Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 10/22 kk. 28-29
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—1997
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Awukho “Umthombo Wobusha” Kwezokwelapha
  • Umfuziselo Wokuqala Wesilwane Esincelisayo Esesikhulile
  • Qaphela Lokho Kucindezeleka!
  • Amatshwele Omshini
  • Ukuxhashazwa Kwezingane
  • Kutholakale Isikhatha Somlotha-mbumbulu
  • Indlela Yokuxosha Izindlovu
  • Ukuhogela Intuthu Kagwayi Kuyabulala
  • Ingabe Luyisitshalo Sesikhathi Esizayo?
  • Amaphela Ahlotshaniswa Nesifuba Somoya Kubantwana
  • Iphela Elibekezelayo
    I-Phaphama!—1992
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—1997
  • Izindlovu—Abangane noma Izitha?
    I-Phaphama!—1994
  • Ingabe Ukubhema Kuyisono?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1997
g97 10/22 kk. 28-29

Ukubuka Okwezwe

Awukho “Umthombo Wobusha” Kwezokwelapha

Ngokukadokotela wezifo zasebegugile u-Andréa Prates, ukuphuza imithi ethandwayo yokulondoloza ubusha, njengama-hormone athile, kungase “kulethe inzuzo ngandlela-thile kodwa futhi kungase kuyilimaze kakhulu impilo yakho.” Iseluleko sikaDkt. Prates siwukuthi empini yokunqanda ukuguga, “imikhuba emisha iphumelela kangcono kunemithi emisha.” Umagazini waseBrazil i-Superinteressante uphawula ukuthi imikhuba emihle engase yandise isikhathi sokuphila ihlanganisa ukulala ngokwanele, ukulondoloza isimo sengqondo esizolile, ukwelula nokuvivinya umzimba ngokusesilinganisweni, ukuzikhandla ngokwengqondo nokugwema ukudla amafutha. Kubalulekile nokudla amavithamini namaminerali, okutholakala ezithelweni nasemifinweni. Ukuguga kuthinta wonke amangqamuzana omzimba, futhi umuthi owodwa awunakuzizuzisa kanyekanye zonke izitho zomzimba ezihlukahlukene.

Umfuziselo Wokuqala Wesilwane Esincelisayo Esesikhulile

Abacwaningi baseScotland bamangaza izwe lonke ekupheleni kuka-February lapho bememezela ukuthi babekhiqize umfuziselo wewundlu nge-DNA yemvu esikhulile. Nakuba sekuyiminyaka eminingi kukhiqizwa imifuziselo yamangqamuzana ombungu, kuze kube manje ososayensi abaningi bebecabanga ukuthi ukukhiqiza iwele ngokusebenzisa izici zofuzo zesilwane esincelisayo esesikhulile akunakwenzeka. Laba bacwaningi bathi uma becabangela, inqubo efanayo ingasetshenziswa nakubantu—bathi i-DNA yengqamuzana elithathwe kumuntu omdala ingasetshenziselwa ukukhiqiza iwele elifana nalowo muntu ngokofuzo, kodwa elincane kunaye. Nokho, ngokwe-International Herald Tribune, u-Ian Wilmut, usosayensi owayehola kulomsebenzi, ucabanga ukuthi lomqondo awamukeleki ngokwezindinganiso zokulunga. I-Journal of the American Medical Association ibika ukuthi i-World Health Organization iyavuma, ilahla ukukhiqizwa kwemifuziselo engabantu ngokuthi ‘ukuhlola okweqisayo.’

Qaphela Lokho Kucindezeleka!

“Abantu baseBrazil abayizigidi bahlale bekhala ngokucindezeleka,” kubika umagazini i-Veja. Abaningi bangase bacabange ukuthi ukusebenza ngokuzikhandla isikhathi eside kuwuphawu lwenkuthalo abanayo, kodwa ukucabanga kanjalo kungaba yingozi. UDkt. Marilda Lipp wePontifical Catholic University uyachaza: “Umuntu usebenza kahle lapho engaphansi kokucindezeleka okusesilinganisweni, kodwa wenza umsebenzi oncomekayo lapho esezikhandle ngaphezu kwamandla akhe, kodwa engakuqapheli lokho. Lapho ecindezeleke kakhulu, umuntu usebenza kahle isikhashana. Ngemva kwalokho, uvele aquleke.” Lombiko uthi labo abakuthola kunzima ukwaba umsebenzi bacindezeleka kakhulu. NgokukaDkt. Lipp, bacindezeleka kakhulu labo “abangakwazi ukuveza imizwa yabo, abaphahlukayo lapho becindezelekile bese benza umzamo wokuba mnene futhi baziphathe kahle.”

Amatshwele Omshini

Ekuqaleni kwalonyaka, i-Asahi Evening News yabika ukuthi amatshwele omshini aye aba semfashinini ezweni lonke eJapane. Leli thoyizi elinjengeqanda linesihenqo esiveza imifanekiso yetshwele ezigabeni ezihlukahlukene zokukhula. Uma ucindezela inkinobho, kuphuma itshwele egobolondweni ngemva kwemizuzu emihlanu. Leli “tshwele” libe selitshiyoza ukuze umnikazi walo “aliphe ukudla” futhi anakekele nezinye izidingo zalo ngokucindezela izinkinobho ezihlukahlukene. Lingase litshiyoze noma yinini, ngisho nasebusuku. Ukungalinaki kungabangela ukuba leli tshwele “life” ngaphambi kwesikhathi. Noma kunjalo, ngemva kwesikhathi esingaba yisonto, leli tshwele liyafa. Khona-ke leli thoyizi lingahlelwa kabusha ukuze “kuzalwe” itshwele elisha, elinezici ezihlukile. Kubikwa ukuthi abanye bazizwa besondelene naleli tshwele lomshini njengokungathi lingumntwana. Omunye udokotela waze wathi ngetshwele lakhe: “Ngangidumele kakhulu lapho lifa kunalapho kufa omunye weziguli zami.”

Ukuxhashazwa Kwezingane

“Kukholelwa ukuthi izingane ezingaba izigidi ezimbili emhlabeni wonke ziyizisulu zokuhweba ngobulili,” kusho i-ENI Bulletin. Ukuxhashazwa kwezingane ngalendlela, osekuthé chithi saka ezingxenyeni ze-Asia, sekuyadlanga nasemazweni aseMelika. URodrigo Quintana, uchwepheshe okuyi-Inter-American Institute of the Child, wathi kuleli shumi leminyaka elidlule lenkinga iye yanda ngokushaqisayo eLatin America. Izibalo ezavezwa uQuintana zibonisa ukuthi amashumi ezinkulungwane zezingane emazweni aseLatin America manje asebenza njengezifebe.

Kutholakale Isikhatha Somlotha-mbumbulu

I-New York Times ibika ukuthi muva nje izazi zezinto zasemkhathini zithole lokho okubonakala kuyisikhatha somlotha-mbumbulu esinobude obungathatha iminyaka engu-3500 uma uhamba ngejubane lokukhanya, siphuma enkabeni yomthala wethu, i-Milky Way. Lomlotha-mbumbulu unezinhlayiyana zama-athomu ezifana nsé nezivamile ngaphandle kokuthi zona zinamandla kagesi ahlukile. Ukuthintana kwazo nezinhlayiyana ezivamile kubangela ukuba ziqhume futhi kukhipha imisebe yama-gamma enamandla amakhulu. Ososayensi bathola ukuthi lesi sikhatha siwumlotha-mbumbulu ngokubeka isiphuphutheki se-Compton Gamma Ray Observatory kulelo zinga lamandla. Ngokuphathelene nomphumela walesi sikhatha, “lezi zazi zezinto zasemkhathini zithe asilona usongo eMhlabeni, kodwa sishintsha umbono wazo ngalomthala.”

Indlela Yokuxosha Izindlovu

Isazi sesayensi yezilwane saseCambridge University uLoki Os-born sithi: “E-Asia, izindlovu zicekela phansi izilimo ezidla izinkulungwane [zamaRandi] unyaka ngamunye.” Njengoba kwabikwa kumagazini i-New Scientist, izindlovu zase-Afrika nazo ziyakuthanda lokhu kudla. Ngokuvamile, abalimi baye bazama ukuxosha lezi zilwane ngokushaya izigubhu noma ngokuzijikijela ngamatshe. U-Osborn uthi izindlovu eziningi ezingena ngokungemthetho ziye zadutshulwa, “kodwa lokhu akuwunciphisi umonakalo ezilimweni.” U-Osborn nomklami wezinto othile bakholelwa ukuthi batholé ikhambi elingcono: ithini lesifutho elinekhilogremu elilodwa likapelepele nowoyela okungajikijelwa endaweni eseduze kwendlovu ngomshini wokuciba onomoya omningi. Uphawula ukuthi indlovu enomboko omude inekhono elihle kakhulu lokuhogela. Lapho kwenziwa ukuhlola eZimbabwe, “izindlovu zaziqale zime phuhle, bese zifutha imiboko yazo ngaphambi kokuba zishaye zichithe.” Lombiko uthi lopelepele awubangeli umonakalo ohlala njalo.

Ukuhogela Intuthu Kagwayi Kuyabulala

“Abantu abangaphezu kuka-50-000 abafayo minyaka yonke ngenxa yezifo zenhliziyo nemithambo yegazi babulawa ukuhogela intuthu kagwayi,” ephuma kugwayi obhenywa abanye abantu, kusho umbiko kamagazini wase-United States i-Good Housekeeping. Ngaphezu kwalokho, abantu abangabhemi abachitha isikhathi njalo besendaweni enabantu ababhemayo basengozini enkulu yokucinana kwemigudu yokuphefumula nokungenwa yi-pneumonia nezinhlobo zomdlavuza ezihlukahlukene. Iphunga elibi elisala endlini izinsuku eziningi ngemva kokuba bekunomuntu obhemayo kuthiwa aliyona ingozi. Nokho, lesi sihloko sathi: “Amagumbi agcwele intuthu angaba nokungcola komoya okuphindwe izikhathi eziyisithupha kunasemgwaqweni omkhulu.” Sathi futhi “umuntu oyedwa kwabangu-8 ababulawa ukubhema ugwayi ubulawa ukuhogela intuthu kagwayi.”

Ingabe Luyisitshalo Sesikhathi Esizayo?

I-UNESCO Courier ithi uqalo lwaluluningi ezindaweni ezisenkabazwe ngaphambi kokuba abenzi bamakoloni balugawule ukuze bavule amasimu. E-Afrika kuphela, kunezinhlobo zoqalo ezingu-1500. Lesi sitshalo singasetshenziswa ngezindlela eziningi ezihlukahlukene. Njengoba siqinile kunensimbi, siyimpahla yokwakha enhle kakhulu. Ezinye izakhiwo zoqalo ezinezitezi ezintathu eColombia zineminyaka engaphezu kweyikhulu zikhona futhi zisasetshenziswa. Uqalo luwusizo futhi nasekwenzeni amapayipi, ukuthela uphethiloli neminye imisebenzi eminingi. Amahlumela oqalo ayasetshenziswa ngisho nasekudleni kwamaShayina namaJapane. Kungenzeka ukuthi ukuba wusizo koqalo kwabukelwa phansi esikhathini esidlule. Kodwa ukuba usizo kwalo nokukhula kwalo ngokushesha—luqina ngokuphelele ngeminyaka emihlanu kuphela—kushukumisela abanye ukuba balubuke ngeso elisha, “njengesitshalo esivuselelekayo sesikhathi esizayo.”

Amaphela Ahlotshaniswa Nesifuba Somoya Kubantwana

I-Daily News yaseNew York ibika ukuthi ukuhlola kweminyaka emihlanu kwe-U.S. National Institutes of Health kuthi amaphela ayimbangela yokwanda kwesifuba somoya kubantwana basemadolobheni. Kubantwana abanesifuba somoya abangu-1528 abahlolwa emadolobheni angu-7, abangamaphesenti angu-37 babengezwani neze namaphela. Labo abanjalo futhi okwafakwa amaphela amaningi emakamelweni abo okulala babesethubeni eliphindwe kathathu lokulaliswa esibhedlela kunabanye abantwana abanesifuba somoya. UDkt. David Rosenstreich, owayephethe lokhu kuhlola, wakhuthaza ukuba kuqedwe amaphela ngokuwacupha, ngezibulala-zinambuzane, nge-boric acid nangokuhlanzisisa indlu. Wathi ukushanela yonke indlu ngama-vacuum cleaner kuqeda imisimbane yamaphela esothulini. UDkt. Rosenstreich uyanezela: “Kumelwe ususe zonke izinto ezinokudla namanzi, ikakhulukazi ezivuzayo noma eziconsayo. Amaphela adinga amanzi ukuze aphile.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela