Ukubhekana Nenselele
UKUHLASELWA kokuziphatha okuhle ngokobulili kuqala lapho umuntu esemncane ngokuba khona kwethelevishini, izincwadi, omagazini, amabhayisikobho nomculo okuveza ubulili. Intsha ikhuthazwa ukuba iziphathe njengabantu abadala ngokobulili ingakaqini ngokomzwelo. Abanye abazali bandisa lokhu kucindezela okungokobulili nakakhulu ngokuvumela ukuphola kwezingane zisencane. Ukucindezela kontanga kukhuthaza ukuphola, kanti intsha eningi enamasoka noma izintombi ngokushesha iyayekethisa bese izitika ngobulili. “Yeka indlela okuvame ngayo . . . ukuba intombazane esakhula ezizwa ingathandwa abazali bayo . . . ingene emkhubeni wokuzitika ngobulili nesoka layo ngephutha icabanga ukuthi kuzoyilethela uthando nokusondelana,” kuphawula uLuther Baker, uprofesa wezokuhlolwa komkhaya.
Intsha ivame ukuphila iminyaka yayo yobusha njengethuba lokugcina lokuzitika ngokuphila kunokuba isikhathi sokulungiselela ukuphila. UProfesa Baker wathi “njengoba inaleli khono elisha futhi ontanga beyiqinisekisa ukuthi ubuqhawe ngokobulili buyindlela yokuba indoda, intsha eningi iba amagovu angokobulili” eminyakeni yayo yokuthomba. Eminyakeni engaba ngu-30 edlule, isazi-mlando u-Arnold Toynbee sakhala ngalomqondo odukisayo onikezwa intsha, njengoba sasikholelwa ukuthi umlando ubonisile ukuthi indima yokuhlakanipha kwanamuhla kwaseNtshonalanga iye yavezwa yikhono lokuhlehlisa ‘ukuhileleka kwentsha ebuhlotsheni bobulili’ ukuze igxilise izingqondo ekutholeni ulwazi.
Abazali Abayithonya Elihle
Abazali abangayivumeli intsha ukuba iphole ngenjongo yokuzilibazisa babonisa ukukhathalela kwangempela ngempilo nenjabulo yesikhathi esizayo yabantwana babo. Ngokuba nezindinganiso eziphakeme zokuziphatha nangokulondoloza ukukhulumisana okuhle, bangaba nethonya ekuphileni kwabantwana babo. Ngokwe-Journal of Marriage and the Family, ukucwaningwa kokuziphatha kwentsha ngokobulili kubonisa ukuthi “leli thonya lingase libangele abantwana ukuba bahlehlise ubuhlobo bobulili.”
Abazali abagxilisa umuzwa oqinile wokuzithiba nokwethembeka kubantwana babo bathola imiphumela emihle kakhulu. Okunye ukuhlola kufakazela ukuthi “lapho intsha nabazali bayo benamathela ezindinganisweni ezigcizelela ukwethembeka, amathuba okuba intsha izale ngaphandle komshado ancipha ngokuphawulekayo.” Lokhu kuhilela ukukhathalela izinto ezenziwa abantwana—ukunakekela umsebenzi wabo wesikole wasekhaya; ukwazi lapho bekhona nokuthi bangobani abangane babo; ukubeka imigomo yemfundo abangayifinyelela; nokuhlanganyela izindinganiso ezingokomoya. Abantwana abakhula besebenzelana nabazali ngokuseduze ngalendlela bayozizwa bengcono futhi bayozizwa benethezekile ngokuziphatha kwabo ngokobulili.
Iseluleko esihle kunazo zonke kubazali nakubantwana siwukuhlakanipha okutholakala eBhayibhelini. Abazali kwa-Israyeli bayalwa ukuba bafundise abantwana babo izindinganiso zokuziphatha ezifanele. UJehova wababuza: “Yisiphi isizwe esikhulu esinezimiso nezahlulelo ezilungile njengawo wonke lomthetho engiwubeka phambi kwenu namuhla na?” Kwakuyilezi ‘zimiso’ okwakufanele bazifundise abantwana babo emkhayeni onemfudumalo nokusondelana. “Ubafundise impela wona abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.” Abantwana bayalwa: “Gcina umyalo kayihlo, ungawushiyi umthetho kanyoko.” Ukukhulumisana okunjalo okufudumele, okuseduze kanye nokuyala kukababa nomama kwakha umbono olinganiselayo ngokuphila nokuziphatha kobulili, ‘okuyolondoloza’ osemusha kukho konke ukuphila kwakhe.—Duteronomi 4:8; 6:7; IzAga 6:20, 22.
Basha, kungani kufanele nichithe ikusasa lenu ngokuvumela ukunqotshwa izifiso zobulili? Iminyaka yokweva eshumini nambili ingaba isikhombisa. Kufanele isetshenziselwe ukukhula ngokwengqondo, ngokomzwelo nangokomoya kanye nokuhlakulela isimo sengqondo esinokulinganisela ngobulili, lapho nilungiselela iminyaka ezayo engu-50 noma engu-60 yokuphila. Bazali, uthatheni ngokungathi sína umthwalo wenu wemfanelo eniwunikwe uNkulunkulu, futhi nilonde abantwana benu osizini lwenhliziyo olulethwa izifo ezithathelwana ngobulili nokukhulelwa okungafunwa. (UmShumayeli 11:10) Abantwana mababone ekuphileni kwenu kwansuku zonke indlela uthando nokucabangela abanye okwakha ngayo ubuhlobo obuhlala njalo.
Ukubhekana Nenselele Ngokuphumelelayo
Ungakuvumeli ukuhuheka ngokobulili okukhona kuhlanekezele umbono wakho ngokuphila futhi konakalise ithuba lakho lokujabulela ikusasa elanelisayo nelijabulisayo. Zindla ngezibonelo eziningi zobuhlobo babantu eziseBhayibhelini. Qiniseka ngokuthi ukuphila nothando kuhlala kukhona futhi kunenjongo esikhathini eside ngemva kweminyaka yobusha. Uma leli qiniso libhekisiswa ngokuvumelana nentando yaphezulu ngamadoda nabesifazane abangamaKristu, khona-ke kubekwa isisekelo sobuhlobo obuseduze nobuhlala njalo phakathi kwabantu ababili abathandanayo.
Njengoba uhlola imibhangqwana yaseBhayibhelini enjengoJakobe noRaheli, uBowazi noRuthe, kanye nensizwa engumelusi nentombi yomShulamithi, uyobona ukuthi kwakukhona ukukhangana ngokobulili ebuhlotsheni bayo. Nokho, njengoba ufunda ngokucophelela uGenesise izahluko 28 no-29, incwadi kaRuthe, kanye nesiHlabelelo seziHlabelelo, uyoqaphela ukuthi kunezinye izici ezibalulekile eziqinisa ubuhlobo obunjalo.a
Yamukela Amalungiselelo KaJehova Okuphila
UJehova, uMdali wohlanga lwesintu, uyakuqonda ukuziphatha kwabantu ngokobulili nezifiso ezihambisana nakho. Ngothando, uye wasidala ngomfanekiso wakhe, akasidalanga ‘sinezakhi zofuzo zokuziphatha okuxekethile,’ kodwa wasidala sinekhono lokulawula imizwelo yethu ngokuvumelana nentando yaphezulu. “Yilokhu uNkulunkulu akuthandayo, . . . ukuba nidede ebufebeni; ukuze ngamunye wenu azi ukuthi angasilawula kanjani isitsha sakhe siqu ngokungcweliswa nangodumo, kungabi ngesifiso sobulili sokukhanuka esinjengaleso nalezozizwe ezingamazi uNkulunkulu ezinaso; ukuba kungabikho muntu ofinyelela eqophelweni lokulimaza futhi angenele emalungelweni omfowabo kulendaba.”—1 Thesalonika 4:3-6.
Lokhu kuboniswa oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke. Bayazihlonipha izindinganiso zikaNkulunkulu eziphakeme azibekele amadoda nabesifazane abangamaKristu. Amadoda asekhulile abhekwa njengobaba, ‘amadoda asemasha njengabafowethu, abesifazane abadala njengomama, abesifazane abasebasha njengodadewethu ngabo bonke ubumsulwa.’ (1 Thimothewu 5:1, 2) Yeka isimo esihle esijatshulelwa izinsizwa nezintombi njengoba zifinyelela ukukhula ngokuphelele, zingathiyiwe izingcindezi zokuphola nokushada ngaphambi kwesikhathi noma izifo ezithathelwana ngobulili! Umkhaya wamaKristu oshisekayo, oqiniswa ibandla lobuKristu, uyisikhoselo ezweni elihlanyiswa ubulili.
Njengoba isebenzisa izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwayo, intsha engamaKristu ikhululekile ekuhuhekeni ngokobulili futhi ithola injabulo ngokulalela umyalo onikezwa eZwini likaNkulunkulu: “Thokoza, nsizwa, ebusheni bakho, inhliziyo yakho ikuphe ukwenama emihleni yobunsizwa bakho, uhambe ngezindlela zenhliziyo yakho njengokubona kwamehlo akho, kepha yazi ukuthi ngakho konke lokho uNkulunkulu uyakukungenisa ekwahlulelweni. Khipha usizi enhliziyweni yakho, udlulise okubi emzimbeni wakho, ngokuba ubusha nobunsizwa buyize.”—UmShumayeli 11:9, 10.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka ikhasi 247 lencwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, enyatheliswa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 10]
Ungavumeli ukuhuheka ngokobulili konakalise ithuba lakho lokujabulela ikusasa elanelisayo nelijabulisayo
[Isithombe ekhasini 9]
Intsha ehileleka ezintweni ezenziwa umkhaya cishe ngeke ikufune ukusondelana ngokobulili