Bala Izindleko Zokuthutha!
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ENINGIZIMU AFRIKA
INGABE ucabanga ukuthuthela kwelinye izwe? Usuzibalile izindleko? Asisho nje izindleko ezingokwezimali. Kakade abantu abaningi bacabangela ukuthutha ukuze balondeke ngokwezomnotho. Siqonde izindleko ezicashile ezibonakala ngemva kokuthutha okungokoqobo. Ngaleso sikhathi ngokuvamile kusuke kungasenakwenzeka ukubuyela emuva. Amaphuzu alandelayo awahloselwe ukukwethusa, kodwa afanele ukucatshangelwa:
“Ukufunda ulimi olusha kuhilela ukuthobeka nomzamo. Kunzima ngomuntu omdala ukuthola ukuthi ngisho nezingane zicabanga ukuthi uyinqaba ngoba azimuzwa. Abaningi bakuthola kubehlisa isithunzi ukwenza amaphutha njalo bese behlekwa. Ukuphila kunesizungu ngokungabekezeleleki kubantu abayizifiki abangakwazi ukukhuluma ulimi lwendawo.”—Rosemary, isithunywa sevangeli eJapane.
Mhlawumbe unomuzwa wokuthi ulwazi ngokwanele ulimi. Kodwa ingabe uyaqiniseka ukuthi umkhaya wakho ulwazi ngokwanele ukuba ujabule ngokuthutha?
Ungaba yini umphumela emkhayeni uma amanye amalunga enxenxelwa ekuthutheni ngokumelene nentando yawo? “Abanye besifazane [baseMexico],” ngokusho kwephephabhuku i-Psychology of Women Quarterly, “ababanga nangxenye ekwenzeni isinqumo sokuthutha futhi babengakufuni kwasekuqaleni ukuthuthela kwelinye izwe, ngisho nokuhlala e-United States ngemva kokuthutha.” Ngaphansi kwezimo ezinjalo, ukuthutha okuphoqelelwe kungalimaza ubunye bomkhaya. Kodwa kuthiwani uma umondli ezithuthela yedwa?
Encwadini ethi Population, Migration, and Urbanization in Africa kulinganiselwa ukuthi ezweni lasemaphandleni elilodwa e-Afrika eseningizimu, amaphesenti angaphezu kuka-50 “abesilisa abahlali emakhaya.” Lokhu kungancisha umkhaya ukwaneliseka nokuzinza. Kuvula nethuba lokuba abangane bomshado bawele ekuziphatheni okubi. Yeka ukuthi kungcono kanjani uma umkhaya, kungakhathaliseki ukuthi unquma ukuthutha noma cha, ukwazi ukuhlala ndawonye! Ubunye bomkhaya buyinto engenakuthengwa ngemali.
Khona-ke, kunobunzima bokubhekana nokubandlululwa. “Kwaba yilapho ngifika eNgilandi lapho ngathola khona ‘ukucwaswa ngokwebala,’” kukhumbula oweyethuthe eNdiya. “Kwakukubi kakhulu. Kwakushaqisa. Ngangifuna ukubuyela ekhaya, ngikushiye konke lokhu.”—The Un-melting Pot.
Ngakho ngaphambi kokuthutha, zibuze: ‘Yikuphi okunye okungenziwa? Ngeke yini senze ukulungisa ekhaya? Ingabe ukuthuthela kwelinye izwe kufanele?’ Kungase kube njalo noma kungabi njalo, kodwa ngaphambi kokwenza isinqumo, cabangela lesi seluleko sikaJesu esihle: “Ubani kini ofuna ukwakha umbhoshongo ongahlali phansi kuqala futhi abale izindleko, ukuze abone ukuthi unakho yini okwanele ukuba awuqede?”—Luka 14:28.