Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 10/22 k. 25-k. 27 isig. 7
  • Kungani Umfowethu Enakwa Kangaka?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Umfowethu Enakwa Kangaka?
  • I-Phaphama!—1997
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okwenza Bakhethe Iphela Emasini
  • Ukungaphathwa Ngendlela Efanayo—Ingabe Akulungile?
  • Ukufunda Ukuba Nokuqonda
  • Kungani Kufanele Ngibe Uthunjana?
    I-Phaphama!—1992
  • Ngingabhekana Kanjani Nokukhetha Iphela Emasini?
    I-Phaphama!—1997
  • Bangakwenza Kanjani Lokho Kimi?
    I-Phaphama!—1989
  • Ngingaba Kanjani Isibonelo Kubafowethu Nodadewethu Abancane?
    I-Phaphama!—1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1997
g97 10/22 k. 25-k. 27 isig. 7

Intsha Iyabuza . . .

Kungani Umfowethu Enakwa Kangaka?

“Okungikhathazayo ukuthi uma abafowethu nodadewethu beganga, banakwa kakhulu—kungakhathaliseki ukuthi benze okuhle noma okubi. Kodwa njengoba ngivame ukulalela, ngivele nginganakwa.”—UKay oneminyaka engu-18 ubudala.a

“Abafowethu nodadewethu banakwa kakhulu futhi baphathwa kangcono. Mina nginakwa kuphela lapho nginikezwa iseluleko. Bekungangcono ukube bengazi ukuthi nabo bayasithola iseluleko.”—URuth oneminyaka engu-15 ubudala.

“Kimina kubonakala sengathi abafowethu nodadewethu abadala bathola amalungelo athé xaxa futhi banakwa kakhulu.”—UBill oneminyaka engu-13 ubudala.

KUSUKELA mhla sizalwa, sonke sidinga ukunakwa abazali bethu. Futhi uma unomuzwa wokuthi awunakwa ngokwanele, kuyaqondakala ukuthi ungase uphatheke kabi futhi uthukuthele. Kungaba njalo ikakhulukazi uma kubonakala sengathi ingane yakini—eyizibulo, ewuthumbu, eziphethe kahle, noma eyihlongandlebe kakhulu—inakwa njalo. Ungase uzizwe ngisho nangendlela uDavide azizwa ngayo lapho ebhala: “Sengakhohlakala enhliziyweni njengofileyo; nginjengesitsha esifileyo.”—IHubo 31:12.

Kungaba buhlungu ukubona ingane yakini ithola ukunaka okufunayo. Kodwa ingabe kusho ukuthi awuthandwa ngempela? Lutho neze. Ngezinye izikhathi intsha inakwa kakhulu ngoba inamakhono avelele noma ubuntu obukhangayo. UKenneth oneminyaka engu-11 ubudala uthi: “Nakuba umfowethu omncane, u-Arthur, esebangeni lokuqala, udlala eqenjini lomculo lezingane zebanga lesithathu. Ukhaliphile futhi kwezemidlalo nasezibalweni. Eqinisweni, uphuma ngamalengiso kuzo zonke izifundo zakhe esikoleni. Ngezinye izikhathi ngicabanga ukuthi abantu bamthanda kakhulu kunami, kodwa anginawo umona ngaye. Mhlawumbe nginawo ngandlela-thile.”

Kukhona nezingane okubonakala zithola ukunaka okukhulu kwabazali bazo ngenxa nje yokuthi zingamazibulo—noma zingothumbu. IBhayibheli lithi ngensizwa uJosefa: “UIsrayeli wathanda uJosefa kakhulu kunabantwana bakhe bonke, ngokuba wayeyindodana yobuxhegu bakhe.” (Genesise 37:3, 4) Ngakolunye uhlangothi, uTodd oneminyaka engu-18 ubudala wayenomuzwa wokuthi umfowabo wayethandwa ngoba eyizibulo. Uyakhumbula: “Sake sacelwa ukuba size nesithombe esisithandayo sisengabantwana esasizosisebenzisa emsebenzini wesikole. Ngathola izithombe zami ezimbalwa kakhulu kodwa umfowethu omdala wayenenqwaba yazo. Kwangenza ngazibuza ukuthi kungani.”

Nokho, ngokuvamile ingane yakini ithola ukunakwa okwengeziwe ngoba inezinkinga—mhlawumbe izinkinga wena ongazazi. “Lapho ngineminyaka engaba ngu-16, umfowethu omdala wabhekana nesikhathi esinzima,” kuchaza uCassandra, manje oneminyaka engu-22 ubudala. “Wayengaqiniseki ukuthi uyafuna yini ngempela ukukhonza uJehova, futhi abazali bami bamnikeza cishe konke ukunaka kwabo. Ngaleso sikhathi, ngangingasiqondi isizathu. Nganginomuzwa wokuthi abangikhathaleli neze. Kwangenza ngadumala futhi ngazizwa nginganakiwe—futhi ngithukuthele.”

Okwenza Bakhethe Iphela Emasini

Nokho, ngezinye izikhathi abazali banecala lokukhetha iphela emasini ngamabomu. Umama othile wavuma: “Ngiyazi ukuthi indodana yami, uPaul, kuyiphethe kabuhlungu ukuziqhayisa kwethu ngendodakazi yethu. Yasitshela ngokungagwegwesi ukuthi, ‘Wena nobaba njalo nibukana emehlweni lapho uLiz esho okuthile.’ Ekuqaleni sasingazi ukuthi ikhuluma ngani. Khona-ke saqaphela ukuthi njalo sibukana ngendlela ethi ‘akeve emangalisa.’ Selokhu indodana yethu yasiqaphelisa ngalokhu, siye senza umzamo wangempela wokungabe sisakwenza.”

Kodwa kungani vele abazali bekhetha iphela emasini? Indlela abakhuliswa ngayo bona ingase ibe umthelela. Ngokwesibonelo, uma umama wakho akhula ewuthumbu, angase asondelane kakhulu nothumbu wakhe. Engaqapheli, angase athambekele ekumvuneni. Noma umzali angase asondelane nengane enombono noma isithakazelo esifana nesakhe. Cabangela lokho iBhayibheli elikushoyo ngo-Isaka noRebeka ngokuphathelene namadodana abo angamawele, uJakobe no-Esawu: “Abafana bakhula; uEsawu waba-yiphisi, umuntu wasendle; uJakobe waba-yibeka, ehlala ematendeni. UIsaka wamthanda uEsawu, ngokuba wayedla inyama yenyamazane yakhe; uRebeka wamthanda uJakobe.”—Genesise 25:27, 28.

Yini okufanele uyenze uma abazali bakho bebonakala bekhetha omunye ezinganeni zakini?b Ungase uzame ukuxoxa nabo ngesizotha, ungababhaceki ngecala. (IzAga 15:22) Ngokubalalela ngenhlonipho, ungase ukwazi ukubona izinto ngombono wabo. Lokhu kungase kudambise ukukhungatheka kwakho. (IzAga 19:11) Osemusha othile uthi: “Kwakungikhathaza ngempela ukuthi umama wayesondelene kakhulu nomfowethu kunami. Lapho ngimbuza, wangichazela ukuthi njengoba umfowethu efana nobaba, uyamkhanga. Futhi njengoba mina ngifana naye umama, ubaba ukhangwa yimina. Ngokufanayo, ngenxa yokuthi mina nomama siyafana, siyacasulana. Futhi ngenxa yokuthi ubaba nomfowethu bayafana, abezwani. Lapho esechaze ngaleyo ndlela—nakuba kungazange kungijabulise—ngakwamukela.”

Ukungaphathwa Ngendlela Efanayo—Ingabe Akulungile?

Nokho, kungani abazali bengaphathi wonke umuntu ngendlela efanayo? UBeth, manje oneminyaka engu-18 ubudala, uthi: “Lapho ngineminyaka engaba ngu-13 ubudala, nganginomuzwa wokuthi mina nomfowethu kufanele siphathwe ngendlela efanayo—efana ncamashí. Kodwa ngangithethiswa njalo, kuyilapho yena engathintwa. Futhi wayechitha isikhathi esiningi nobaba belungisa imoto. Kwakubonakala kungalungile.”

Kodwa ukungaphathwa ngendlela efanayo akuyona into engalungile. Cabangela indlela uJesu Kristu aphatha ngayo abaphostoli bakhe. Ngokungangabazeki wayebathanda bonke abangu-12, kodwa wamema abathathu kuphela ukuba babe ofakazi bokuzibonela bezenzakalo ezithile ezikhethekile, kuhlanganise nokuvuswa kwendodakazi kaJayiru nokuguqulwa isimo. (Mathewu 17:1; Marku 5:37) Ngaphezu kwalokho, uJesu wayenobungane obuseduze ngokukhethekile nomphostoli uJohane. (Johane 13:23; 19:26; 20:2; 21:7, 20) Ingabe lokhu kwakungafani? Ngokuqinisekile. Ingabe kwakungalungile? Lutho neze. Ngoba nakuba kungenzeka ukuthi uJesu wayekhangwa abathile ngokukhethekile, akazange azishaye indiva izidingo zabanye abaphostoli bakhe.—Marku 6:31-34.

Ngokufanayo, kungenzeka ukuthi enye yezingane zakini ithola ukunakwa okukhethekile ngenxa yamakhono, ubuntu bayo, noma izidingo zayo. Kuyavunywa, kungaba buhlungu ukubona lokhu. Kodwa umbuzo uwukuthi, Ingabe izidingo zakho azinakwa ngempela? Uma udinga iseluleko sabazali bakho, usizo, noma ukusekelwa, ingabe uyakuthola? Uma kunjalo, ungasho yini ngempela ukuthi uyisisulu sokuntuleka kobulungisa? IBhayibheli lisikhuthaza ukuba sisebenzelane nabanye “ngokwezidingo zabo.” (Roma 12:13) Njengoba wena nezingane zakini ningabantu abanezidingo ezihlukahlukene, akunakwenzeka ukuba abazali benu baniphathe ngendlela efanayo ngazo zonke izikhathi.

UBeth, oke wacashunwa, waqaphela ukuthi ukuphathwa ngendlela efanayo akufanele ngaso sonke isikhathi nokuthi ukuphathwa ngendlela efanele akufani ngaso sonke isikhathi. Uthi: “Ngaqaphela ukuthi mina nomfowethu singabantu ababili abahlukene futhi kufanele siphathwe ngendlela engafani. Uma ngibheka emuva, angikholelwa ukuthi ngangingakuboni lokho lapho ngisemncane. Ngicabanga ukuthi kubangelwa indlela obheka ngayo izinto ngaleso sikhathi.”

Ukufunda Ukuba Nokuqonda

Yebo, “indlela obheka ngayo izinto” ifeza lukhulu endleleni osabela ngayo esimweni okuso. Njengezibuko ezimnyama, imizwelo yakho ingaphazamisa indlela obona ngayo izinto. Kanti sinamandla isidingo esingokomzwelo sokunakwa nokuvunyelwa abazali. Abacwaningi uStephen Bank noMichael Kahn bayaphawula: “Ngisho noma abazali bebengakwazi ukufinyelela isifiso esingenakufezeka sokubaphatha ngokulinganayo abantwana babo abangafani, umntwana ngamunye ubeyoba nomuzwa wokuthi abazali bathanda umntwana othile kunabanye.”

Ngokwesibonelo, ake uphinde ucabangele okwashiwo abasebasha abathathu abacashunwe ekuqaleni. Isimo sabo besingabonakala sibucayi ngaphandle kweqiniso elilodwa: Bayizelamani! Yebo, ngamunye ucabanga ukuthi abanye banakwa kakhulu nokuthi yena akashaywa mkhuba! Khona-ke ngokuvamile indlela esibona ngayo izinto ihlanekezelwe. “Onomoya opholileyo ungumuntu oqondileyo,” kusho izAga 17:27. Ukuba oqondayo kusho ukubheka izinto ngombono ongokoqobo nohluzekile, hhayi ngokuthathwa umzwelo. Ukuqonda kungase kukusize uqaphele ukuthi nakuba abazali bakho benganiphathi ngendlela efanayo nonke, bayanikhathalela nonke! Ukuqaphela lokhu kungakusiza ukuba ugweme ukuthukuthela nokuba lusizi.

Nokho, kuthiwani uma ngezizathu ezizwakalayo kubonakala sengathi awunakwa ngendlela ekufanele? Yini ongayenza? Lokhu kuzocatshangelwa kumagazini i-Phaphama! ozayo.

[Imibhalo yaphansi]

a Amanye amagama ashintshiwe.

b Isihloko esizayo sizogxila kakhudlwana endabeni yokubhekana nokukhetha iphela emasini.

[Isithombe ekhasini 26]

Ukuphathwa ngendlela engafani kungabonakala kungalungile

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela