Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 9/8 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1997
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ‘Kungokwesikhashana Nje!’—Ukuphila Nesifo Sezinso
    I-Phaphama!—1996
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1996
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1997
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1997
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1997
g97 9/8 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Isifo Sezinso Isihloko esithi “‘Kungokwesikhashana Nje!’—Ukuphila Nesifo Sezinso” (November 22, 1996) saphumelela ekungikhuthazeni mina nomyeni wami esikhathini esasibucayi kakhulu. Njengombhali wesihloko, umyeni wami useqalile ukusebenzisa indlela yokuhlanza igazi ngaphakathi emzimbeni ngaphandle kokusebenzisa izinaliti (peritoneal dialysis), futhi bekunzima. Ngezinye izikhathi siphelelwa ithemba. Kodwa isihloko senu sasiyinduduzo enkulu, sisikhumbuza ukuthi ukungasebenzi kwezinso nakho konke okunye ukugula kungokwesikhashana futhi kuzoqedwa ngokushesha uMbuso kaNkulunkulu.

V. Q., Italy

Ukufunda ngendoda engazange iwuthathe kalula umkhaya wayo noma ukukhulekela kwayo naphezu kokulwa nalesi sifo isikhathi eside kwangifikisela izinyembezi. Ngingumshumayeli wesikhathi esigcwele oneminyaka engu-18 ubudala, onempilo enhle futhi ngiyaqaphela ukuthi ngiyithatha kalula kangakanani impilo yami. Kwakukhuthaza ukufunda ngokholo lukaLee Cordaway nesimo sakhe sengqondo.

J. S., United States

Ngo-1992, lapho ngineminyaka engu-11 ubudala, ngathola ukuthi nganginesifo sezinso, ekugcineni esaholela ekubeni izinso zami zingasebenzi. Kwadingeka ukuba ngelashwe ngokukhishwa ukungcola egazini (dialysis). Ngiyajabula ngokuthi nayichaza kahle lenqubo ngoba abantu bahlale bezibuza ukuthi kazi isebenza kanjani. Ukuthola ukuthi isimo engibhekene naso namuhla ngeke sihlale sikhona kwakhuthaza mina nabangane bami.

A. H., United States

Kusukela ngifundé isihloko esimayelana noLee Cordaway ngiye ngaba nesilokozane. Angizange ngikukholelwe ukuthi washona! Mina nomyeni wami sifisa ukubonisa uthando lwethu kumkakhe nasemkhayeni wakhe. Lokhu kungenza ngiqaphele ukuthi zincane kangakanani izinkinga ezingikhathazayo ekuphileni kwami. Yeka indoda ethandekayo, ethembekile nengumKristu! Isibonelo sakhe siyangikhuthaza.

F. H., United States

Nakuba ngineminyaka eyishumi kuphela futhi ngingenasifo, ngiyazijabulela izihloko ezikhuthaza kanje. Ngifisa sengathi uLee Cordaway ubengayifunda lencwadi, kodwa ngiyazi ukuthi ngeke akwazi kuze kube sovukweni lwakhe ePharadesi.

E. T., United States

AmaPilgrim Bengifuna ukunitshela ukuthi ngasazisa kangakanani isihloko senu esithi “AmaPilgrim Nokuzabalazela Kwawo Inkululeko.” (November 22, 1996) Esikoleni angizange ngifunde iqiniso ngamaPilgrim. Kodwa izihloko zenu zingifundisé okuningi kakhulu!

S. B., United States

I-rock Yohlobo Oluhlukile Ngineminyaka engu-18 ubudala, futhi isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . I-rock Yohlobo Oluhlukile—Ingabe Ingifanele?” sabhalwa kahle. (November 22, 1996) Ngiyayithanda i-rock yohlobo oluhlukile, kungakho ngangicabanga ukuthi lesi sihloko sizonginenga. Kodwa lapho sengisiqedile, nganginomuzwa wokwazisa kuphela. Nginokucindezeleka, futhi ngiyaqaphela ukuthi umculo engiwukhethayo ungangenza ngicindezeleke kakhulu noma ungisize ngibhekane nakho. Ngiyayithanda indlela lesi sihloko esabuza ngayo, ‘Kungani ungatholi umculo okwenza ujabule?’ Ngiyabonga ngalesi seluleko esikhuthazayo nesisebenzayo.

J. D., United States

Ukwaziswa kwakunembé ngokumangalisayo futhi kungakhethi. Omunye walomculo ngiwuthola ukhanga. Ngiyabonga ngokusixwayisa ngaphandle kokululahla lonke lolu hlobo lomculo.

S. C., United States

Izindaba Zezilwane Ngiyakuthanda ukufunda izihloko enizikhiphayo ezimayelana nezilwane. Njengoba ngingakaze ngizwe nge-platypus, isihloko esithi “I-platypus Eyimpicabadala” (December 8, 1996) sangimangaza! Kumagazini ofanayo, isihloko esimayelana nobungane obuhle phakathi kwezilwane nabantu, esithi, “Lomgankla Wawukhumbula,” naso sangithinta inhliziyo. Yeka ukuthi kumnandi kangakanani lapho abantu bebonisa uthando nenhlonipho ngezilwane!

F. A., Brazil

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela