Ukuhlakanipha Kokugwema Ubulili Nokuba Nomngane Womshado Oyedwa
KUZE kube manje, cishe abantu abayizigidi ezingu-30 baye bangenwa igciwane lengculaza futhi bangaphezu kwezigidi eziyisithupha abaye bafa. Abangaba ngu-8500 batholakala benalo nsuku zonke—kanti kubona, abangu-1400 izingane, ngokuvamile ezifa phakathi nonyaka wokuqala wokuphila. Lokho okubizwa ngokuthi imikhankaso yobulili obuphephile kuye kwavusa ukunaka komphakathi, kodwa abanye banomuzwa wokuthi lokhu akwanele. “Ingculaza isifo esingumbulali,” kubhala uDkt. Steven J. Sainsbury kuyi-Tampa Tribune, “futhi noma iziphi izinyathelo ezithathwayo zokuvimbela ukudluliselwa kwayo kufanele zisebenze ngokuphelele.”
Mayelana nokusetshenziswa kwama-condom njengendlela yokuzivikela engculazeni, uDkt. Sainsbury uthi: “Kubheke ngalendlela. Ake sithi, ngezizathu ezingaziwa, ngokungazelele izimoto ziqala ukuqhuma amalangabi njalo lapho othile ephendula ukhiye. Abashayeli bafa kuyo yonke indawo. Ekugcineni uhulumeni unikeza ikhambi. Vele ufake lomkhiqizo kuphethiloli, ingozi yokuqhuma iyokwehla ngamaphesenti angu-90. Ubungabheka inkinga njengexazululekile? Ubungaqhubeka yini ushayela imoto yakho? Ngiyangabaza. Khona-ke kungani samukela ama-condom njengekhambi lengculaza?”
Eqaphela ukuthi ingculaza ngokuvamile ibangelwa ukuhlangana ngokobulili, uDkt. Sainsbury unikeza ikhambi: “Yenqaba ubulili uze ulungele ukuzibophezela emshadweni nomngane oyedwa ongenalo igciwane. Amagama ayisihluthulelo ukugwema ubulili nokuba nomngane womshado oyedwa.”
IBhayibheli liyala abantu abangashadile ukuba bagweme ubulili nokuba abashadile babe nomngane womshado oyedwa. Izindinganiso eziphakeme zeBhayibheli zenqabela ubufebe, ukuphinga nobungqingili. (Mathewu 19:4-6; 1 Korinte 6:9, 10; 7:8, 9) Nakuba abaningi beyigxeka lendinganiso, bethi iphelelwe isikhathi noma iyisidala, indlela yokuziphatha yeBhayibheli ithuthukisa impilo nokuthula kwengqondo.—Isaya 48:17.