Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 11/22 k. 9-k. 10 isig. 3
  • Izifo Eziwumshayabhuqe—Isibonakaliso Sokuphela?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izifo Eziwumshayabhuqe—Isibonakaliso Sokuphela?
  • I-Phaphama!—1997
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izifo Eziwumshayabhuqe Nokuphela Kwezwe
  • IPharadesi Elizayo
  • Ingabe Lelizwe Liyosinda?
    Ingabe Lelizwe Liyosinda?
  • Isikhathi Izwe Elisha Eliyofika Ngaso
    I-Phaphama!—1993
  • Izimpendulo Zemibuzo Emine Ephathelene Nokuphela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Ingabe Siphila “Ezinsukwini Zokugcina”?
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1997
g97 11/22 k. 9-k. 10 isig. 3

Izifo Eziwumshayabhuqe—Isibonakaliso Sokuphela?

INGABE izifo eziwumshayabhuqe zosuku lwethu zisikisela ukuthi ukuphela kwezwe kuseduze? Ngaphambi kokuba siphendule lowo mbuzo, ake sicabange ukuthi isho ukuthini inkulumo ethi “ukuphela kwezwe.”

Abantu abaningi bakholelwa ukuthi ukuphela kwezwe kusho ukuthi uNkulunkulu uzobhubhisa umhlaba nakho konke ukuphila okukuwo. Nokho, iZwi likaNkulunkulu lithi, “wawubumba [umhlaba] ukuba kuhlalwe kuwo.” (Isaya 45:18) Injongo yakhe iwukugcwalisa umhlaba ngabantu abanempilo, abajabulayo abazimisele ukuzivumelanisa nezindinganiso zakhe zokulunga. Ngakho ukuphela kwezwe akusho ukuphela komhlaba nakho konke okukuwo. Kunalokho, kusho ukuphela kwalesi simiso samanje nokwalabo abenqaba ukwenza intando kaNkulunkulu.

Lokhu kwaboniswa umphostoli uPetru, owaloba: “Izwe [losuku lukaNowa] labhujiswa lapho limbozwa amanzi.” Lapho izwe libhujiswa ngosuku lukaNowa, kwabhujiswa ababi. Umhlaba wawulokhu ukhona kanye noNowa olungile nomkhaya wakhe. Njengoba uPetru esho ngokulandelayo, uNkulunkulu uzothatha isinyathelo futhi esikhathini esizayo ‘sokubhubhisa abantu abangamhloniphi uNkulunkulu.’—2 Petru 3:6, 7.

Eminye imibhalo yeBhayibheli iyaqhubeka iwusekela lombono. Ngokwesibonelo, izAga 2:21, 22 zithi: “Abaqotho bayakuhlala ezweni, abapheleleyo basale kulo. Kepha ababi bayakunqunywa ezweni, nabambuluzayo bayakusishulwa kulo.”—Bheka neHubo 37:9-11.

Izifo Eziwumshayabhuqe Nokuphela Kwezwe

Kodwa ingabe lokhu kuyokwenzeka nini? Abane babafundi bakaJesu bambuza lombuzo. Babuza: “Siyoba yini isibonakaliso sokuba khona kwakho nesesiphelo sesimiso sezinto [noma, njengoba ezinye izinguqulo zeBhayibheli zisho, “ukuphela kwezwe”]?” UJesu waphendula: “Isizwe siyovukela isizwe nombuso uvukele umbuso, futhi kuyoba khona ukuswelakala kokudla nokuzamazama komhlaba ezindaweni ngezindawo.” (Mathewu 24:3, 7) Ekulandiseni okufanayo kuLuka 21:10, 11, uJesu wanezela: “Ezindaweni ngezindawo kube khona izifo eziwumshayabhuqe . . . , futhi kuyoba khona imibono eyesabekayo futhi ezulwini kube khona izibonakaliso ezinkulu.”

Phawula ukuthi uJesu akashongo ukuthi izifo eziwumshayabhuqe kuphela ezaziyobonisa ukuthi ukuphela kuseduze. Kunalokho, wabala nezimpi ezinkulu, ukuzamazama komhlaba, nokuswelakala kokudla. Esiprofethweni sakhe esiningilizayo esitholakala kuMathewu 24 no-25, Marku 13, noLuka 21, uJesu wabikezela ezinye izinto eziningi ezazizokwenzeka. Zonke kumelwe zenzeke kanyekanye ngaphambi kokuba uNkulunkulu athathe isinyathelo sokuqeda ububi emhlabeni. Kunobufakazi obuqand’ikhanda bokuthi manje siphila kuleyo nkathi.

IPharadesi Elizayo

Ikusasa ngeke likulethe ukubhujiswa kwesintu, kungaba ngezifo eziwumshayabhuqe noma ngesandla sikaNkulunkulu. UJehova uNkulunkulu uthembisa ukuguqula lomhlaba ube ipharadesi. (Luka 23:43) Phakathi kokunye, uyoqeda izifo ezihlupha isintu.

Siyaqinisekiswa ngalokhu lapho sicabanga ngenkonzo kaJesu Kristu, owabonakalisa izimfanelo zikaYise ngokuphelele. Enikwe amandla uYise osezulwini, uJesu waphulukisa izinyonga, abagogekile, abayizimpumputhe, noma abayizimungulu. (Mathewu 15:30, 31) Welapha nalabo ababenochoko. (Luka 17:12-14) Welapha owesifazane owayenesifo somopho, indoda eyayinesandla esishwabene, nendoda eyayinesifo sokuvuvuka. (Marku 3:3-5; 5:25-29; Luka 14:2-4) Welapha ‘nabantu ababenesithuthwane nababefé uhlangothi.’ (Mathewu 4:24) Ezenzakalweni ezintathu wavusa ngisho nabafileyo!—Luka 7:11-15; 8:49-56; Johane 11:38-44.

Lokhu kwelapha ngokumangalisayo kusiqinisekisa ngesithembiso sikaNkulunkulu azosifeza esikhathini esizayo, esithi, “Abakhé khona abayikusho ukuthi: Ngiyagula.” (Isaya 33:24) Izifo eziwumshayabhuqe ngeke ziphinde ziphuce abantu impilo enhle nokuphila. Yeka ukuthi sibonga kanjani ngokuthi uMdali wethu onothando angakwenza futhi uzokuqeda ngokuphelele ukugula nezifo, kuze kube phakade!—IsAmbulo 21:3, 4.

[Izithombe ekhasini 9]

UJesu wawanikwa uNkulunkulu amandla okuphilisa abagulayo

[Isithombe ekhasini 10]

EPharadesi lasemhlabeni elizayo, uJehova uzoqeda ukugula nezifo

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela