Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 11/8 kk. 10-11
  • Ingabe Kuyoke Kube Khona Ukuthula?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Kuyoke Kube Khona Ukuthula?
  • I-Phaphama!—1997
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izithiyo Okufanele Zinqotshwe
  • Ukuphela Komsindo?
  • Umsindo—Lokho Ongakwenza Ngawo
    I-Phaphama!—1997
  • Umsindo—Isicefe Sanamuhla
    I-Phaphama!—1997
  • Ukuthula Kweqiniso—Kuvela Kumuphi Umthombo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • “Ukuthula KukaNkulunkulu” Makulondoloze Inhliziyo Yakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1997
g97 11/8 kk. 10-11

Ingabe Kuyoke Kube Khona Ukuthula?

LAPHO bebuzwa ukuthi yini abayifunayo uma bethatha iholide beya kwelinye izwe, abantu baseBrithani abangaba bathathu kwabane baphendula ngokuthi, “Ukuthula.” Kodwa njengoba isiphazamiso esiwumsindo siyinkinga yomhlaba wonke, abaningi bakholelwa ukuthi ukuthula kwangempela kumane nje kuyiphupho.

Naphezu kwemizamo yokuzikhandla yokunciphisa isiphazamiso esiwumsindo, ungase uzibuze ukuthi kuwukubhekana namaqiniso yini ukukholelwa ukuthi iyoke ibe khona impumelelo ephelele. Kuthiwani ngabanye abangakhathazekile njengawe?

Izithiyo Okufanele Zinqotshwe

Akulula ukubonisana nabantu abaphikisayo, ingasaphathwa eyokubenza babone ngaso linye nawe. Lapho amaqembu entsha enomsindo ebuthana ngaphandle kwesakhiwo uRon ayehlala kuso, wathatha isinyathelo kuqala sokwakha ubungane nalentsha. Wayibuza amagama. Waze wasiza nasekulungiseni elinye lamabhayisekili ayo. Kusukela ngaleso sikhathi, ayizange iphinde imkhathaze.

Cabangela indaba kaMarjorie, umzali ongayedwa onendodakazi esiyitshitshi, ohlala efulethini eliphahlwe omakhelwane abanomsindo. Abantu abahlala ngaphezulu abanawo ukhaphethi phansi. Ngenxa yalokho, uMarjorie uwuthola uphazamisa umsindo wabantwana abadlala ngezicathulo ezinamasondo (roller skate) endlini, ibhola, noma ngisho begxuma behla embhedeni. Ngaphezu kwalokho, unina ugqoka amaxhumela lapho esekhaya. Ngomusa, uMarjorie waxoxa nomakhelwane wakhe emcela ukuba ehlise umsindo, kodwa ukungezwani ngolimi kwaba inkinga. Umkhandlu-dolobha wendawo uthembise ukuthumela umhumushi ozobasiza baxazulule lenkinga, ngakho uMarjorie unethemba lokuthi kuzoba ngcono.

Endlini engaphansi kuhlala indoda edlala umculo obanga umsindo phakathi kuka-7 no-8 njalo ekuseni, isigqi sawo sishaya ngamandla. Lapho esebenzisa isu ekuxoxeni nalendoda, yamtshela ukuthi iyawudinga umculo wayo ‘ukuze ingene emoyeni wokusebenza.’ UMarjorie ubhekana kanjani nalesi simo?

Uthi: “Ngihlakulela ukuzithiba nesineke. Ngiye ngahlela isimiso sami kabusha, futhi ngiyahlala ngifunde nakuba kunomsindo. Ngiqaphela ukuthi ngisheshe ngigxile encwadini yami. Khona-ke umsindo ngivele ngingawushayi mkhuba.”

Ngakolunye uhlangothi, uHeather uhlala efulethini elibhekene ne-nightclub, okuthi ngemva kobusuku obuxokozelayo, ivale cishe ngehora lesithupha ekuseni. Nakuba ekugcineni akhononda eziphathimandleni, akukho okuye kwenziwa ukuze kunqandwe lesi siphazamiso.

Ukuphela Komsindo?

“Abantu abaningi bakuthola kuphazamisa ngempela futhi kuyinqaba ukuthula cwaka,” kuphawula uDkt. Ross Coles we-Institute of Hearing Research ye-Medical Research Council yaseBrithani. Izingoma ezimnandi zezinyoni, ukusibekela kwamaza isihlabathi sasogwini, ukugigitheka kwabantwana—lemisindo neminye iyasijabulisa. Nakuba okwamanje kungenzeka ukuthi sifuna ukuphumula emsindweni, siyajabula lapho sinabangane abakhayo esixoxa nabo. UNkulunkulu uzithembise ukuthula izinceku zakhe ezithembekile.

EBhayibhelini umhubi uthi: “Abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu.” (IHubo 37:11) Uhulumeni wasezulwini woMbuso kaNkulunkulu ngokushesha uzongenela ezindabeni zesintu. (Daniyeli 2:44) Khona-ke, ngaphansi kokubusa kukaKristu Jesu, ‘kuyovama ukuthula, ize ingabikho inyanga.’—IHubo 72:7; Isaya 9:6, 7.

Ungaqiniseka ukuthi ukungenela kwaphezulu kuyoletha ukuthula sonke esikufiselayo, njengoba kwabikezela umprofethi kaNkulunkulu, u-Isaya: “Umsebenzi wokulunga uyakuba-ngukuthula, impumelelo yokulunga ibe-ngukulondeka kuze kube-phakade. Abantu bami bayakuhlala . . . nasezindaweni zokuphumula ezinokuthula.”—Isaya 32:17, 18.

Ngisho namanje, ungathola ukuthula okungokomoya emibuthanweni yoFakazi BakaJehova endaweni ohlala kuyo. Nakuba ngezinye izikhathi bebuthana babe amashumi ezinkulungwane bezokhulekela emihlanganweni emikhulu—futhi kulemibuthano ‘amadoda, abesifazane nabantwana bayakhamuluka’ ngempela—umsindo wabo awuphazamisi kodwa uyajabulisa. (Mika 2:12) Zibonele mathupha ngokuhlangana noFakazi bendawo noma ngokubhalela kwelinye lamakheli asekhasini 5 lalomagazini ukuze uthintane nabo. Jabulela ukuthula kwangempela manje kanye nabo futhi mhlawumbe kuze kube phakade.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela