Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 10/22 k. 31
  • Yini Eyenza Abantu Bajabule?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yini Eyenza Abantu Bajabule?
  • I-Phaphama!—1997
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indlela Yokuthola Injabulo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Injabulo Yeqiniso Ekukhonzeni UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Ukufuna Injabulo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Siyini Isihluthulelo Senjabulo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1997
g97 10/22 k. 31

Yini Eyenza Abantu Bajabule?

Sekuyiminyaka engamashumi amabili abacwaningi emhlabeni wonke benza ukuhlola okuhleliwe mayelana nenjabulo. Yini abayithola? “Injabulo ibonakala ingencikile kakhulu ezimweni zangaphandle,” kubika umagazini i-Scientific American.

Leli phephabhuku lezesayensi lathi futhi: “Ukuceba akusho ukuba nenjabulo. Abantu abazange bajabule kakhudlwana njengoba amazwe abo eya ethuthuka. . . . Emazweni amaningi ukuhlobana phakathi komholo nenjabulo kuncane kakhulu.”

Ukuhlola kuveza izici ezine abantu abajabulayo abanazo: Bayazithanda futhi bayazihlonipha, banomuzwa wokuthi bayakwazi ukulawula ukuphila kwabo siqu, banethemba lokuhle, futhi banesithakazelo kwabanye abantu. Ngaphezu kwalokho, imishado ephumelelayo nobuhlobo bomuntu siqu obuseduze kuyizici zokuphila okujabulisayo, futhi lezi zithambekele ekuthuthukiseni impilo nobude bokuphila.

Kuyathakazelisa ukuthi i-Scientific American yabika: “Futhi nabantu abayikhuthalele inkolo babika injabulo enkulu. Okunye ukuhlola kukaGallup kwaveza ukuthi abantu abashisekela inkolo banamathuba aphindwe kabili okuba bathi bajabula kakhulu kunalabo abangayishisekeli inkolo. Okunye ukuhlola, kuhlanganise nokomfela-ndawonye wezizwe ezingu-16, kubantu abangu-166 000 ezizweni ezingu-14, kuye kwaveza ukuthi injabulo ebikwayo nokwaneliseka ekuphileni iyanda lapho abantu bezihlanganisa nezenkolo futhi beba khona njalo ezinkonzweni zokukhulekela.”

Kudala umhubi uDavide wembula ukuthi injabulo yomuntu siqu ihlobene eduze nokukhulekela uJehova uNkulunkulu ngobunye, ebhala: “Ngajabula lapho bethi kimi: Masiye endlini kaJehova.”—IHubo 122:1.

Akumangalisi ukuthi umphostoli uPawulu wanxusa amaKristu ayekanye nawo ethi: “Futhi masicabangelaneni ukuze sivuselelane othandweni nasemisebenzini emihle, singakuyeki ukubuthana kwethu ndawonye”! (Heberu 10:24, 25) Ngempela, ukuhlangana nalabo abanokholo olufanayo oluyigugu ukuze sikhulekele uNkulunkulu kuyisenzakalo esijabulisayo kulabo abathanda iqiniso leBhayibheli. Izigidi zoFakazi BakaJehova ziye zakuthola kuyiqiniso lokhu futhi zikumema ukuba uzizwele ngokwakho ngokuhlanganyela nazo ekukhulekeleni eHholo LoMbuso eliseduze nawe.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela