Lapho Ubugebengu Babungekho
UNGAKWAZI yini ukubona ngeso lengqondo izwe elingenabugebengu? Mhlawumbe ngeke uma ufundé imibiko yezindaba enjengalona owavela ephephandabeni lansuku zonke laseJalimane i-Süddeutsche Zeitung: “Ochwepheshe bobugebengu bakhuluma ngezinga elisha lobugebengu. Babikezela isimo esibi nesiyinhlekelele.”
Lapho kuhlolwa izinkulungwane zabantu baseYurophu ngo-1995, kwatholwa ukuthi cishe bonke bakhathazeke ngokuba izisulu zobugebengu. EJalimane, eNetherlands, ePoland, eRussia nase-United Kingdom, ubugebengu buhamba phambili ezintweni abantu abazesaba kakhulu. Ukwesaba ubugebengu kwaphuma isibili eDenmark, eFinland naseSwitzerland, kanti kwaba isithathu eFrance, eGreece nase-Italy. Phakathi kwamazwe angu-12 ahlolwa, yizwe laseSpain kuphela elingazange libale ubugebengu phakathi kwezinto ezintathu ezesatshwa kakhulu.
Izinga lobugebengu liye lenyuka kakhulu eMpumalanga Yurophu kule minyaka engu-7 edlule. Emazweni ayidlanzana kulawa, kuye kwaba nokwanda kwamaphesenti aphakathi kwangu-50 nayikhulu, kanti kwamanye amazwe, kunokwanda okusukela ngisho nakumaphesenti angu-193 kuya kwangu-401!
Nakuba kunjalo, lake laba khona izwe elingenabugebengu. Lalikhona nini, futhi lelo lizwe lonakaliswa kanjani?
Baqalaphi Ubugebengu?
Ubugebengu, obuchazwa ngokuthi “ukwephula umthetho okukhulu kakhulu,” baqala endaweni yomoya. Abantu bokuqala, u-Adamu no-Eva, badalwa bengenakho ukuthambekela kobugebengu, futhi akubona bodwa ababenecala ngokungena kobugebengu emphakathini wesintu. Indodana kaNkulunkulu yomoya ephelele yavumela imicabango engalungile ukuba ingene enhliziyweni yayo, okwathi lapho ifukanyelwa, yazala ubugebengu. Leyo ndodana iyona eyonakalisa izwe lakuqala elalingenabugebengu. Ngokwephula umthetho kaNkulunkulu, yazenza ngokwayo isigebengu, futhi eBhayibhelini ichazwa ngokuthi uSathane uDeveli.—Jakobe 1:13-15; IsAmbulo 12:9.
Njengoba ayeseqale inkambo yokumelana noNkulunkulu emazulwini angabonakali, uSathane wayezimisele ukusakaza izindlela zakhe zobugebengu kubantu emhlabeni. Ukulandisa kweBhayibheli kokuthi uDeveli wakwenza kanjani lokhu kufushane futhi kushaya emhloleni, kodwa kuyiqiniso. (Genesise, izahluko 2-4) Bedukiswe yilesi sigebengu esiyiqili futhi esinamandla angaphezu kwawomuntu, u-Adamu no-Eva benqaba ukulandela izindinganiso zikaNkulunkulu. Baba yizigebengu ngokungamlaleli uNkulunkulu. Kamuva, akungabazeki ukuthi bashaqeka kakhulu lapho indodana yabo eyizibulo, uKayini, iphuca umfowabo u-Abela isipho sakhe esiyigugu kakhulu, ukuphila kwakhe uqobo!
Ngakho, kubantu bokuqala abane abaphila emhlabeni, abathathu baphenduka izigebengu. Kanjalo u-Adamu, u-Eva noKayini balahlekelwa yithuba lokuphila ezweni elingenabugebengu. Kungani singaqiniseka ukuthi izwe elinjalo seliseduze, ngemva kwaso sonke lesi sikhathi?