Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 3/22 k. 17-k. 19 isig. 6
  • Ukuba Nochuku—Yini Eyingozi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuba Nochuku—Yini Eyingozi?
  • I-Phaphama!—1997
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kuyini Ukuba Nochuku?
  • Okwenza Umuntu Abe Nochuku
  • Imiphumela Yesikhathi Eside
  • Indlela Yokushintsha
  • Ukuqinela Abanye—Ezinye Zezimbangela Nemiphumela
    I-Phaphama!—2003
  • Ukugqashula Emkhubeni Wokuqinela Abanye
    I-Phaphama!—2003
  • Ngenzenjani uma ngixhashazwa?
    Intsha Iyabuza
  • Ukuqinela Abanye—Yinkinga Yembulunga Yonke
    I-Phaphama!—2003
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1997
g97 3/22 k. 17-k. 19 isig. 6

Intsha Iyabuza . . .

Ukuba Nochuku—Yini Eyingozi?

‘Hawu! Bengidlala nje. Ikuphi inkinga? Ngaphandle kwalokho, bekumfanele uRon.’

KUNGENZEKA uqatha futhi unamandla kuneningi lontanga yakho. Noma mhlawumbe ukhaliphile, unolimi oluhlabayo futhi unokhahlo. Kungakhathaliseki ukuthi yikuphi, ukwesabisa, ukugcona, noma ukuhlekisa ngomunye umuntu kubonakala kuyinto elula kuwe.

Nakuba ukuchukuluza abanye kungase kubajabulise abangane bakho, akuyona into encane. Eqinisweni, abanye abacwaningi bathola ukuthi ukuchukuluzwa kuzilimaza kakhulu izisulu kunokuba babecabanga. Kokunye ukuhlolwa kwase-United States kwentsha esafunda esikoleni kwatholakala ukuthi “abangamaphesenti angu-90 balabo abachukuluzwayo bathi baye babhekana nemiphumela engemihle—ukwehla kwamamaki esikoleni, ukukhathazeka ngokwengeziwe, ukulahlekelwa abangane noma impilo ejabulisayo.” EJapane othile oneminyaka engu-13 ubudala “wazilengisa ngemva kokubhala incwadi ende echaza imininingwane yokuchukuluzwa kwakhe iminyaka emithathu.”a

Yini ngempela eyenza umuntu abe nochuku? Futhi uma wena unochuku, ungashintsha kanjani?

Kuyini Ukuba Nochuku?

IBhayibheli lilandisa ngabachukuluzi ababephila ngaphambi kweSikhukhula sikaNowa. Babebizwa ngokuthi amaNefili—igama elisho ukuthi “labo abawisa abanye.” Phakathi nokubusa kwabo ngonya, “umhlaba wagcwala ubudlwangudlwangu.”—Genesise 6:4, 11.

Nokho, akudingekile ukuba ushaye abantu noma ubagcone ukuze ube nochuku. Noma ubani ophatha abanye abantu—ikakhulukazi labo ababuthaka noma abangenamandla—ngendlela enonya noma exhaphazayo unochuku. (Qhathanisa nomShumayeli 4:1.) Abachukuluzi bazama ukusongela, ukwesabisa nokulawula. Kodwa abaningi basebenzisa imilomo yabo, hhayi izibhakela. Eqinisweni, ukuchukuluza ngokomzwelo kuwuhlobo oluvame kakhulu lwalokhu kuxhaphaza. Ngakho kungahlanganisa ukuchapha ngenhlamba, ukubhinqa, ukugcona nokwetha amagama.

Nokho, ngezinye izikhathi uchuku lungazifihla. Ngokwesibonelo, cabangela okwenzeka kuLisa.b Wakhula enedlanzana labangane abangamantombazane. Kodwa lapho eseneminyaka engu-15 ubudala, izinto zaqala ukushintsha. ULisa waba muhle futhi waqala ukukhanga kakhulu. Uyachaza: “Abangane bami baqala ukungikhipha inyumbazane futhi besho izinto ezimbi ngami uma ngingekho—noma bangitshele ekhaleni.” Basakaza namanga ngaye, bezama ukonakalisa idumela lakhe. Yebo, beshukunyiswa umona, bamchukuluza ngobudlova nangonya.

Okwenza Umuntu Abe Nochuku

Ngokuvamile ukuba nokhahlo kuhlobene nesimo somuntu sasekhaya. “Ubaba wayenokhahlo,” kusho osemusha okuthiwa uScott, “ngakho nganginokhahlo.” Ukuphila kuka-Aaron kwasekhaya nakho kwakunzima. Uyakhumbula: “Ngaqaphela ukuthi abantu babesazi isimo somkhaya wakithi—ukuthi sasihlukile—futhi ngangingafuni ukuba abantu bangidabukele.” Ngakho lapho u-Aaron ehlanganyela kwezemidlalo, wayefuna ukunqoba nakanjani. Kodwa ukunqoba kwakunganele. Wayelulaza adlala nabo—abagcone ngokuhlulwa kwabo.

Ngakolunye uhlangothi, uBrent wakhuliswa abazali abesaba uNkulunkulu. Kodwa uyavuma: “Ngangenza abantu bahleke, kodwa ngezinye izikhathi ngangingazi ukuthi kufanele ngithule nini, futhi ngangilimaza imizwa yothile.” Isifiso sikaBrent sokuzijabulisa nokudonsa amehlo samenza wayishaya indiva imizwa yabanye abantu.—IzAga 12:18.

Enye intsha kubonakala ithonywa ithelevishini. Amadrama akhuluma ngobugebengu adumisa ‘abantu abanamandla’ futhi akwenze kubonakale sengathi ukuba nomusa akubona ubuqhawe. Izinhlelo zamahlaya ezithandwayo zigcwele ukubhinqa. Imibiko yezindaba ngokuvamile iqokomisa ukulwa nenkulumo eluhlaza okuqhubeka phakathi nemidlalo. Abangane bethu nabo bangayithonya indlela esibaphatha ngayo abanye. Uma abangane bethu benochuku, kulula ukuba sibalandele ukuze sigweme ukugconwa nathi.

Kungakhathaliseki ukuthi siyini isimo sakho, uma unochuku, khona-ke akulimali izisulu zakho kuphela.

Imiphumela Yesikhathi Eside

Umagazini i-Psychology Today uyabika: “Uchuku lungase luqale ebuntwaneni, kodwa ludlulela ebudaleni.” Kokunye ukuhlola kocwaningo okwabikwa kuyi-Dallas Morning News kwatholakala ukuthi “abafana abangamaphesenti angu-65 okuthiwa babenochuku onyakeni wesibili esikoleni baboshelwa amacala amabi lapho beneminyaka engu-24 ubudala.”

Yiqiniso, akubona bonke abachukuluzi abaphenduka izigebengu. Kodwa umkhuba wokuyishaya indiva imizwa yabanye ungakubangela izinkinga zangempela kamuva ekuphileni. Uma udlulela emshadweni, ungabangela ukucindezeleka okukhulu kumngane wakho womshado nakubantabakho. Njengoba abaqashi befuna abantu abakwaziyo ukusebenzelana nabanye, ungakuvalela amathuba omsebenzi. Amalungelo esikhathi esizayo ebandleni lobuKristu nawo angagodlwa. “Ngolunye usuku, ngingathanda ukufanelekela ukukhonza njengomdala,” kusho uBrent, “kodwa ubaba wangisiza ngabona ukuthi abantu ngeke beze kimi nezinkinga zabo uma becabanga ukuthi ngingase ngisho okuthile okubhinqayo.”—Thithu 1:7.

Indlela Yokushintsha

Asiwaboni ngokucacile ngaso sonke isikhathi amaphutha ethu. ImiBhalo isixwayisa ngokuthi “ukonakala [komuntu] kuyamthopha emehlweni akhe, ukuze kungafunyanwa, azondeke ngakho.” (IHubo 36:2) Ngakho ungase uzame ukucela umbono womzali, umngane omethembayo, noma umKristu ovuthiwe. Iqiniso lingase libe buhlungu, kodwa lingase likusize ukuba ubone izinguquko okudingeka uzenze. (IzAga 20:30) “Ngicabanga ukuthi ukulalela kwangisiza kakhulu,” kusho u-Aaron. “Labo ababethembekile bangitshela ukuthi ngangiphaphalaza kuphi. Kwakungemnandi ukuzwa lokho njalo, kodwa kwakuyilokho engangikudinga ngempela.”

Ingabe lokhu kusho ukuthi kufanele ubushintshe ngokuphelele bonke ubuntu bakho? Cha, cishe kuyoba indaba yokulungisa ukucabanga kwakho nezenzo zakho ezithile. (2 Korinte 13:11) Ngokwesibonelo, mhlawumbe kuze kube manje ubuzibheka njengophakeme ngenxa yobukhulu bomzimba, amandla, noma ukukhalipha kwakho. Kodwa iBhayibheli lisikhuthaza ukuba siziphathe ‘ngokuthobeka kwengqondo sibheka abanye njengabaphakeme.’ (Filipi 2:3) Qaphela ukuthi abanye—kungakhathaliseki ubukhulu noma amandla abo—banezimfanelo ezinhle ongenazo.

Kungase kudingeke nokuba uhlukane nokuthambekela kokuba nokhahlo noma kokubusa. Sebenzela ukuba ‘unakekele, hhayi ngesithakazelo somuntu siqu izindaba zakho kuphela, kodwa futhi unakekele ngesithakazelo somuntu siqu nezabanye.’ (Filipi 2:4) Uma ufuna ukuveza umbono wakho, yenza kanjalo ngaphandle kokuchapha, ukubhinqa, noma ukuhlambalaza.—Efesu 4:31.

Uma ulingeka ukuba ube nochuku, khumbula ukuthi uNkulunkulu wabhubhisa amaNefili ayenochuku. (Genesise 6:4-7; 7:11, 12, 22) Emakhulwini eminyaka kamuva, ezinsukwini zomprofethi uHezekeli, uNkulunkulu wazwakalisa ukungathokozi okukhulu ngalabo ababenecala ‘lokusunduza’ kanye ‘nokuqhubukusha’ abangenalusizo. (Hezekeli 34:21) Ukwazi ukuthi uJehova uyaluzonda uchuku kungaba isisusa esinamandla sokuba umuntu enze ushintsho oludingekile!

Kuyasiza nokuzindla ngomthandazo ngezimiso zeBhayibheli. UMthetho Wegolide uthi: “Ngakho-ke, zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo.” (Mathewu 7:12) Lapho ulingeka ukuba usabise othile, zibuze: ‘Ingabe mina ngiyakuthanda ukuxhashazwa, ukwesatshiswa, noma ukululazwa? Khona-ke kungani ngiphatha abanye ngaleyo ndlela?’ IBhayibheli lisiyala ukuba ‘sibe nomusa komunye nomunye, sinobubele besisa.’ (Efesu 4:32) UJesu wabeka isibonelo esiphelele kulendaba. Nakuba ayephakeme kunabo bonke abanye abantu, wabaphatha bonke ngomusa, ngobubele nangenhlonipho. (Mathewu 11:28-30) Zama ukwenza okufanayo uma uhlangana nothile obuthaka kunawe—noma ngisho okucasulayo.

Nokho, kuthiwani uma ukuba kwakho nokhahlo kubangelwa imizwa yentukuthelo ngenxa yendlela ophathwa ngayo ekhaya? Kwezinye izimo, intukuthelo enjalo ingase ifaneleke. (Qhathanisa nomShumayeli 7:7.) Kodwa-ke, iBhayibheli lisitshela ukuthi indoda elungile uJobe yaxwayiswa: “Xwaya ukuba ulaka lungakuvusi [ezenzweni zonya] . . . Xwaya ukuba ungabhekisi ubuso bakho ebubini.” (Jobe 36:18, 21) Ngisho noma uphathwa kabi, awunalo ilungelo lokuphatha abanye kabi. Indlela engcono kungaba ukuzama ukuxoxa nabazali bakho. Uma uphathwa kabi kakhulu, kungase kudingeke usizo lwangaphandle ukuze uvikeleke ekulimaleni okwengeziwe.

Ukushintsha kungase kungabi lula, kodwa kungenzeka. UBrent uthi: “Ngithandaza ngalokhu cishe nsuku zonke, futhi uJehova uye wangisiza ukuba ngenze ukulungisa okufanele.” Njengoba nawe wenza ukulungisa endleleni obaphatha ngayo abantu, ngokungangabazeki uyothola ukuthi abantu bayokuthanda kakhudlwana. Khumbula, abantu bangase babesabe abantu abanochuku, kodwa akekho ngempela obathandayo.

[Imibhalo yaphansi]

a Ukuze uthole ingxoxo ngendlela izisulu zokuchukuluzwa ezingakugwema ngayo ukuhlukunyezwa, bheka esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingenzenjani Ngezidlova Zasesikoleni?,” kumagazini wethu ka-August 8, 1989.

b Amanye amagama ashintshiwe.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 19]

“Uchuku lungase luqale ebuntwaneni, kodwa ludlulela ebudaleni”

[Isithombe ekhasini 18]

Ukuchapha ngamazwi kuwuhlobo lokuchukuluza

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela