I-Phaphama! Yakusho Ngo-1990
MUVA nje, ukwanda kwesifo “sokusangana kwezinkomo” kuye kwabangela ukwethuka okukhulu eYurophu. Abaningi besaba ukuthi lesi sifo singadlulela kubantu. Abanye bakholelwa nawukuthi kukhona ukuxhumana phakathi kokudliwa kwenyama yezilwane ezinalesi sifo kanye nokwanda kwe-Creutzfeldt-Jakob disease, isifo sesimiso esiyinhloko sezinzwa esidlondlobalayo nesibulala ngokungenakuvimbeleka. Akumangalisi-ke ukuthi njengoba izindaba zesifo sokusangana kwezinkomo zazisakazeka, ukudliwa kwenyama yenkomo kwehla.
Ngokuthakazelisayo, uStefania Ferrari wabhala kumagazini waseNtaliyane ka-May 1996 i-TuttoReggio: “Siye sathola umagazini owawukhuluma ngalesi sifo esibhubhisayo ngo-1990—i-Phaphama!, eshicilelwa oFakazi BakaJehova.” Isihloko abhekisela kuso sasithi “Impica-badala ‘Yokusangana Kwezinkomo’ EBrithani” futhi saphuma kumagazini ka-November 8, 1990. Emva kokucaphuna izigaba ezine zokuqala, uFerrari wazwakalisa ukumangala ngokuthi lesi sihloko saphuma “eminyakeni eyisithupha ngaphambi kokuba konke lokhu kwaziswe umphakathi emhlabeni wonke.” Waqhubeka: “Lapho bebona lesi sihloko sika-1990 esabika lokhu kwaziswa okuhambisana nesikhathi ngokungakholeki, abanye baye bathi: ‘Uma oFakazi BakaJehova babazi ngalendaba engathi sína nebaluleke kangaka, kungani bengayilethanga ekunakekeleni kwawo wonke umuntu, ngisho nalabo abangebona abebandla labo?’ Masibe qotho: Ukube omunye woFakazi BakaJehova wayengqongqoze emizini yethu ngo-1990 esibonisa iBhayibheli nesihloko esishicilelwe kumagazini wabo, bangaki kithi abasenkolweni ehlukile ababengawubheka njengoqinisile?”
Emuva ngo-1990, lapho isihloko esithi “Impica-badala ‘Yokusangana Kwezinkomo’ EBrithani” sishicilelwa, ngokwesilinganiso kwakunyatheliswa i-Phaphama! ecishe ibe izigidi ezingu-12, ngezilimi ezingu-62. OFakazi BakaJehova babematasa besakaza lomagazini ofike ngesikhathi emazweni angaphezu kuka-200 emhlabeni wonke. Namuhla, ngokwesilinganiso kunyatheliswa amakhophi e-Phaphama! angu-18 350 000 ngezilimi ezingu-82. Lomagazini uyaqhubeka ushicilela izihloko ezihambisana nesikhathi futhi ezifundisayo. Uma ungathanda ukuthola ukwaziswa okwengeziwe ngokuthi ungabathola kanjani omagazini be-Phaphama! abalandelayo, siza uthintane noFakazi BakaJehova bangakini noma ubhalele ekhelini eliseduze ohlwini olusekhasini 5.