Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 8/22 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1997
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indlela UNkulunkulu Azinakekela Ngayo Izithulu
    Izihloko Ezengeziwe
  • Ulimi Olubonayo!
    I-Phaphama!—1998
  • Bazise Abafowenu Nodadewenu Abayizithulu!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Izithulu Zidumisa UJehova
    I-Phaphama!—1997
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1997
g97 8/22 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Abathunjwa Ngiyisiboshwa esisasalelwe iminyaka emibili yesigwebo sami. Sengisifunde kabili isihloko esithi “Sasingabathunjwa Phakathi Nokuvukela Kwasejele.” (November 8, 1996) Isikhathi ngasinye lapho ngisifunda sasingilethela izinyembezi zenjabulo emehlweni ami nomunyu. Ngaso sonke isikhathi ngibheka phambili ekuvakasheni koFakazi BakaJehova kuleli jele. Akuve kuqabula!

J. K., United States

Angikaze nginibhalele ngaphambili mayelana nesihloko, kodwa isihloko esikhuluma ngabathunjwa sasiqinisa ukholo kakhulu. Sanginika isiqinisekiso esisha sokuthi uJehova uyabaqinisa abantu bakhe lapho becindezelekile.

K. D., United States

Isiqondiso Ngasijabulela impela isihloko esithi “Umbono WeBhayibheli: Isiqondiso Sikabani Ongasethemba?” (November 8, 1996) Sangiduduza futhi sangikhuthaza kakhulu. Njengabanye abaningi, ngiye ngadumazeka esikhathini esidlule lapho labo engangincike kubo ukuze ngithole isiqondiso bengenzela phansi. Umfanekiso wengane ibambe isandla sikayise wavele wangilethela izinyembezi. Kududuza kakhulu ukwazi ukuthi ku-Isaya 41:13, uJehova uthi ‘uyobamba isandla’ sabantu bakhe.

M. S., United States

Ngineminyaka engu-17 ubudala futhi muva nje ngiba nezinkinga eziningi. Umngane othile wangitshela ukuba ngithandaze futhi ngifunde okuthile okungokomoya. Ngemva kokufunda isihloko esithi “Isiqondiso Sikabani Ongasethemba?” nganquma ukungalilahli ithemba kodwa ngibambe isandla sikaBaba osezulwini ngisiqinise nakakhulu!

C. G., United States

Ukukhuluma Ngezandla Ngibonga kakhulu ngesihloko esithi “Ukuze Ngikhulumisane Nomntanami, Ngafunda Olunye Ulimi.” (November 8, 1996) Ngingumama ongumzali oyedwa onendodana eyisithulu manje eneminyaka engu-24 ubudala. Ngakho ngazi ngokuzibonela kwami siqu ukuthi yini uCindy Adams abhekana nayo, futhi ngiyamhlonipha ngalokho akufeza.

H. B., Germany

Lesi sihloko sangishukumisela ukuba ngiqale ukufunda ukukhuluma ngezandla ukuze ngikwazi ukuhlanganyela isigijimi seBhayibheli nabayizithulu futhi ngikhulumisane nabafowethu abanenkinga yokungezwa kahle ebandleni.

B. L., Venezuela

Ngangitadisha iBhayibheli nentombazane eseyintsha eyisithulu. Safunda okuningi komunye nomunye, naphezu kweqiniso lokuthi sobabili sinolwazi oluncane lokukhuluma ngezandla. Ukufunda ngokuzimisela kukaCindy Adams ukufunda lolu limi ngenxa yendodana yakhe kwangikhuthaza ukuba ngithuthukise amakhono ami kulolu limi oluhle ukuze ngikwazi ukuhlanganyela izindaba ezinhle zeBhayibheli nabantu abayizithulu emphakathini wakithi.

S. T., St. Martin, Netherlands Antilles

Nami nginengane engezwa kahle, futhi sakhetha ukusebenzisa inqubo yokuxhumana ngezindebe. Lenqubo igxila ekuthuthukiseni ukukhuluma nasekufundeni izindebe. Kwabonakala kuwukukhetha okuhle ngokuqondene nendodana yami. Ekuqaleni yayingazuzi lutho emihlanganweni yebandla. Kodwa manje isiyakwazi ukuzwa kahle njengoba mina nabanye siyitolikela ngokunyakazisa izindebe. Inikeza izinkulumo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini futhi ingummemezeli ongabhapathiziwe. Umsebenzi weminyaka eminingi uye wavuzwa. Okuhlangenwe nakho kwethu kubonisa ukuthi uLimi Lwezandla LwaseMelika (American Sign Language) noma indlela yokusebenzisa izindebe kuyazuzisa uma nje abazali nebandla lendawo besebenza kanzima ekukhuthazeni ingane futhi bekhuluma nayo.

M. T., United States

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela