Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
I-dyslexia Ngibhala lencwadi ukuze ngibonge ngokusuka enhliziyweni ngesihloko esithi “Ukunqoba Ukukhungatheka Okubangelwa I-dyslexia.” (August 8, 1996) Ngemva kokufunda ibhokisi elithi “Indlela Yokubona I-dyslexia Ezinganeni,” mina nomyeni wami sahambisa indodana yethu eneminyaka eyishumi ubudala yayohlolwa. Sathola ukuthi ine-dyslexia, futhi manje sithatha izinyathelo zokuyinikeza usizo eludingayo, kokubili ekhaya nasesikoleni. Othisha bayo babelokhu besitshela ukuthi iyingane ekhaliphile kodwa engazikhandli. Ngakho-ke ningabona ukuthi sibonga kangakanani ngokunyatheliswa kwalesi sihloko.
J. S., Scotland
Njengomama wezingane ezimbili ezine-dyslexia, ngakujabulela ukufunda lesi sihloko. Senza umsebenzi omuhle kakhulu wokufundisa abanye ukuthi lokhu kukhubazeka kungokoqobo kangakanani nokuthi kunzima kangakanani kulabo abanakho. Ubungazizwa kanjani lapho ungakwazi ukufunda uphawu lomgwaqo? Noma lapho uzama uku-oda ukudla kodwa ungakwazi ukufunda igama lako? Ngiyaqiniseka ukuthi abanalokhu kukhubazeka bazokusebenzisa lokhu kwaziswa.
M. K., United States
Izitshalo Nezilwane Ezisengozini Ngibonga ngiyanconcoza ngochungechunge oluthi “Izitshalo Nezilwane Ezisengozini—Kungani Kufanele Ukhathazeke?” (August 8, 1996) Ngempela sisengozini yokulahlekelwa igugu. Lesi sihloko saqinisa isifiso sami sokuphila ezweni elisha likaNkulunkulu elithenjisiwe, lapho izilwane ziyokwazi khona ukuphila ngaphandle kokusongelwa ngokuqothulwa.
D. I., Albania
Usizi Lwababaleki Ngingumbaleki waseBurundi, futhi ngithanda ukuzwakalisa indlela engilwazisa ngayo uchungechunge oluthi “Usizi Lwababaleki—Ingabe Luyoke Luphele?” (August 22, 1996) Ngakhuthazeka kakhulu lapho ngifunda ngombono kaJehova ngalendaba nangendlela ayala ngayo emandulo ukuthi abantu bakhe baphathe ababaleki ngomusa wothando. Ngiyabonga ngalezi zihloko; zangiduduza ngempela.
D. M., Kenya
Inhlekelele Yebhasi Lapho ngifunda isihloko esithi “Ukubhekana Nenhlekelele Ngokuphumelelayo Ngamandla KaJehova” (August 22, 1996), ngahluleka ukuzibamba ngoba sangithinta ngokujulile. Nami ngavelelwa ingozi, nginomngane wami omkhulu. Wafa emahoreni ambalwa kamuva ngenxa yokulimala kabi. Eminyakeni emihlanu eyalandela, ngafunda ukuqonda imizwa ejulile yosizi neyokuba necala enganginayo ngoba ngasinda, kuyilapho yena engazange asinde. Ngiyethemba ukuthi uJehova uyomkhumbula umngane wami othandekayo. Ngizwelana kakhulu nalabo abalahlekelwa abathandekayo babo kulenhlekelele yaseSpain.
J. T., United States
Ukungingiza Ngiyabonga ngesihloko esithi “Nolimi Lwezingingingi Luyakukhuluma.” (August 22, 1996) Okuhlangenwe nakho kukaPetr Kunc kwangiqinisa kakhulu. Nami ngiyangingiza. Ngaphambi kokuba nginikeze inkulumo yeBhayibheli, njalo ngicela uJehova ukuba angisize ngikhulume ngokucacile.
M. M., Italy
Lapho ngihlanganisa iminyaka engu-20, ngazithola nginenkinga ekukhulumeni nabanye nalapho nginikeza inkulumo eHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova. Ngemva kwesabelo, ngangijuluka ngibe manzi futhi ngikhathale ngibe ingcuba. Kuyakhuthaza kakhulu ukufunda okuhlangenwe nakho komKristu esikanye naye okhonza uJehova naphezu kwalenkinga. Kuye kwangisiza ukuba ngibe nombono oqondile ngezinto.
M. S., Japan
Ngishukumiseleka ukuba nginibonge ngokunyathelisa lendaba. Bengilokhu nginalenkinga kusukela ebuntwaneni. NjengoPetr, ngikhonza njengomdala ebandleni, futhi kufanele ngithembele kuJehova ukuze ngithole amandla okufeza izabelo zami. Manje ngiqhuba iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini, ngisiza abanye ukuba bakhulume kahle.
N. O. N., Nigeria