Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 4/22 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1997
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1997
  • Ake Sidle I-cassava!
    I-Phaphama!—1993
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1996
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1997
g97 4/22 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ukuzijabulisa Ngineminyaka engu-12 ubudala, futhi ngasijabulela ngempela isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Enye Intsha Ijabula Ngokuphelele?” (July 22, 1996) Ngangivame ukubuza umbuzo ofanayo. Esikoleni engifunda kuso ungabhalisa ukuze umenyelwe imicimbi, imidanso nezinye izinto. Benginesifiso sokuhlanganyela. Kodwa lesi sihloko sangisiza ukuba ngiqaphele ukuthi nginomthwalo wokulandisa kuJehova ngokukhetha engikwenzayo. Ngakho ngizonamathela kubangane bami abangamaKristu.

A. S., United States

Kunezikhathi lapho ngiye ngaba nemizwa [yomlobi weBhayibheli] u-Asafa, njengoba niye nasho esihlokweni. Lesi sihloko sanginikeza amandla engeziwe engiwadingayo ukuze ngibhekane nesikole.

A. S., Japan

Kuyiqiniso ukuthi enye intsha izizwa ikhishwa inyumbazane noma ilahlekelwa okuthile ngoba “ayivunyelwe” ukuhlanganyela emicimbini yezwe. Kodwa akuzona zonke izingane zoFakazi BakaJehova ezizizwa ngaleyo ndlela! Mina, ziyanginenga izinto eziningi ezenzeka emicimbini yezwe, futhi abangane bami abangamaKristu bazizwa ngendlela efanayo. Thina—futhi ngokungangabazeki nabanye abaningi—asizizwa silahlekelwe okuthile!

C. H., United States

IBrewery Gulch Ngibhala ukuze nginitshele indlela engasijabulela ngayo isihloko esithi “Izimbali Ezingokomoya Zakhula EBrewery Gulch.” (July 22, 1996) Sabuyisa izinkumbulo eziningi ezinhle zezinyanga ezingu-21 engazichitha lapho eminyakeni ethile edlule. Ngangiqala ngqá ukuhamba ekhaya. Eminye imikhaya enakhuluma ngayo kulesi sihloko—abakwaSmith, abakwaGriffin nabakwaPugh—yaba njengomama, obaba, omalumekazi nomalume kimi. Yangisiza ukuba ngivuthwe njengomKristu. Ukufunda lesi sihloko kwangenza ngafisa sengathi ngingaba nayo futhi. Ngiyikhumbula ngomuzwa ojulile wothando nokwazisa.

P. A., United States

Amacembe Omdumbula Ngiyabonga ngesihloko esithi “Amacembe Omdumbula—Ukudla Kwansuku Zonke Kwezigidi.” (July 8, 1996) E-Afrika umdumbula waziswa kakhulu ngoba sekungamakhulu eminyaka uwukudla kwethu okuyinhloko. Nokho, eNigeria kuncane esikwaziyo ngamacembe awo, njengoba kuyizimpande ezisinikeza ukudla esikuthandayo, njenge-gari ne-foo-foo. Kwakuthakazelisa ukwazi ukuthi kwezinye izingxenye zomhlaba, lamacembe awasetshenziswa njengemithi yokwelapha kuphela kodwa futhi asetshenziselwa nokunandisa ukudla. Siyambonga uJehova ngokwenza umdumbula!

J. S. E., Nigeria

Ukushintsha Kwezinto Eziza Kuqala Kufanele nginitshele indlela esangikhuthaza ngayo isihloko esithi “Okwamenza Washintsha Izinto Eziza Kuqala Kuye.” (July 22, 1996) Sekuyiminyaka engaphezu kwengu-13 ngikhonza njengomshumayeli wesikhathi esigcwele, futhi ukubeka izinto eziza kuqala akulula ngaso sonke isikhathi ezweni lethu elicindezela ngokuqhubekayo. Minyaka yonke, ukuhlala enkonzweni yesikhathi esigcwele kuba inselele ngokwandayo. Ukucabanga ukuthi uJeremy wayeka umsebenzi ovuzayo njengomnakekeli wendawo yokulondoloza imvelo ukuze abe isikhonzi sesikhathi esigcwele kwangiqinisekisa ukuthi ukugcina inkonzo iza kuqala ekuphileni kwami kuwufanele umzamo.

N. C., United States

Ukusinga Esibelethweni Muva nje ngithole ukuthi ngikhulelwe. Ngenxa yenqubo yezokwelapha eyiphutha, kwaba nengozi yokuthi umntanami wayezozalwa ekhubazekile. Isihloko senu esithi “Ukusinga Esibelethweni” (August 8, 1996) sangisiza ukuba ngingasikhiphi isisu. Lomagazini ngawuthola esontweni elilodwa ngaphambi kokuba ngazi ukuthi ngikhulelwe.

M. C., United States

I-dyslexia Ngiyabonga kakhulu ngesihloko senu esithi “Ukunqoba Ukukhungatheka Okubangelwa I-dyslexia.” (August 8, 1996) Ukuphila kwami konke bengazi ukuthi kukhona okuthile okungalungile kimi, kodwa bengingazi ukuthi kuyini. Muva nje uchwepheshe we-Attention Deficit Disorder uthole ukuthi ngine-dyslexia. Manje sengifunda ukusebenzisa onkomba njengosizo lapho ngifunda.

P. C., United States

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela