Umbono WeBhayibheli
Ingabe AmaKristu Kufanele Abazonde Ongqingili?
NGO-1969 kwasungulwa igama elisha olimini lwesiNgisi elichaza ukwesaba ongqingili okungenangqondo noma ukubazonda. Leli gama lithi “homophobia.” Izilimi eziningi azinalo igama eliqonde kanjalo, nokho ezinkulungwaneni zeminyaka edlule, abantu bezizwe nezilimi ezihlukahlukene baye babonisa ukungabathandi ongqingili.
Nakuba kunjalo, muva nje ubungqingili buye bakhuthazwa kakhulu njengolunye uhlobo lobulili. Isazi-mlando uJerry Z. Muller usanda kubhala “ngokufuna ukuba umphakathi uqaphele futhi uhloniphe ongqingili.” Wachaza ukuthi ongqingili “baye baqhubeka bakha umfelandawonye ukuze baveze izenzo zabo njengezifanelwe ukutuswa, nokudonsa abanye ukuba babalingise.” Lokhu kuye kwabonakala ikakhulukazi emazweni aseMpumalanga. Nokho, ezingxenyeni eziningi emhlabeni, ngisho nasemazweni abhekwa njengakhululekile, abaningi basakulahla futhi bayabunyanya ubungqingili.
Ongqingili nalabo okusolwa ukuthi bangongqingili ngokuvamile bakhishwa inyumbazane, babe yizisulu zokwedelelwa, ukuhlukunyezwa nobudlova. Ngisho nabaholi benkolo baye bayibonisa inzondo enjalo. Abanye baye baqala lokho okubonakala kuyizimpi zabo siqu nongqingili. Ngokwesibonelo, cabangela okusanda kushiwo umbhishobhi weSonto LamaGreki Lobu-Orthodox esiteshini somsakazo saseGreece. Wathi: “UNkulunkulu uzoshisa ongqingili esihogweni somlilo kuze kube phakade. Ukumemeza kwemilomo yabo engcolile kuyozwakala kuze kube phakade. Imizimba yabo engcolile iyobhekana nokuhlushwa okungabekezeleleki.” Ingabe lokhu ngempela kuyiqiniso? UNkulunkulu uzizwa kanjani ngongqingili?
Umbono KaNkulunkulu
IBhayibheli alisho ngokukhethekile ukuthi ongqingili njengeqembu kumelwe babandlululwe noma bazondwe ngamaKristu. Ngaphezu kwalokho, alifundisi ukuthi uNkulunkulu uzobajezisa ongqingili—nanoma iyiphi indalo yakhe—ngokubashisa esihogweni somlilo phakade.—Qhathanisa neyabaseRoma 6:23.
Nokho, imiBhalo ibeka izindinganiso zokuziphatha zoMdali wethu, lezo ezikhathini eziningi eziphikisana nendlela yokuziphatha yosuku lwethu. Izenzo zobungqingili, ubuhlobo bobulili phakathi kwabantu bobulili obuhlukile abangashadile, nokulala nezilwane konke lokhu iBhayibheli liyakulahla. (Eksodusi 22:19; Efesu 5:3-5) UNkulunkulu walibhubhisa iSodoma neGomora ngenxa yemikhuba enjalo yobulili.—Genesise 13:13; 18:20; 19:4, 5, 24, 25.
Ngokuphathelene nezenzo zobungqingili, ngokungagwegwesi iZwi likaNkulunkulu lithi: “Lena into eyenyanyekayo.” (Levitikusi 18:22, The New Jerusalem Bible) UMthetho kaNkulunkulu kuma-Israyeli wawuthi: “Uma indoda ilala nowesilisa njenganowesifazane, bobabili benzile isinengiso; bobulawa nokubulawa, igazi labo libe-phezu kwabo.” (Levitikusi 20:13) Isijeziso esifanayo sasibekelwe labo abalala nezilwane, ababeba nobuhlobo bobulili nesihlobo nabaphingayo.—Levitikusi 20:10-12, 14-17.
Umphostoli uPawulu waphefumulelwa ukuba achaze izenzo zobungqingili ‘njengeziyizifiso zobulili eziyichilo’ futhi ‘eziphambene nemvelo.’ Uyaloba: “Kungakho uNkulunkulu abanikela ezifisweni zobulili eziyichilo, ngoba kokubili abesifazane babo bashintsha ukusetshenziswa kwabo kwemvelo bakwenza okuphambene nemvelo; ngokufanayo ngisho nabesilisa bakuyeka ukusetshenziswa kowesifazane kwemvelo basha kakhulu ekukhanukelaneni kwabo, abesilisa nabesilisa, benza okuyichilo futhi bamukela kubo ngokwabo imbuyiselo egcwele, eyayifanele ngenxa yesiphambeko sabo. Futhi njengoba nje bengakwamukelanga ukubheka uNkulunkulu ngolwazi olunembile, uNkulunkulu wabanikela esimweni sengqondo esingamukeleki, ukuba benze izinto ezingafanele.”—Roma 1:26-28.
ImiBhalo ayikuthetheleli, ayikuvumeli, ayishoni ngapha nangapha; ubungqingili, ukuphinga, ukuhlobonga, konke kuyisinengiso emehlweni kaNkulunkulu. Ngokufanelekile, amaKristu eqiniso awakuthathi kalula ukuma kweBhayibheli mayelana ‘nezifiso zobulili eziyichilo’ ukuze nje athandwe noma amukeleke endleleni yokuphila yanamuhla. Futhi awavumelani nanoma imiphi imikhankaso yokukhuthaza ubungqingili njengendlela yokuphila evamile.
“Zondani Okubi”
IBhayibheli liyeluleka: “Nina enithanda uJehova zondani okubi.” (IHubo 97:10) Ngakho, kulindeleke ukuba amaKristu azonde zonke izenzo ezephula imithetho kaJehova. Abanye abantu bangase babe ngisho nanemizwa ejulile yenzondo noma yokwenyanya ubungqingili ukwedlula ezinye izinhlobo zokuziphatha okubi, bebheka ubungqingili njengohlobo lobulili olusontekile olungelona olwemvelo. Nokho, ingabe amaKristu kufanele abazonde abantu abenza izinto ezinjalo?
Umhubi uyasikhanyisela kulendaba kumaHubo 139:21, 22: “Jehova, angibazondi abakuzondayo na? Anginengwa ngabakuvukelayo na? Ngiyabazonda ngenzondo epheleleyo; bayizitha kimi.” Ukwethembeka kwethu kuJehova nasezimisweni zakhe kufanele kusenze sibazonde ngempela labo abavukela uJehova ngamabomu, babe izitha zikaNkulunkulu. USathane namademoni baphakathi kwezitha zikaNkulunkulu ezinjalo. Kungenzeka nokuthi abanye abantu bayangena kulesi sigaba. Nokho, kungase kube nzima kakhulu ngomKristu ukubona abantu abanjalo ngokubabuka ngaphandle. Asikwazi ukufunda izinhliziyo. (Jeremiya 17:9, 10) Kungaba okungalungile ukucabanga ukuthi umuntu uyisitha sikaNkulunkulu esingenakuphenduka ngoba enza okungalungile. Ezimweni eziningi kumane kuwukuthi abenzi bobubi abazazi izindinganiso zikaNkulunkulu.
Ngakho, ngokuvamile, amaKristu awasheshi ukuzonda abanye abantu. Ngisho noma indlela ethile yokuphila iwanenga ngokujulile, awafuni ukulimaza abanye, noma ukubabambela igqubu noma abe nonya. Kunalokho, iBhayibheli leluleka amaKristu ukuba ‘abe nokuthula nabantu bonke.’—Roma 12:9, 17-19.
“UNkulunkulu Akakhethi”
Kungakhathaliseki ukuthi umuntu ubenza hlobo luni lokuziphatha okubi, uJehova uyomthethelela uma ephenduka ngeqiniso. Abukho ubufakazi bokuthi uJehova ubheka uhlobo oluthile lokuziphatha okubi njengolubi ukwedlula olunye. “UNkulunkulu akakhethi.” (IzEnzo 10:34, 35) Ngokwesibonelo, cabangela indaba yebandla lekhulu lokuqala eKorinte. Umphostoli uPawulu wawalobela: “Izifebe, noma abakhonza izithombe, noma iziphingi, noma amadoda agcinelwe izinjongo ezingezona ezemvelo, noma amadoda alala namadoda, noma amasela, noma abantu abahahayo, noma izidakwa, noma izithuki, noma abaphangi ngeke bawuzuze njengefa umbuso kaNkulunkulu.” Khona-ke uPawulu wavuma ukuthi abanye ababeyizifebe, beyiziphingi, bengongqingili namasela bamukelwa ebandleni lobuKristu eKorinte. Wachaza: “Yilokho abanye kini ababeyikho. Kodwa seniye nagezwa nahlanzeka, kodwa seniye nangcweliswa, kodwa sekuthiwe nilungile egameni leNkosi yethu uJesu Kristu nangomoya kaNkulunkulu wethu.”—1 Korinte 6:9-11.
Ngokuqinisekile, uJehova ngeke akubekezelele ukwephulwa ngokuqhubekayo nokwamabomu kwezindinganiso zakhe eziphelele zokuziphatha. Ukuzonda ngokuphelele ukunganakwa ngenkani kwezimiso zakhe. Nokho, uhlale ekulungele ukubuyisana. (IHubo 86:5; Isaya 55:7) Ngokuvumelana nalokhu, amaKristu awabenzi ongqingili, nanoma ubani omunye, babe izisulu zokuphathwa kabi, ukuhlekwa usulu, noma ukuhlukunyezwa. AmaKristu eqiniso abheka abanye abantu njengabangase babe abafundi bakaKristu, abaphatha ngenhlonipho nangesizotha. IBhayibheli lithi: “Lokhu kuhle futhi kuyamukeleka emehlweni oMsindisi wethu, uNkulunkulu, ontando yakhe iwukuba zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.”—1 Thimothewu 2:3, 4.
AmaKristu Ayabamukela Abaphendukayo
Ngokuphindaphindiwe, iBhayibheli lithi uNkulunkulu uyathethelela. Limchaza ‘njengoNkulunkulu othethelelayo, onomusa nesihe; owephuza ukuthukuthela, ogcwele isihawu.’ (Nehemiya 9:17; Hezekeli 33:11; 2 Petru 3:9) IBhayibheli liphinde limfanise noyise wendodana esaphazayo emfanekisweni kaJesu, eyayisisaphaze lonke ifa layo izitika emanyaleni ezweni elikude. Lobaba wayelindele ukwamukela indodana yakhe ngezandla ezimhlophe, ngakho lapho ekugcineni indodana isanguluka, yaphenduka, futhi yabuyela ekhaya.—Luka 15:11-24.
Yiqiniso, kungenzeka umenzi wobubi aphenduke. ImiBhalo iyavumelana nalokhu ngokukhuthaza abantu ukuba bakhumule ubuntu obudala futhi bagqoke obusha futhi ‘benziwe basha emandleni ashukumisa ingqondo.’ (Efesu 4:22-24) Labo abenza okubi, abahlanganisa ongqingili, bangenza izinguquko eziphawulekayo endleleni yabo yokucabanga neyokuphila, futhi ngempela abaningi baye baphumelela ukwenza lezi zinguquko.a UJesu ngokwakhe wayeshumayela kwabanjalo; futhi lapho bephenduka, babemukeleka kuye.—Mathewu 21:31, 32.
AmaKristu ayabamukela abantu abaphendukile abavela kuzo zonke izinhlobo zokuphila. Ngemva kokushiya izindlela zokuziphatha okubi, kungakhathaliseki ukuthi yiziphi, bonke bangajabulela izinzuzo zokuthethelelwa uNkulunkulu ngoba “uJehova muhle kubo bonke; uyayihawukela imisebenzi yakhe yonke.”—IHubo 145:9.
AmaKristu akulungele ukunikeza ukusekela okungokomoya, ngisho nakulabo abasalwisana nokuthambekela kobungqingili. Lokhu kuhambisana nobuntu bukaNkulunkulu bothando, ngoba iBhayibheli lithi: “UNkulunkulu utusa uthando lwakhe siqu kithi ngoba, ngesikhathi siseyizoni, uKristu wasifela.”—Roma 5:8.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka isihloko esithi “Ngingayiqeda Kanjani Lemizwa?,” kumagazini i-Phaphama! ka-March 22, 1995.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 14]
AmaKristu awawuthathi kalula umbono weBhayibheli ngobungqingili
[Umthombo Wesithombe ekhasini 13]
Punch