Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 8/22 kk. 28-29
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—1997
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukufa Usemncane
  • Ukuguliswa Ukudla
  • Izinkawu “Ezingcwele”—Ziyisidina
  • Ingabe Ziyakumpintsha?
  • Ukufuna “Izitha Ezingaziwa”
  • Abalindi Besinkwa
  • Ukubuya Komfanekiso We-video
  • Iphepha Elenziwe Ngobulongwe Bendlovu
  • Imikhuba Yokudla
  • Ukuvimbela Ikholera Okungabizi Lutho
  • Ukuthandwa Kwezibhamu EMelika
  • Ingabe Ithelevishini Ikushintshile?
    I-Phaphama!—1991
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—1995
  • Imfihlakalo
    I-Phaphama!—2008
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—1997
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1997
g97 8/22 kk. 28-29

Ukubuka Okwezwe

Ukufa Usemncane

I-Dallas Morning News ibika ukuthi uma kuqhathaniswa nezingane zakwamanye amazwe angu-25 asethuthukile, izingane zase-United States zisengozini ephindwe izikhathi ezingu-12 yokufa ngokudutshulwa, ephindwe kahlanu yokubulawa, nephindwe kabili yokuba zizibulale. “Besikulindele ukuthi i-United States izoba namazinga aphakeme, kodwa samangala lapho sibona umehluko omkhulu kangaka,” kusho u-Etienne Krug, umxhumanisi wombiko we-Centers for Disease Control e-Atlanta, eGeorgia. Phakathi kwezici ezihlobene nokufa kwezingane ngobudlova kubalwe izidakamizwa, ubumpofu, ukuwohloka kwemikhaya namathuba emfundo alinganiselwe.

Ukuguliswa Ukudla

Ukufuna kwamakhasimende ngokwandayo “izilimo ezinhlobonhlobo unyaka wonke” kuhlanganise “nemakethe yembulunga yonke engathutha imikhiqizo emhlabeni wonke ngokushesha” kunengxenye ekuqubukeni kwezifo ezintsha ezibangelwa ukudla e-United States, kubika i-JAMA (The Journal of the American Medical Association). Ngokusekelwe ekuhloleni okwenziwe kuleminyaka eyishumi edlule, ososayensi balinganisela ukuthi amagciwane asekudleni “agulisa abantu abayizigidi ezingu-6,5 kuya kwezingu-81 futhi abulala abangaba ngu-9000 e-United States unyaka ngamunye.” Abanye ochwepheshe bakholelwa nawukuthi ukudliwa kakhulu kokudla okutshalwe ngomanyolo (ukudla okutshalwe ngomquba) kungenzeka kuneqhaza kulenkinga. Ngokombiko we-JAMA, “i-E coli ingaphila emqubeni wenkomo izinsuku ezingu-70 futhi inganda ekudleni okutshalwe ngomanyolo, ngaphandle uma kubiliswa noma kuthelwa izithasiselo ezinjengosawoti ukuze kubulawe amagciwane.”

Izinkawu “Ezingcwele”—Ziyisidina

Isazi sezinto zasendulo u-Iqbal Malik sithi sekuyisikhathi eside izinkawu zohlobo lwe-rhesus zihlala eVrindavan, eNdiya. Abaningi babheka lezi zinkawu njengezingcwele futhi bezinenkululeko yokuzula kuleli dolobha elingcwele lamaHindu ngaphandle kokwesaba ukuthunjwa—kuze kube manje. Ngokukamagazini i-New Scientist, inani lama-rhesus liye lenyuka kakhulu eminyakeni yamuva nje ngenxa yokuthi baye banda abantu abahambela izindawo ezingcwele abawapha ukudla. Kucatshangwa ukuthi ukupha lezi zinkawu ukudla kuletha ukuchuma. Nokho, kuleminyaka edlule, lezi zinkawu ziye zancika cishe ngokuphelele ekuphiweni ngenxa yokuthi kunohlaza oluncane kakhulu. “Seziqale ukweba izikhwama bese zingena ezindlini ziyofuna ukudla.” Izakhamuzi ziye zavumelana ukuba kuthunjwe futhi kuthuthelwe emaphandleni izinkawu ezingaba amaphesenti angu-60. UMalik uthi: “Onkulunkulu sebephenduke isidina.”

Ingabe Ziyakumpintsha?

Nakuba amathambo ezinyawo zethu engakhuli lapho sesikhulile, izinyawo zethu ziyashintsha kukho konke ukuphila kwethu. UNeil Koven, umongameli we-Podiatric Medicine Association yaseCanada, uthi: “Njengoba sikhula, izinyawo zethu ziba yisicaba futhi zenabe okuzenza zibe zinde futhi zibe banzi. Kungenxa yokuthi izicubu zethu ziyathamba noma zikhathale.” Ochwepheshe bezicathulo balinganisela ukuthi abantu abadala abangaba yingxenye bagqoka izicathulo ezingabalingani—ububanzi besicathulo kuba iyona nkinga evamile—okubangela amakhona, amaqhubu, isiqagalane (bunions) nokukhubazeka kwezinzwane. Ingabe izicathulo zakho ziyakumpintsha? Iphephandaba i-Toronto Star lithi: “Yima phezu kwephepha bese udweba zombili izinyawo. Khona-ke beka izicathulo zakho kuleli phepha bese uzidweba. Ngokuqhathanisa imidwebo, uyokwazi ukubona ukuthi uzimpintsha kangakanani izinyawo zakho ngezicathulo.” Ukuze uthole izicathulo ezikulingana kahle, linganisa izicathulo njalo lapho uzithenga, futhi uzithenge ntambama noma kusihlwa ngemva kokusebenzisa izinyawo.

Ukufuna “Izitha Ezingaziwa”

Ngo-1997, imfiva ethimulisayo yaqala ezinyangeni ezimbili ngaphambi kwesikhathi esivamile kubantu baseRoma, e-Italy, kusho i-Corriere della Sera. Isazi esithile semfiva ethimulisayo sicabanga ukuthi ukuba khona kwempova ngaphambi kwesikhathi kuye kwabangelwa “ukwenyuka kwezinga elivamile lokushisa kweplanethi, okuye kwabunciphisa kakhulu ubude bobusika.” Leli phephandaba liphawula ukuthi “izinsuku ezicwathile ziye zabangela ukuba khona kwempova engaziwa, ochwepheshe balomkhakha abangakwazi ukuyinqanda.” Ngenxa yalokho, “ukuzingela imbangela engaziwa” sekuqalile kakade, kodwa okwamanje, “iziguli ziphethwe imfiva ethimulisayo, engaziwa imbangela yayo.”

Abalindi Besinkwa

ISonto LamaKatolika likaSt. Charles ePicayune, eMississippi, liye laqala ukusebenzisa onogada ukuze liqikelele ukuthi akekho ophuma esontweni engasigwinyanga isinkwa seSakramente. Lesi sinyathelo sathathwa ngemva kwezenzakalo ezimbalwa lapho abantu baphuma esontweni nalesi sinkwa, noma iSakramente, amaKatolika asibheka njengesingcwele. Ngokwe-Dallas Morning News, umfundisi uJohn Noone uthi “abakhulekeli bakaSathane bafuna ukuthola lesi sinkwa” ukuze “basingcolise.” Umsebenzi wonogada beSakramente uwukugada abakhulekeli ukuze babone ukuthi bayasigwinya ngempela yini. Uma engasigwinyi, amalungu esonto acelwa ngomusa ukuba asidle lesi sinkwa seSakramente noma asibuyise.

Ukubuya Komfanekiso We-video

Ngokwamazwi anyatheliswa kumagazini i-Pediatrics, “ukuhlola okuningi kubonisa ukuthi ama-video omculo angase abe nethonya eliphawulekayo ekuziphatheni ngokuthuntubeza izibukeli ngobudlova nangokwenza intsha ivumelane nobulili ngaphambi komshado.” Okukhathaza abazali kakhulu izosha zomculo onesigqi esinamandla ne-rap enolimi olungahlanzekile. “Eqenjini elincane lentsha, umculo eliwuthandayo ungaphawuleka kakhulu. Ukuhlola okuningana kubonisa ukuthi ukuthanda umculo onesigqi esinamandla kungase kube uphawu oluvelele lokuzehlukanisa, ukusebenzisa kabi izinto eziluthayo, ukuphazamiseka kwengqondo, isifiso sokuzibulala, ukuhlanekezela ubulili, noma ukuziphatha okuyingozi phakathi nesikhathi sokuthomba.” Lombiko, owahlanganiswa odokotela abangu-8 phakathi kuka-1995 no-1996, uthi: “Uma izibukeli zizwa ingoma ngemva kokuba zibone i-video yayo, ngokushesha engqondweni ‘kubuya imifanekiso’ yezithombe ezikuyi-video.”

Iphepha Elenziwe Ngobulongwe Bendlovu

Lapho omakhelwane bebona uMike Bugara ebhadlisa ubulongwe bendlovu egcekeni lakhe, ngokuqondakalyo bakhathazeka. Abanye babecabanga ukuthi uyathakatha, kanti eqinisweni, wayenza iphepha. UMnu. Bugara waqala wenza iphepha ngamacembe kabhanana, ommbila nakagamthilini. Kodwa inala yobulongwe bezindlovu zaseKenya yenza ukuba lomlondolozi wemvelo oshisekayo acabangele ukubusebenzisa ekwenzeni iphepha. Umagazini i-New Scientist ubika ukuthi wanquma ukuthi kwakuyoba indlela enhle yokusiza “abantu baqaphele ukubaluleka kokugcina lezi zilwane ziphila.” Manje iphepha alenza ngobulongwe bendlovu lisetshenziswa emakhadini esimemo omkhosi walonyaka wokugubha iminyaka engu-50 ye-Kenya Wildlife Service.

Imikhuba Yokudla

I-New York Times ithi i-TV “iyisizinda sokuziphatha okuningi okuwumkhuba namuhla.” Isibonelo esinikeziwe umkhuba wokudla lapho ubuka ithelevishini—manje osekuwumkhuba emazweni omhlaba wonke. Ngokwesibonelo, eMexico, imikhaya eminingi idla ukudla kwakusihlwa lapho ibuka imidlalo ewuchungechunge. Ukuhlola kwamuva nje eFrance kwembule ukuthi “amaphesenti angu-62 okudla adliwa phambi kwe-TV.” EChina, ababuka i-TV bajabulela izenzakalo ezikhethekile kuyilapho bedla izinhlamvu zekhabe ezithosiwe. Ababuka i-TV e-Israel nabo bayazithanda lezi zinhlamvu ezimnyama, kanye nezinhlamvu zikabhekilanga nama-pistachio. Ukudla okulula okudliwa ePhilippines lapho abantu bebuka i-TV kuhlanganisa amanqina enkukhu athosiwe, amadlebe engulube namathumbu enkukhu achonywe othini. I-Times ithi ukudla okulula okuyintandokazi i-balut—“imibungu yamadada engakachanyuselwa ebiliswayo bese ithelwa usawoti idlelwe egobolondweni.”

Ukuvimbela Ikholera Okungabizi Lutho

Ososayensi bacabanga ukuthi bathole indlela engabizi lutho yokuvimbela ikholera—ukucwenga amanzi aphuzwayo ngezindwangu ze-sari! Abacwaningi base-University of Maryland, e-United States, kanye ne-International Centre for Diarrhoeal Disease Research, eDacca, eBangladesh, bathola ukuthi amagciwane abanga ikholera ahlala emathunjini ama-copepod, izilwanyana ezincane ezisegobolondweni ezihlala emanzini. Ngokucwenga amanzi ngezindwangu ezine ze-sari, kungakhishwa amaphesenti angaphezu kwangu-99 amagciwane ekholera. Khona-ke amagciwane angakhishwa kulendwangu ngokuyichaya elangeni amahora amabili, noma uma kuyisikhathi sezimvula, ngokuyiwasha ngomuthi wokubulala amagciwane ongabizi. Iphephandaba laseLondon i-Independent libika ukuthi ukuyizama ngokoqobo lenqubo kuzoqala kulonyaka, lapho abantu abahlala ezindaweni ezithintekayo befundiswa indlela yokuyisebenzisa.

Ukuthandwa Kwezibhamu EMelika

I-Daily News yaseNew York iyabika: “Abantu abadala abane kwabayishumi eMelika bahlala emakhaya anezibhamu, futhi lawo makhaya anezibhamu ezingaba zimbili umkhaya ngamunye, ngokokuhlola kwezwe lonke. Kulokhu kuhlola, abangu-25% bathi banesibhamu sohlobo lwe-pistol, abangu-27% banesohlobo lwe-shotgun kanti abangu-29% banesohlobo lwe-rifle.” Imikhaya eminingi inohlobo lwesibhamu olungaphezu kolulodwa.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela