Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 10/22 k. 32
  • Uyazisa Ngempela INqabayokulinda

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Uyazisa Ngempela INqabayokulinda
  • I-Phaphama!—1997
I-Phaphama!—1997
g97 10/22 k. 32

Uyazisa Ngempela INqabayokulinda

“Nakuba ngingumRoma Katolika,” kubhala umfundi webanga lesine waseToledo, e-Ohio, e-U.S.A., “ngingathanda ukuba nesikhokhelo sikamagazini wenu omuhle. Umuntu owangenza ngaba nesithakazelo kuyi-Nqabayokulinda uTrevor. Uhlala eduze kwami ekilasini. Sekucishe kuphele unyaka manje singabangane, futhi uye wangifundisa izinto eziningi ngoJesu, uJehova, nangoFakazi BakaJehova.

“UTrevor unguntanga, siyalingana ngobude, futhi uzinikele kakhulu enkolweni yakhe. Unesikhokhelo se-Nqabayokulinda futhi uyaye angiboleke omunye womagazini bakhe. Ngazithanda izihloko ezinengqondo enizibhalayo. Ngethemba ukuthi ngeke nilinake iqiniso lokuthi angiyena omunye woFakazi BakaJehova futhi nizongivumela ngithole isikhokhelo sikamagazini wenu.”

INqabayokulinda nomngane wayo, i-Phaphama!, ifundwa ngenjabulo abantu bezizwe nezinkolo eziningi emhlabeni wonke. Ngonyaka odlule nje kuphela kwanyatheliswa amakhophi alabomagazini angaphezu kwezigidi ezingu-900 ngezilimi ezingaphezu kuka-120!

Nawe uyozuza ngokuyifunda njalo INqabayokulinda ne-Phaphama! Uma ungathanda ukuthola ukwaziswa okwengeziwe kokuthi ungayithola kanjani ikhophi noma ukuba nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, South Africa, noma ubhalele ekhelini elifanele kwasohlwini olusekhasini 5.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela