Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 10/8 k. 8-k. 11 isig. 8
  • IPharadesi Elingenazinkathazo—Lizofika Ngokushesha

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IPharadesi Elingenazinkathazo—Lizofika Ngokushesha
  • I-Phaphama!—1997
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amandla Ayoletha IPharadesi
  • Isimo Sanamuhla Esingokoqobo
  • “Sizobonana EPharadesi!”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2018 (Efundwayo)
  • Ngemva KweArmagedoni, Umhlaba OyiPharadesi
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Ingabe IBhayibheli Lithembisa IPharadesi Lasemhlabeni?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Indlela Eya EPharadesi
    I-Phaphama!—1997
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1997
g97 10/8 k. 8-k. 11 isig. 8

IPharadesi Elingenazinkathazo—Lizofika Ngokushesha

“UYOBA nami ePharadesi.” Yeka indlela lawo mazwi ayiqinisa ngayo indoda eyayinomlando wobugebengu! Akukhona ukuthi yayicabanga ukuthi ngeke iye emlilweni wesihogo kodwa yayizoya ezulwini lapho ifa. Kunalokho, isigebengu esasiseduze kukaJesu saduduzwa ithemba lokuthi sasizovuselwa ekuphileni lapho kubuyiselwa iPharadesi kuleplanethi. Siza uphawule ukuthi ubani owakhuluma lawo mazwi amangalisayo ngokuphathelene nePharadesi—iNdodana kaNkulunkulu ngokwayo, uJesu Kristu.—Luka 23:43.

Yini eyashukumisa uKristu ukuba enze isithembiso sePharadesi? Lesi sigebengu sasinxusile: “Jesu, ngikhumbule lapho ungena embusweni wakho.” (Luka 23:42) Uyini loMbuso, futhi uhlangana kanjani nepharadesi lasemhlabeni? Lokhu kusinikeza kanjani isiqinisekiso sokuthi iPharadesi ngeke libe nezinkathazo?

Amandla Ayoletha IPharadesi

Uzovuma ukuthi ipharadesi leqiniso lingaba khona emhlabeni kuphela uma sekuphele zonke izinkathazo zosuku lwanamuhla. Kuze kube manje, imizamo yomuntu yokuzisusa iye yahluleka, njengoba umlando ukufakazela kahle lokho. Umprofethi ongumHeberu uJeremiya wavuma: “Ngiyazi, Jehova, ukuthi . . . akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.” (Jeremiya 10:23) Ubani-ke ongaqeda zonke izinkathazo zosuku lwanamuhla?

Isimo Sezulu Esibi Nokungcola. Lapho isiphepho esinamandla oLwandle LwaseGalile sibangela amagagasi amakhulu ayesongela ukuphihliza isikebhe, amatilosi avusa umngane wawo ayehamba naye. Yena wamane wathi olwandle: “Shh! Thula!” IVangeli likaMarku lilandisa okwenzeka: “Umoya wanqamuka, futhi kwaba nokuzola okukhulu.” (Marku 4:39) Lowo mngane owayehamba nalamatilosi kwakunguJesu. Wayenamandla okulawula isimo sezulu.

Kwakunguye futhi loJesu owabikezela ngomphostoli uJohane ukuthi kwakuyofika isikhathi lapho uNkulunkulu ‘ayeyochitha labo abachitha umhlaba.’ (IsAmbulo 1:1; 11:18) Lokhu akusona isimangaliso kuLowo owaqeda lonke izwe labantu abangamhloniphi uNkulunkulu ngeSikhukhula sosuku lukaNowa.—2 Petru 3:5, 6.

Ubugebengu Nobudlova. IBhayibheli liyathembisa: “Ababi bazakuchithwa, kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba. Kepha abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu.” (IHubo 37:9, 11) Nalapha futhi nguNkulunkulu, uJehova, othembisa ukususa bonke ubugebengu nobudlova, agcinele abathobekileyo iPharadesi.

Ubumpofu Nendlala. Ukungabi nabulungisa kwanamuhla kwenza ohulumeni kwezinye izindawo bagcine “inqwaba” yokudla kuyilapho ngesikhathi esifanayo amazwe ampofu eququdwa ubumpofu. Izinhlangano ezinikeza usizo, zisekelwa abantu abakhathalelayo emhlabeni wonke, zizama ukunikeza abantu izidingo eziyisisekelo kodwa zivame ukuhluleka lapho amacebo okwaba ukudla engaphumeleli ngenxa yokungabi bikho komthetho nokuhleleka. Qhathanisa lokhu nalokho okwashiwo umprofethi u-Isaya: “UJehova-Sebawoti uyakwenzela abantu bonke idili lokukhulupheleyo kulentaba, idili lewayini elinenhlese, okukhulupheleyo okunomnkantsha, iwayini elinenhlese elicwengekileyo.” (Isaya 25:6) Ingabe lokho akubonisi yini ukuthi ukubulawa indlala kuyobe kungasekho? Ngokuqinisekile.

Impi. Imizamo yokubusa lembulunga ngegunya lomhlaba wonke iye yabhuntsha. INhlangano Yezizwe, eyasungulwa ngo-1920, yehluleka ukunqanda ukugqashuka kweMpi Yezwe II futhi emva kwalokho yawa. IZizwe Ezihlangene, ezivame ukudunyiswa ngokuthi ziyithemba lokuthula eliphuma phambili, ziyehluleka ukulamula amaqembu aphikisanayo ezindaweni ezinezimpi. Naphezu kwemizamo yazo yokuthula esakazwayo, izimpi zidlangile, kungakhathaliseki ukuthi ezombango, ezobuhlanga, noma ezomphakathi. Uhulumeni woMbuso kaNkulunkulu uthembisa ukuqeda amaqembu alwayo namuhla futhi ufundise izikhonzi zawo izindlela zokuthula.—Isaya 2:2-4; Daniyeli 2:44.

Ukuwohloka Komkhaya Nokuziphatha. Ukuhlukana komkhaya kuvamile. Ubuhlongandlebe bentsha busabalele. Ukuziphatha okubi kuthe chithi saka kuyo yonke imikhakha yomphakathi wesintu. Nokho, izindinganiso zikaNkulunkulu azizange zishintshe kwasekuqaleni. UJesu wakufakazela ukuthi “umuntu uyoshiya uyise nonina futhi anamathele kumkakhe, futhi laba ababili bayoba nyamanye . . . Ngakho-ke, lokho uNkulunkulu akubophele ndawonye ejokeni makungahlukaniswa muntu.” (Mathewu 19:5, 6) Futhi uJehova uNkulunkulu wayala: “Dumisa uyihlo nonyoko . . . ukuze kukuhambele kahle futhi uhlale isikhathi eside emhlabeni.” (Efesu 6:2, 3) Kuyovama izindinganiso ezinjalo emhlabeni ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu.

Ukugula Nokufa. “UJehova . . . uyakusisindisa,” kuthembisa umprofethi u-Isaya, futhi “abakhé khona abayikusho ukuthi: Ngiyagula.” (Isaya 33:22, 24) Umphostoli ongumKristu uPawulu wavuma: “Inkokhelo isono esiyikhokhayo iwukufa, kodwa isipho uNkulunkulu asinikezayo siwukuphila okumi phakade ngoKristu Jesu.”—Roma 6:23.

UJehova uNkulunkulu uyosusa zonke lezi zinkathazo ngohulumeni wakhe wasezulwini ngaphansi kweNdodana yakhe, uKristu Jesu. Nokho, ungase uthi, ‘Lokhu kuzwakala kuyiphupho leZwe Lasemaphusheni. Ngokuqinisekile, bekuyojabulisa uma lifezeka, kodwa ingabe liyofezeka?’

Isimo Sanamuhla Esingokoqobo

Kubantu abaningi, ithemba lokuphila epharadesi elingenazinkathazo khona lapha emhlabeni lizwakala liwukuzikhohlisa. Uma uzizwa ngaleyo ndlela, hlola ubufakazi obubonisa ukuthi lokhu kuyokwenzeka ngempela.

OFakazi BakaJehova bawumphakathi wanamuhla womhlaba wonke wabantu abangaphezu kwezigidi eziyisihlanu kakade abajabulela isimo esingenazinkathazo emabandleni abo angu-82 000 asemazweni angu-233. Ungavakashela noma imiphi imibuthano yabo, emikhulu noma emincane, futhi uyotholani?

(1) Isimo Esijabulisayo Nesihlanzekile. Ephawula ngomunye umhlangano woFakazi BakaJehova eNorwich, eNgilandi, umphathi wenkundla yezemidlalo wathi: “Isimo esinokuthula ezinsukwini ezine . . . siyathelelana. Uthola ukuzola okungafani neze nanoma yiziphi ezinye izinsuku ezine ezicindezelayo ozichitha kwezebhizinisi nasekuphileni kwethu kwansuku zonke. Ngempela oFakazi banokuthile okuhlukile nokunzima ukukuchaza.”

Umeluleki ongumqeqeshi embonini yezokwakha owavakashela amahhovisi oFakazi BakaJehova eLondon wathi: “Ngahlatshwa umxhwele kakhulu yilokho engakubona nengakuzwa futhi ngamangaliswa isimo esinokuthula nokuzola okukhulu esingatholakali ezakhiweni zenu kuphela kodwa futhi naphakathi [kwamadoda nabesifazane]. Nginomuzwa wokuthi indlela yenu yokuphila nenjabulo eninayo kungalifundisa okuningi lelizwe elinezinkathazo.”

(2) Ukulondeka Nokuthula. Umlobeli we-Journal de Montréal eCanada wabhala: “Angiyena uFakazi. Kodwa ngingufakazi weqiniso lokuthi oFakazi banobufakazi bokuphumelela nokuziphatha okufanele. . . . Ukuba bekuyibona kuphela abantu abaphila emhlabeni, bekungeke kudingeke ukuba sihluthulele iminyango ebusuku futhi sicuphe izinhlabamkhosi.”

(3) OFakazi baphawuleka ngokuthembeka kuhulumeni woMbuso kaNkulunkulu. Ukungathathi-hlangothi kwabo kuyabacasula abanye, nakuba kungadingekile. Ukungahlanganyeli kwabo emacebweni anamuhla okuciciyela kwezombangazwe akubangelwa ukuntula kwabo isithakazelo ekuthuthukiseni umphakathi. Kunalokho, bazama ukuziphatha ngendlela ethokozisa lowo obusa ngohulumeni wasezulwini, okungukuthi, uMdali womhlaba, uJehova uNkulunkulu.

Izinkolelo zoFakazi, ezisekelwe ngokuphelele eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli, zibavimbela ekuweleni ogibeni lokuba babe ihlelo. Banesithakazelo esiqotho kubo bonke abanye abantu, kungakhathaliseki ukuthi ziyini izinkolelo zabo ezingokwenkolo. Cha, abazami ukuphoqelela laba bantu ukuba bashintshe umbono wabo. Bazama ukulingisa uMholi wabo, uKristu Jesu, ngokuveza ubufakazi obungokomBhalo bePharadesi elingenazinkathazo elizomiswa maduzane emhlabeni.—Mathewu 28:19, 20; 1 Petru 2:21.

(4) Impilo Engokomoya Nenjabulo. Uma sesibhekana namaqiniso, oFakazi BakaJehova abasho ukuthi abanazo nhlobo izinkathazo kulesi sikhathi. Lokhu akunakwenzeka kubantu abanophawu lwesono esazuzwa njengefa ku-Adamu. Kodwa ngosizo lomoya ongcwele kaNkulunkulu, bayazikhandla ukuze bahlakulele izimfanelo ‘ezinjengothando, injabulo, ukuthula, ukubhekakade, umusa, ubuhle, ukholo, ubumnene, ukuzithiba.’ (Galathiya 5:22, 23) Ukukhulekela kwabo uJehova ngoKristu Jesu yikona okubahlanganisayo futhi kubagcine benethemba.

Sithemba ukuthi ukuvakashela kwakho endaweni yemihlangano yoFakazi endaweni ohlala kuyo kuyokuqinisekisa ukuthi uNkulunkulu uyoguqula umhlaba ube ipharadesi elingokoqobo.

Izinkathazo zosuku lwanamuhla ziyobe zingasekho. Ngisho nokungapheleli okuphikelelayo kuyophela kancane kancane njengoba kusetshenziswa izinzuzo zomhlatshelo kaKristu wesihlengo esintwini esilalelayo. Yebo, ungathola ubungqabavu nenjabulo.

Ukwenza amalungiselelo angenzima kuyokusiza ukuba ujabulele ithemba elinjalo. Cela oFakazi bakutholele ikhophi yencwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade.a Ngalencwadi, ngesikhathi esifushane, ungafunda lokho uNkulunkulu akufunayo kuwe ukuze nawe ujabulele ukuphila phakade epharadesi elingenazinkathazo.

[Umbhalo waphansi]

a Inyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 10]

Izinkolelo zoFakazi, ezisekelwe ngokuphelele eBhayibhelini, zibavimbela ekubeni babe ihlelo

[Izithombe ekhasini 8, 9]

Manje kubekwa isisekelo sepharadesi elingenazinkathazo

Maduzane, kuyoba nepharadesi elingokoqobo emhlabeni wonke

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela