Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 9/8 k. 31
  • Ukulolonga Umzimba Ngokwedlulele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukulolonga Umzimba Ngokwedlulele
  • I-Phaphama!—1997
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Uwuvivinya Ngokwanele Umzimba?
    I-Phaphama!—2005
  • Isinyathelo 3—Vivinya Umzimba
    I-Phaphama!—2011
  • Impilo Enhle—Yini Ongayenza Ngayo?
    I-Phaphama!—1989
  • Siphila Kangakanani?
    I-Phaphama!—1989
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1997
g97 9/8 k. 31

Ukulolonga Umzimba Ngokwedlulele

“UMKHANKASO ongavamile wokulolonga umzimba,” kusho i-Toronto Star, “uwukuvivinya umzimba ngokweqile.” I-Star sibika ukuthi ukuvivinya umzimba ngokweqile kuhlupha kokubili abesilisa nabesifazane. Odokotela abathile nabelaphi bathi, abesilisa bangase bazivivinye ngokweqile ukuze baphinde bajabulele ubungqabavu bobusha, kodwa izizathu eziyinhloko zokuthi kungani abesifazane bezivivinya ngokweqile ngokuvamile ziba ukuba nombono ongemuhle wokubukeka kwemizimba yabo nokuphazamiseka kwemikhuba yokudla.

Abaningi baqala ukuvivinya umzimba ukuze bazizwe beyimiqemane futhi babukeke kahle kodwa ekugcineni bawuvivinye ngokweqile ngenxa nje yesidingo sokuvivinya umzimba. URichard Suinn, isazi sokusebenza kwengqondo kwezemidlalo nomluleki wamaqembu ambalwa ama-Olympic, uthi ukuvivinya umzimba ngokwedlulele kuba sobala lapho “kusekelwe ekuzibophezeleni okungokomzwelo kunokuzilolonga nje.” Lapho bebhekana nalenkinga, odokotela nabelaphi bayaye bazame ukuthola ukuthi ukuvivinya umzimba kunaliphi ithonya empilweni yeziguli. Uma benza umsebenzi obizelayo ngesikhathi esifanayo benakekela ikhaya nezingane, ukuzivivinya ngokweqile kuyoba nemiphumela emibi enhlalakahleni yabo. NgokukaDkt. Thomas Schwenk, uprofesa wezempilo yomkhaya, “bangase babe yimiqemane, kodwa kube nokuphazamiseka kwezenhlalo, baphazamiseke emsebenzini, nasekhaya futhi kube nokungezwani.”

I-Star sinikeza uhlu lwezimpawu ezixwayisayo ezihlobene nemilutha yokuvivinya umzimba: ‘Ukukhetha izindlela zokuvivinya umzimba ezikwenza unkom’idla yodwa, njengokugibela ibhayisikili, ukubhukuda, ukugijima noma ukuphakamisa izinsimbi; ukungakwazi ukuvumelanisa isimiso sokuvivinya umzimba nezimo; nokuwohloka kwezinye izici zokuphila komuntu siqu.’

Nakuba abantu abasebenza emkhakheni wezokuzilolonga bezivuma izinzuzo zokuzivivinya ngokulinganisela, bayaxwayisa nangemiphumela elimazayo yokuvivinya umzimba ngokweqile.—1 Thimothewu 4:8.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela