Ingabe Uyazi?
(Izimpendulo zalemibuzo zingatholakala ezikhombweni zeBhayibheli ezinikeziwe, kanti uhla oluphelele lwezimpendulo lunyatheliswe ekhasini 27. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka incwadi ethi “Insight on the Scriptures,” enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.)
1. Lapho esola ababhali nabaFarisi, ubani uJesu athi ‘wabulawelwa phakathi kwendlu engcwele ne-altare’? (Mathewu 23:35)
2. Ngubani owayeyindodana kaBenjamini eyizibulo? (Genesise 46:21)
3. Imuphi umpristi wozalo luka-Aroni owayengumlobi onekhono nowayengumfundisi woMthetho? (Nehemiya 8:1, 2)
4. Kumelwe abe yini umuntu emehlweni ezwe ukuze ahlakaniphe ngempela? (1 Korinte 3:18, 19)
5. Ibizwa ngokuthini ingxenye yendlebe elengayo? (Levitikusi 14:14)
6. Yini uPawulu athi iba umphumela wokuthanda imali? (1 Thimothewu 6:10)
7. Lalimelelani “iphansi” lenqola yasezulwini embonweni kaHezekeli? (Hezekeli 1:22)
8. Lalibizwa ngokuthini itheku lapho amatilosi esaba khona ukuthi umkhumbi wawo wawungase ubhajwe esihlabathini ngesikhathi eyisa uPawulu eRoma njengesiboshwa? (IzEnzo 27:17)
9. Induku ka-Aroni yayenziwe ngasiphi isihlahla? (Numeri 17:8)
10. ULoti wazama ngezinga elingakanani ukuvikela izivakashi zakhe esixukwini? (Genesise 19:6-8)
11. Yiliphi igama elisetshenziswa eBhayibhelini ledolobha laseGibithe iMemphis? (Isaya 19:13)
12. Ibizwa ngokuthini inyamazane yensikazi? (IzAga 5:19)
13. Iziphi izinambuzane ezibizwa ngokuthi “ziyisizwe” ngenxa yokuhleleka komphakathi wazo okuyinkimbinkimbi? (IzAga 30:25)
14. Wayengubani umukhwe kaJuda ongumKhanani? (Genesise 38:2)
15. Inzalo exubile yembongolo yeduna nehhashi lensikazi ibizwa ngaliphi igama? (2 Samuweli 13:29)
16. Yini okuthiwa “iyisinengiso kuJehova”? (IzAga 12:22)
17. U-Eliya watshelwa ukuthi imuphi unkulunkulu wamanga abakwa-Israyeli abangu-7000 ababengamkhulekelanga? (1 AmaKhosi 19:18)
18. Iliphi igama eliye lasetshenziswa lapho kuhunyushwa womabili amagama elesiHeberu nelesiGreki elithi Sheoli nelithi Hayidese, elibangela ukudideka ngokuthi kwenzekani kwabafileyo? (IzEnzo 2:31, King James Version)
19. Ubani owahlulela kabi uHana ethi udakiwe? (1 Samuweli 1:13)
20. Ubani ebandleni laseRoma uPawulu ambiza ngokuthi “owamukelekayo kuKristu”? (Roma 16:10)
21. Imuphi umphostoli owaloba okuningi kakhulu emaVangelini ukwedlula bonke abanye abangu-11? (Mathewu 15:15)
22. Yini uPawulu ayisho eyabangela ukuba angabhaxabulwa? (IzEnzo 22:25-29)
23. Iziphi izinongo ezimbili uNikodemu azisebenzisa lapho elungiselela ukungcwaba umzimba kaJesu? (Johane 19:39)
24. Mangaki amadoda ayenochoko uJesu awelapha okwabuya eyodwa kuphela kuwo ukuzobonga? (Luka 17:12-19)
25. UMthetho wawukwenqabela ukuqalekisa umuntu onasiphi isifo, njengoba ayengenakukwazi ukuzivikela? (Levitikusi 19:14)
Izimpendulo Zemibuzo
1. “UZakariya indodana kaBarakiya”
2. UBela
3. U-Ezra
4. Isiwula
5. Igwagwa
6. ‘Izinto ezilimazayo,’ ezihlanganisa ‘ukudukiswa okholweni’
7. “Umkhathi onjengekristalu elimangalisayo”
8. ISirti
9. I-alimondi
10. Wathembisa ukusinika amadodakazi akhe
11. INofi
12. Indluzelekazi
13. Izintuthwane
14. UShuwa
15. Umnyuzi
16. Izindebe zamanga
17. UBali
18. Elithi isihogo
19. UmPristi Omkhulu u-Eli
20. U-Aphele
21. UPetru
22. Wathi wayengumRoma
23. Imure nenhlaba
24. Ayishumi
25. Oyisithulu