Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 5/22 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1997
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1997
  • Ingabe Kufanele Ngidlale Imidlalo Ye-computer Noma Ye-video?
    I-Phaphama!—1996
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • EPompeii—Lapho Isikhathi Sama Khona
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1997
g97 5/22 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Imidlalo Ye-computer Ngineminyaka engu-15 ubudala, futhi ngifisa ukunibonga ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ingabe Kufanele Ngidlale Imidlalo Ye-computer Noma Ye-video?” (August 22, 1996) Ngempela saveza uhlangothi olubi lwaleyo midlalo, futhi siyosiza amaKristu ahlaziye izici eziyinzuzo neziyingozi zokudlala lemidlalo.

F. R., Indonesia

Ngineminyaka engu-17 ubudala, futhi ngangiyithanda imidlalo ye-computer le enobudlova. Ngangicabanga ukuthi ayingithonyi, kodwa lemidlalo yangilutha kakhulu—ikakhulukazi enobudlova enayichaza. Manje sengiwalahle wonke ama-disk ami e-computer anobudlova nokuchithwa kwegazi. Uye waba yini umphumela? Ngizizwa ngingcono kakhulu, futhi senginesikhathi esiningi sokutadisha, sokufunda nesokukhuluma ngoJehova uNkulunkulu.

S. A., Greece

Ubumsulwa Ngiyabonga ngesihloko esifushane kodwa esihle kakhulu esithi “Ubumsulwa—Kungani Bufanele?” (August 22, 1996) Kulezi zinsuku zanamuhla lapho abantu becabanga khona ukuthi uyisinengiso uma ukhetha ukuba msulwa, kwakukhuthaza ngempela ukubona intsha enhle ebambelela ezindinganisweni zikaJehova. Ngiyaphinda ngiyabonga!

R. D., United States

AmaNdiya AseMelika Ngifisa ukuzwakalisa ukwazisa kwami ngochungechunge oluthi “AmaNdiya AseMelika—Liyini Ikusasa Lawo?” (September 8, 1996) Ngazifunda ngaziqeda lezi zihloko futhi ngizoziphinda. Ingxenye ephathelene novuko yangithinta kakhulu.

S. B., Italy

Azikho izihloko ezake zangithinta njengalezi. Zangisiza ukuba ngiqaphele ukuthi umbono wami ngamaNdiya wawunokubandlulula futhi ungavumelani nezimiso zaphezulu. Kusukela ngesikhathi ngisafunda esikoleni, nganginombono wokuthi amaNdiya ayemane nje eyizidlwangudlwangu ezinonya. Izincwadi zomlando ngokusobala azizange zisinikeze umbono onembile ngezwe elisizungezile. Izihloko zenu zangisiza ukuba ngiqaphele usizi oludabukisayo lwamaMelika Omdabu—esinye isibonelo ‘somuntu ebusa omunye kube-ngukulimala kwakhe.’—UmShumayeli 8:9.

M. M., United States

Njengowozalo lwamaMelika Omdabu, ngazifunda ngenjabulo enkulu izihloko zenu. Kwangikhalisa ukufunda ngokuhlupheka okwabekezelelwa abantu abayithanda kangaka indalo. Yeka indlela engilulangazelela ngayo usuku lapho uNkulunkulu eyosusa khona ukungabi nabulungisa okwenziwe kuso sonke isintu futhi sihlanganyele umhlaba oyipharadesi ndawonye.

N. S., United States

IPompeii Muva nje ngifunde isihloko senu esithi “EPompeii—Lapho Isikhathi Sama Khona” (September 8, 1996) futhi ngasijabulela kakhulu. Kwakufana nokuba lapho mathupha! Kodwa ngingathanda ukucaciselwa ephuzwini elilodwa. Lesi sihloko sithi noma ubani ovakashela ePompeii “usengabona izigayo zommbila.” Ngicela ukulungiswa uma nginephutha, kodwa ingabe ummbila awukona okusanhlamvu okwavela eMelika abeLungu ababengakwazi kwaze kwaba sezinsukwini zikaChristopher Columbus?

R. D., United States

Siyaxolisa uma sibangele ukudideka kulendaba. Kwakuyoba ngcono ukuba sasithe izigayo “zokusanhlamvu” zingabonwa lapho. Ngokuthakazelisayo, igama lesiNgisi elisho “ummbila” lingasho nje “izimbewu zotshani obusanhlamvu,” njengokolweni.—ED.

Kusukela ngisemncane ubungithakazelisa umlando wasendulo. Umlando wePompeii ikakhulukazi ubungikhanga njalo. Lapho ngifunda lesi sihloko, ngazizwa sengathi nginqamula phakathi kulomuzi. Isimangaliso! Ngafunda imininingwane eminingi engangingayazi. Ngakuthanda nokuqhathanisa okwenziwa nesikhathi sokuphela sosuku lwethu. Ngiyabonga ngokungisiza ukuba ngazi izindawo engingenakuzivakashela.

J. S. A., Brazil

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela