Kungani Kunenzondo Kangaka?
Ngumlobeli We-phaphama! Ejalimane
ELITHI “kungani”—liyigama elifushane, kodwa elidinga impendulo. Ngokwesibonelo, lalidinga impendulo lapho libonakala ebhodini phakathi kwenqwaba yezimbali nonodoli ababebekwe ngaphandle esikoleni saseDunblane, eScotland, ngo-March 1996. Ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi nje kwalokho, kwakugulukudele indoda ethile yadubula abantwana abangu-16 nothisha wabo bafa. Yalimaza nabanye abaningana yabe isizidubula. Ngokusobala, yayinenzondo enkulu—izizonda yona, izonda abanye futhi izonda nomphakathi wonkana. Abazali abalilayo nabangane kanye nezigidi zabantu emhlabeni wonke zizibuza umbuzo ofanayo, ‘Kungani? Kungani abantwana abangenacala befa ngalendlela?’
Kungenzeka uyaqaphela ukuthi izwe ligcwele inzondo embi futhi engachazeki. Eqinisweni, ngenxa yesizathu esithile, kungenzeka wena ngokwakho wake waba isisulu senzondo. Mhlawumbe nawe uye wazibuza ukuthi ‘Kungani?’—ngokunokwenzeka izikhathi ezingaphezu kwesisodwa.
Inzondo Efanele Nengafanele
Igama elithi “inzondo” lichazwa ngokuthi “ubutha nokunengwa okujulile.” Yiqiniso, kuyazuzisa ukuba ‘nobutha nokunengwa okujulile’ ngezinto eziyingozi noma ezingabhidliza ubuhlobo nabanye abantu. Ukube wonke umuntu ubenalolu hlobo lwenzondo, ngempela umhlaba ubuyoba indawo okungcono ukuphila kuyo. Nokho, ngokudabukisayo abantu abangaphelele bavame ukuzonda izinto okungafanele bazizonde, ngezizathu ezingafanele.
Ngokwencazelo ethile, inzondo ebhubhisayo isekelwe obandlululweni, ekuntuleni ulwazi, noma ekukhohlisweni futhi ngokuvamile ishoshozelwa “ukwesaba, intukuthelo, noma umuzwa wokoniwa.” Njengoba ingenasisekelo esifanelekile, lenzondo iphumela ebubini futhi ngokuphindaphindiwe iphakamisa umbuzo othi ‘Kungani?’
Sonke siyabazi abantu abanezici noma imikhuba engase isicasule ngezikhathi ezithile futhi okunzima ukusebenzelana nabo. Kodwa ukucasuka kungenye into; isifiso sokulimaza abantu sihluke ngokuphelele. Ngakho-ke, singase sikuthole kunzima ukuqonda ukuthi umuntu angayifukamela kanjani imizwa yenzondo ngamaqembu abantu, ngokuvamile okungabantu angabazi ngisho nokubazi. Kungenzeka baphikisana nemibono yakhe yezombangazwe, bangamalungu enkolo ehlukile, noma bangabohlanga oluhlukile, kodwa ingabe leso yisizathu sokubazonda?
Kodwa-ke, inzondo enjalo ikhona! E-Afrika inzondo yabangela ukuba izizwe zamaHutu namaTutsi zibulalane eRwanda ngo-1994, okwabangela ukuba enye intatheli ibuze: “Yaba khona kanjani inzondo engaka ezweni elincane kangaka?” EMpumalanga Ephakathi, inzondo iye yenza abashisekeli bama-Arabhu nama-Israyeli bahileleka ezenzweni zokuhlasela ngobuphekula. EYurophu inzondo yabangela ukuhlukana kwezwe elaliyiYugoslavia. Futhi ngokombiko othile wephephandaba, e-United States kuphela “amaqembu agqugquzela inzondo angaba ngu-250” asakaza imibono yobandlululo lobuhlanga. Kungani kunenzondo engaka? Kungani?
Inzondo igxile kangangokuba ngisho nalapho izingxabano eziyibangelayo sezixazululiwe, ihlala ikhona. Bubangelwa yini ubunzima bokulondoloza ukuthula nokunqanda impi emazweni akhungethwe yimpi nobuphekula? Yini eyabangela okwenzeka ngemva kokusayinwa kwesivumelwano sokuthula ekupheleni kuka-1995 eParis esasithi idolobha laseSarajevo libuyiselwe ngaphansi kwe-Bosnia and Herzegovina-Croat Federation? AbaseSerbia abaningi ababehlala lapho baqala ukubaleka edolobheni nasezindaweni ezizungezile besaba impindiselo. Ibika ukuthi abantu babephanga futhi beshisa izakhiwo ababephuma kuzo, i-Time yaphetha: “ISarajevo ihlanganisiwe futhi; abantu bakhona bahlukene.”
Ukuthula phakathi kwabantu abazondanayo kuba nje ukuthula-mbumbulu, okuyize njengemali-mbumbulu. Njengoba kungekho okubalulekile okusekela lokho kuthula, kungawohloka ngaphansi kwezingcindezi ezincane. Kodwa izwe ligcwele inzondo futhi alinalo neze uthando. Kungani?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 4]
Inzondo ebhubhisayo isekelwe obandlululweni, ekuntuleni ulwazi, noma ekukhohlisweni