye abambelela enkolelweni yokuthi ayephakeme kunabangemaJuda—kuhlanganise nalabo ababekholwa nabo abangemaJuda! Umphostoli uPawulu wawuchitha umqondo wokuphakama ngokohlanga ngokuba asho njengoba kulotshwe kumaRoma 3:9: “AmaJuda kanye namaGreki bonke bangaphansi kwesono.” Khona-ke alikho iqembu lohlanga oluthile olungaqhosha ngokuthi lukhethekile kuNkulunkulu. Empeleni, abantu ngabanye bangakwazi ukuba nobuhlobo noNkulunkulu ngokuba nokholo kuJesu Kristu kuphela. (Johane 17:3) Futhi kuyintando kaNkulunkulu ukuba “zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.”—1 Thimothewu 2:4.

Ukuqaphela kwakho ukuthi zonke izinhlanga ziyalingana emehlweni kaNkulunkulu kungaba nethonya elikhulu endleleni ozibheka ngayo wena nabanye abantu. Kungakushukumisela ukuba ubaphathe ngenhlonipho abanye, uqaphele futhi ukuthande ukwehluka kwabo. Ngokwesibonelo, uMelissa osemncane okukhulunywe ngaye ngaphambili, akahlanganyeli nezingane afunda nazo ekuhlekeni intsha engawaphimiseli kahle amagama. Uthi: “Labo abakwazi ukukhuluma izilimi ezimbili ngibabheka njengabahlakaniphile. Nakuba ngingathanda ukukhuluma olunye ulimi, ngikwazi ukukhuluma olulodwa kuphela.”

Khumbula futhi ukuthi nakuba abantu bohlanga lwakini nesizinda sakini benokuningi kokuziqhenya ngakho, nezinye izinhlanga zinakho. Nakuba kungase kube nengqondo ukuziqhenya ngezinga elithile ngesiko lakini nangalokho okwafezwa okhokho bakho, kwanelisa kakhulu ukuziqhenya ngalokho wena oye wakufeza ngomzamo wakho nangokuzikhandla! (UmShumayeli 2:24) Empeleni, kunento eyodwa kuphela iBhayibheli elikukhuthaza ukuba uziqhenye ngayo. Njengoba uJeremiya 9:24 esho, uNkulunkulu ngokwakhe uthi: “Ozibongayo makazibonge ngalokhu ukuthi uyangiqonda, angazi ukuthi nginguJehova.” Ingabe ungaqhosha ngalokho?

[Isithombe ekhasini 26]

Ukwazi umbono kaNkulunkulu ngezinhlanga kuyasisiza ukuba sikujabulele ukuba nabantu bezinye izinhlanga

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela