Yamshukumisela Esenzweni!
Indoda yaseCaracas, okuyinhloko-dolobha yaseVenezuela, yavakashela uyise osekhulile, uRufino. Uyise wayehlala eLa Loma, okuyindawo eqhelile yasemaphandleni. Indodana yaphathela uRufino incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni.
Kamuva, oFakazi BakaJehova baseLos Humocaros baya koshumayela eLa Loma. Kwabamangalisa ukuthi abantu babelokhu bethi kakade ukhona uFakazi owayebavakashela. OFakazi kwabaxaka lokhu ngoba babazi ukuthi abekho oFakazi ababehlala kulendawo. Khona-ke othile wakhomba indlu yalowo okwakuthiwa unguFakazi—kwakuyindlu kaRufino!
Kwamjabulisa uRufino ukubonana nezivakashi zakhe. Kungani abantu basendaweni yakubo bamchaza njengomunye woFakazi BakaJehova? Phela, uRufino wayeqale ukufunda incwadi ethi Ungaphila Phakade, futhi lapho efika esahlukweni 13, wabona umfanekiso kaJesu ethuma abalandeli bakhe emsebenzini wokushumayela. URufino wafinyelela isiphetho sokuthi amaKristu nanamuhla kufanele enze umsebenzi ofanayo. Ngakho waqala ukuhlanganyela amaqiniso eBhayibheli ayewafundile nomakhelwane bakhe.
Kwaqalwa isifundo seBhayibheli esiqhubekayo noRufino, futhi watshelwa ngemihlangano yebandla. NgeSonto elilandelayo wayeseHholo LoMbuso. Nakuba uRufino ayeneminyaka engu-80 ubudala, wayehamba amahora amathathu ngezinyawo ukuze abe khona! Kusukela ngalolo suku kuqhubeke akazange aphuthe emihlanganweni ngaphandle kwalapho egula kakhulu. Waze wabhalisa naseSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini futhi wanikeza inkulumo enhle. URufino wagula ngonyaka odlule, washona ngo-July 1996, enethemba eliqinile lokuvuselwa emhlabeni oyipharadesi.
Sikholelwa ukuthi nawe futhi uyozuza ngokufunda incwadi enemifanekiso ekhangayo ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni enamakhasi angu-256. Uma ungathanda ukuthola ukwaziswa okwengeziwe ngokuthi ungazitholela kanjani eyakho noma uma ungathanda ukuba nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala, siza ubhalele i-Watch Tower, Private Bag X2067, Krugersdorp, 1740, South Africa, noma ekhelini elifanele ekhasini 5.