Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 6/8 k. 30-k. 32 isig. 5
  • Ilungiselelo LikaNkulunkulu Lomkhaya Wendawo Yonke

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ilungiselelo LikaNkulunkulu Lomkhaya Wendawo Yonke
  • I-Phaphama!—1997
  • Izihlokwana
  • Imikhaya Ngaphansi KweSivumelwano SoMthetho
  • Ukubaluleka Komkhaya Ebandleni LobuKristu
I-Phaphama!—1997
g97 6/8 k. 30-k. 32 isig. 5

Ilungiselelo LikaNkulunkulu Lomkhaya Wendawo Yonke

UJEHOVA UNKULUNKULU ungumsunguli welungiselelo lomkhaya. UnguYise womkhaya wakhe wasezulwini futhi ‘iqanjwe ngaye yonke imikhaya yasemhlabeni.’ (Efesu 3:14, 15) Lokhu kungenxa yokuthi uJehova wasungula umkhaya wabantu wokuqala, futhi ngalokhu wayenenjongo yokuthi kugcwaliswe umhlaba.

Ngaphezu kwalokho, wavumela u-Adamu, nakuba ayeseyisoni, ukuba abe nomkhaya nabantwana ‘ngomfanekiso wakhe, abafana naye.’ (Genesise 5:3) Kusukela lapho, uJehova uye wakwenza kwacaca eBhayibhelini ukuthi uwabheka njengabaluleke kakhulu amandla okuzala ayisipho saphezulu, okuyindlela indoda engaqhuba ngayo igama nohlu lomkhaya wayo emhlabeni.

Emphakathini wasendulo wamaHeberu umkhaya wawuyingxenye eyisisekelo. Umkhaya wawunguhulumeni omncane; ubaba njengenhloko wayeyolandisa kuNkulunkulu, futhi umama wayengumphathi ongaphansi wabantwana emkhayeni. (Heberu 7:4) Ngezinga elincane, umkhaya wawungukubonakaliswa komkhaya kaNkulunkulu omkhulu. EBhayibhelini uNkulunkulu umelelwa njengomyeni, kanti “iJerusalema eliphezulu” linjengonina wabantwana bakhe.—Galathiya 4:26.

Imikhaya Ngaphansi KweSivumelwano SoMthetho

Lapho enikeza ama-Israyeli iMiyalo Eyishumi, uNkulunkulu wagxilisa ukunakekela ebuqothweni bomkhaya. Umyalo wesihlanu, okuwumyalo wokuqala onesithembiso uthi, “Yazisa uyihlo nonyoko.”—Duteronomi 5:16; Efesu 6:2.

Umyalo wesikhombisa othi, “Ungaphingi,” wawuvimbela noma yikuphi ukuhlangana ngokobulili komuntu oshadile nomunye ngaphandle kwesibopho somshado. (Eksodusi 20:14) Bonke abantwana kwakumelwe bazalwe emkhayeni owodwa. Indodana eyivezandlebe yayingaqashelwa, futhi izizukulwane zayo zazingavunyelwe ukuba amalungu ebandla lika-Israyeli kuze kube ngisho nasesizukulwaneni seshumi.—Duteronomi 23:2.

Nakuba umyalo wesikhombisa, owawunqabela ukuphinga, wawuvikela umkhaya, umyalo weshumi, owawunqabela izifiso ezimbi, wawuvikela nobunye bomkhaya womuntu kanye nomkhaya nomndeni wenye indoda. Lomyalo wawuvikela izinto ezazivame kakhulu ekuphileni komkhaya, okuwukuthi, indlu, umfazi, izinceku, izilwane kanye nenye impahla.—Eksodusi 20:17.

UMthetho wawukwenqabela ngokuqondile ukwenza ubuhlobo bomshado nezizwe zaseKhanani ezingu-7 okwakufanele zixoshwe ezweni. (Duteronomi 7:1-4) Ngenxa yokuhluleka ukugcina lomyalo, isizwe sakwa-Israyeli sabanjwa ugibe lokukhulekela onkulunkulu bamanga futhi ekugcineni sathunjwa izitha zaso. USolomoni uyisibonelo esivelele somuntu owona kulesi sici.—Nehemiya 13:26.

Lapho uNkulunkulu ethumela iNdodana yakhe ezelwe yodwa emhlabeni wenza ukuba izalwe emkhayeni wabantu. Walungiselela ukuba ibe nobaba wokutholwa owesaba uNkulunkulu nomama onothando. Lapho uJesu esengumntwana wayethobela abazali bakhe, ebahlonipha futhi ebalalela.—Luka 2:40, 51.

Ngisho nalapho efa esigxotsheni sokuhlushwa wabonisa inhlonipho nokukhathalela kothando ngonina, ngokusobala owayesengumfelokazi ngaleso sikhathi, lapho ethi kuye: “Sifazane, bheka! Indodana yakho!” futhi ethi kumfundi ayemthanda: “Bheka! Unyoko!” ngokusobala ngaleyo ndlela eyalela lomfundi ukuba anakekele unina emzini wakhe.—Johane 19:26, 27.

Ukubaluleka Komkhaya Ebandleni LobuKristu

Ebandleni lobuKristu umkhaya ubhekwa njengengxenye eyisisekelo yomphakathi wamaKristu. EmiBhalweni YamaKristu YesiGreki kukhulunywa kabanzi ngeziqondiso eziphathelene nobuhlobo bomkhaya. Nalapha indoda inikezwa isithunzi ngokuba inhloko yomkhaya, umfazi uthobela umyeni wakhe, enakekela ikhaya ngaphansi kokuqondisa kwayo.—1 Korinte 11:3.

Efanisa uJesu nomyeni nenhloko yomkhaya ‘yomfazi’ wakhe oyibandla, uPawulu uyala abayeni ukuba basebenzise ubunhloko ngothando, futhi ululeka abafazi ukuba bahloniphe futhi bazithobe kubayeni babo. (Efesu 5:21-33) Abantwana bayalwa ukuba balalele abazali babo, futhi obaba ikakhulukazi banomthwalo wemfanelo wokukhulisa abantwana ngokuyala nokuqondisa umqondo kukaJehova.—Efesu 6:1-4.

Indoda esetshenziswa njengombonisi ebandleni lobuKristu, uma ishadile, kumelwe ibonakalise izindinganiso eziphakeme njengenhloko yomkhaya, yengamele ngokufanele futhi ibe nabantwana abazithobayo, hhayi abangalawuleki noma abanecala lokuzitika ngamanyala, ngoba uPawulu uyabuza: “Ngempela uma noma ubani engazi ukuthi angayengamela kanjani indlu yakhe siqu, angalinakekela kanjani ibandla likaNkulunkulu?” njengoba ibandla lifana nomkhaya. (1 Thimothewu 3:2-5) Abafazi bayalwa ukuba bathande abayeni babo nabantwana babo, basebenze ekhaya, futhi bazithobe kubayeni babo.—Thithu 2:4, 5.

UJesu wabikezela ukuthi ukuphikiswa kweqiniso likaNkulunkulu kwakuyohlukanisa imikhaya. (Mathewu 10:32-37) Kodwa umphostoli uPawulu wayala amakholwa ngokunamandla ngokumelene nokuqeda ubuhlobo bomshado, enxusa ngesisekelo senhlalakahle yomngane womshado ongakholwa kanye nabantwana. Wagcizelela ukubaluleka kobuhlobo bomkhaya lapho ethi uNkulunkulu ubheka abantwana abancane njengabangcwele, ngisho noma umngane womshado ongakholwa engakahlanzwa ezonweni zakhe ngokholo kuKristu.

Eqinisweni, umngane womshado ongakholwa kungenzeka ukuthi uzenza umkhuba ezinye zezinto uPawulu athi amanye amaKristu ayezenza ngaphambi kokuba amukele izindaba ezinhle eziphathelene noKristu. (1 Korinte 6:9-11) Lomphostoli futhi uvikela ubunye bomkhaya wamaKristu ngokunikeza abayeni nabafazi iziqondiso ngokuqondene nokunikeza omunye okumfanele emshadweni.—1 Korinte 7:3-5.

Ubudlelwane ebuhlotsheni bomkhaya babonakala buyisibusiso kwabaningi ngokuqondene nobuKristu, “ngoba, wena mfazi, wazi ngani ukuthi ngeke umsindise umyeni wakho? Noma, wena ndoda, wazi ngani ukuthi ngeke umsindise umkakho?” (1 Korinte 7:16) Lokhu futhi kufakazelwa imikhonzo yomphostoli uPawulu emikhayeni eminingana. Amanye amakholwa ayenelungelo lokusebenzisa amakhaya awo njengezindawo zokuhlangana kwebandla.—Roma 16:1-15.

Ibandla lobuKristu ngokwalo libizwa ngokuthi ‘indlu kaNkulunkulu.’ Ilungu lalo elivelele futhi eliyinhloko uJesu Kristu, futhi ‘lendlu’ ilibheka njengeMbewu yonke imikhaya yasemhlabeni eyozibusisa ngalo.—1 Thimothewu 3:15; Genesise 22:18.

ImiBhalo ephefumulelwe iye yabikezela ukuhlaselwa okunonya komkhaya obekuyobangela ukuwohloka kokuziphatha nokomphakathi wabantu abangekho ebandleni lobuKristu. Phakathi kwezinye zezimfundiso eziphefumulelwe amademoni ‘zezinkathi zakamuva zesikhathi,’ uPawulu ubala ‘ukunqabela ukushada.’ Ubikezela ukuthi “ezinsukwini zokugcina” kwakuyokwanda ukungalaleli abazali, ukungathembeki, nokungabi bikho ‘kokusondelana ngokomzwelo okungokwemvelo,’ ngisho naphakathi kwalabo ‘abanesimo sokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu.’ Uxwayisa amaKristu ukuba abafulathele abanjalo.—1 Thimothewu 4:1-3; 2 Thimothewu 3:1-5.

IBabiloni Elikhulu, umbuso wezwe wenkolo yamanga, liyisitha ‘somfazi’ kaNkulunkulu ‘nesomlobokazi’ kaKristu. (Genesise 3:15; IsAmbulo 21:9) Liyinhlangano ‘eyisifebe’ esikhulu, efeba namakhosi omhlaba. Ukuba “unina wezifebe nowezinengiso zomhlaba” kubonisa ukuthi “amadodakazi” alo ayizifebe, nokuthi libangela ukudicilelwa phansi kwamalungiselelo kaJehova uNkulunkulu nemiyalo yakhe, kuhlanganise nezimfuneko zakhe ezinengxenye ebuqothweni bomkhaya.—IsAmbulo 17:1-6.

Liye lazama ukuyengela abanye ebufebeni futhi liye laphumelela ekukhiqizeni amadodakazi amaningi ‘ayizifebe,’ lazama nokuvimbela uKristu ukuba abe ‘nomlobokazi’ ohlanzekile. Noma kunjalo, “umlobokazi” wakhe uyanqoba, uhlanzekile, ulungile, uyakufanelekela ukuba ‘semkhayeni’ kaJehova ‘njengomfazi’ kaJesu Kristu, kube isibusiso nokujabula endaweni yonke.—2 Korinte 11:2, 3; IsAmbulo 19:2, 6-8.

Ngokufanayo, imikhaya yamaKristu esebenzisa izimiso zeBhayibheli iyonqoba nayo futhi ‘ithokozise inhliziyo’ kaJehova.—IzAga 27:11.

Uma ungakujabulela ukuthola ukwaziswa okwengeziwe noma ungathanda ukuba othile afike lapho uhlala khona azokuqhubela isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, South Africa, noma ekhelini elifanele ekhasini 5.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela