Indlala Engokomoya ERomania
UMBIKO we-Associated Press ovela eBrasov, eRomania, wathi abangamaphesenti angaba ngu-90 kubantu baseRomania abayizigidi ezingu-23 bangamalungu eSonto Lobu-Orthodox, elalivunyelwe ngaphansi kokubusa kobuKhomanisi. Nokho, i-Daily Record yaseCanon City, eColorado, e-U.S.A., yaphawula ukuthi abaningi manje bathola ukuthi leli sonto liyantula. Yayinesihloko esikhulu esithi: “AbaseRomania Bathola ISonto Lobu-Orthodox Lingazuzisi.”
Leli phepha labika ngo-October nyakenye: “U-Alexandru Paleologu, umlobi futhi oyisazi sefilosofi, wabhekisela ekuntuleni ukwethenjelwa kwabaphathi besonto, futhi wathi inkambiso nendikimba yalenkolo kuphambene. Ngokwesibonelo, abantu bazidweba iziphambano futhi bazile ukudla ngezinsuku ezifanele. Kodwa ukukhishwa kwezisu, isonto elikubheka njengesono, kuthé chithi saka.”
I-Daily Record yaphawula ukuthi abaningi sebengoFakazi BakaJehova, ibhekisela emphumeleni isimiso semfundo seBhayibheli soFakazi esaba nawo emkhayeni othile: “UFlorentina Petrisor uthi umyeni wakhe wayedakwa futhi emshaya. Kodwa selokhu lombhangqwana waba oFakazi BakaJehova, ukuphila komkhaya wakhe kunobumbano.”
UFlorentina, ongumthungi oneminyaka engu-38 ubudala, kubikwa ukuthi “washiya isonto lobu-Orthodox ngenxa yokuntula kwalo izimfundiso ezakhayo ngokomoya nokuthanda kompristi wesonto labo izinto ezibonakalayo.” Leli phepha lachaza: “Lapho uyisezala eshona, uPetrisor wathi abomkhaya wakhe kwadingeka ukuba bakhokhele futhi bondle lompristi ukuze abambe inkonzo yomngcwabo enhle ngaphambi kokuba bondle izingane zabo. Wathi, ‘Ngacabanga ukuthi kwakungafanele.’”
Ngokuphathelene nomkhankaso waleli sonto wokusakaza amanga ngoFakazi, i-Daily Record yaphawula: “ERomania, isonto lobu-Orthodox, eliye laba nethonya elikhulu, lashoshozela uhulumeni kuleli hlobo ukuba asuse umbuthano omkhulu woFakazi BakaJehova enhloko-dolobha iBucharest uye emadolobheni aseTransylvania iBrasov neCluj.”
I-Phaphama! ka-February 22, 1997 yalandisa ngomkhankaso wesonto wokuthonya uhulumeni ukuba anqabele umhlangano wezizwe owawuzoba seBucharest ngo-July 1996. Ungazifundela kulowo magazini indlela okwahlelwa ngayo ngokushesha eminye imihlangano eCluj-Napoca naseBrasov nangengqikithi yabangu-34 866 ababekhona. Ukuvezwa kwalesi senzakalo ezindabeni emhlabeni wonke okwalandela kwakumangalisa. Ummeleli othile woFakazi waphawula: “Lokho iSonto Lobu-Orthodox LaseRomania elalicabanga ukuthi kwakuzosithiya eqinisweni kwabonakala kuqhubekisela phambili izindaba ezinhle.”
[Isithombe ekhasini 31]
Izihambeli zihlabelela emhlanganweni waseBrasov