Izithulu Zidumisa UJehova
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ENIGERIA
EMINYAKENI eminingi edlule kwakunzima ukuba oFakazi BakaJehova eNigeria bafundise abantu abayizithulu iBhayibheli. Lokhu kwakungenxa yokuntuleka koFakazi abazi ulimi lwabakhuluma ngezandla. Kodwa lokho sekuyashintsha. OFakazi abaningi baye bafunda ulimi lwabakhuluma ngezandla futhi bafinyelela abantu abayizithulu. Isinyathelo esikhulu kulentuthuko kwakuwumhlangano wesigodi woFakazi BakaJehova owawuseNigeria esikhathini esingaphezu konyaka esidlule.
“Injabulo yayisobala,” kusho isihambeli esithile esasikulowo mhlangano, e-Ota, eNigeria. “Kwakunomuzwa wokwesasa, umuzwa wokumangala,” kusho esinye. Yini eyabangela imizwa enjalo? Ngokokuqala ngqá eNigeria, sonke isimiso sasihunyushwa ngolimi lwabakhuluma ngezandla. Phakathi kwemihlangano engu-96 eyaqhutshwa kulo lonke lelizwe kulowo nyaka, yilona kuphela okwenziwa kuwo lokho.
Phakathi kwezinkulungwane ezazikhona kwakunezihambeli zomhlangano ezingu-43 eziyizithulu, ezazihlezi ngakwesobunxele sendawo yesikhulumi, engxenyeni engaphambili. Ngaphezu kwazo kwakulenga uqwembe olukhulu olumhlophe olwalubhalwe ngamagama abomvu afundeka kanje, “ULimi Lwabakhuluma Ngezandla.” Izihambeli zomhlangano eziyizithulu zakujabulela ukuba lapho. Esinye sazo sabhala: “Ngibhala ngichichima injabulo futhi ngihlengezela izinyembezi. ‘Zolo lokhu’ besidumele lapho sizwa ngamalungiselelo angokomoya enzelwa amaKristu esikanye nawo ayizithulu kwamanye amazwe. Sasingazi ukuthi nathi sizothola izibusiso ezifanayo lapha.”
Obani Ababekhona?
Abantu abayizithulu bafika bevela kuzo zonke izingxenye zaseNigeria. Omunye uFakazi oyisithulu waletha izifundo zakhe zeBhayibheli ezintathu eziyizithulu. Elinye iqembu labayizithulu, elalihamba amakhilomitha angu-700 ukuya nokubuya, lalilokhu liqongelela imali yokuhamba izinyanga ezingu-7. Nokho, lapho isikhathi sokuhamba sifika, alikwazanga ukuqasha imoto enkampanini yezimoto kahulumeni ngoba kwakuyinkathi yamaholide. Lapho uhulumeni wesifundazwe ezwa inkinga yalo, walinikeza ama-naira angu-13000 (R710) ukuze lithole enye imoto!
Imikhaya enabantwana abayizithulu yayikhona kulomhlangano oyingqayizivele. Owesifazane othile wasemaphandleni wezwa ngalomhlangano wabe eseza nendodana yakhe eyisithulu. Yena nendodana yakhe babengalwazi ulimi lwabakhuluma ngezandla. Bethinteke ekujuleni kwenhliziyo ngenxa yalokho abakubona, manje bazimisele ukufunda ulimi lwabakhuluma ngezandla.
Ezinkulungwaneni ezazikhona, abanye babevela ezindaweni ezikude ukuze nje bazobona indlela abayizithulu ‘ababezozwa’ ngayo isimiso. Inani lababekhona ngeSonto lalingu-13 936—okuyinani eliphakeme kunawo wonke emihlanganweni yesigodi engu-96 eyayiseNigeria. Izihambeli zomhlangano eziyizithulu zakujabulela ukuba ingxenye yaleso sixuku.
Izibukeli Zahlabeka Umxhwele
Izithulu eziningi zaziqala ngqá “ukuzwa” izindaba ezinhle ngolimi lwabakhuluma ngezandla. Futhi labo ababezwa babebona ulimi lwabakhuluma ngezandla okokuqala ngqá. Esinye isihambeli somhlangano sathi sakhexa umlomo lapho sibona yonke into esimisweni ihunyushwa—izingoma, imithandazo, izaziso, ngisho nedrama imbala! Esinye sathi: “Bekumangalisa.”
Injabulo yezihambeli zomhlangano eziyizithulu yayibonakala ekuculeni kwazo. Ngentshiseko, zasebenzisa izandla zazo ukuze zidumise uJehova. Kwabezwayo, ukubona izithulu “zicula” kwakungokuhlangenwe nakho okushukumisa kakhulu. Abaningi bakhala izinyembezi. Isihambeli somhlangano esithile sezwakala simemeza sithi “O Jehova!” ngenxa yokumangala. Ngesinye isikhathi, lapho ingoma iphela, labo ababehlezi ngasengxenyeni yabakhuluma ngezandla bashaya ihlombe ngokuzenzakalelayo.
Ngemva kwenkulumo yobhapathizo, njengoba kwakusukuma ababezobhapathizwa, insizwa ethile eyayisengxenyeni yabakhuluma ngezandla nayo yasukuma. Kwezwakala ukuvungazela kokwazisa ezibukelini lapho yenza uphawu lokuthi “yebo” iphendula imibuzo emibili eyabuzwa isikhulumi.
Yeka injabulo okwakuyiyo ezihambelini zomhlangano eziyizithulu ukuhlangana nabafowabo nodadewabo abangokomoya bakwezinye izingxenye zalelizwe! Kwakunyakaza izandla ngenjabulo njengoba izithulu ziqala ukwazana. Eziningi zazixhawulana futhi zinikezana amakheli.
Abahumushi (bolimi lwabakhuluma ngezandla) abangu-9 babevela ezingxenyeni ezihlukahlukene zalelizwe. Kwakujabulisa ukubona izandla nezingalo zabo zihumusha ngokukhangayo zonke izinkulumo nezingoma. Ngenxa yemizamo yabo bavuzwa ngokugonwa, ukuxhawulwa nokunconywa. Baphonswa nemibuzo: Nalufunda kanjani? Ngingalufunda kanjani? Ingabe zikhona izincwadi ezifundisa ulimi lwabakhuluma ngezandla?
Kuvuleka Insimu Entsha
Kwabayizithulu, umvuthwandaba walomhlangano kwaba ukukhululwa kwekhasethi ye-video yolimi lwabakhuluma ngezandla yencwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Abaningi bakhuthazwa ukuba bafunde ulimi lwabakhuluma ngezandla, futhi ngosizo lwalensiza-kufundisa, bafinyelele abayizithulu kulo lonke elaseNigeria. Lomhlangano wenza abaningi ukuba bazimisele ukwenza lokho kanye.
“Esikhathini esidlule lapho sihlangana nomuntu oyisithulu enkonzweni yasensimini, sasimane sidlulele emzini olandelayo,” kusho udade othile. “Manje, siyakwazi okufanele sikwenze.” Njengoba kunabantu abayizithulu abalinganiselwa ezigidini ezinhlanu eNigeria, ngokuqinisekile kunabaningi abazofinyelelwa. Umfowethu othile wathi: “Lokhu yisiqalo. Manje kudingeka siyihlakule lensimu entsha eyingqayizivele.”
Ezinyangeni ezalandela ngemva kwalomhlangano, yilokho kanye okuye kwenzeka. Kwenziwa imizamo ebumbene yokufundisa izigidi zezithulu zaseNigeria amaqiniso eZwi likaNkulunkulu. Nalezi kudingeka zifunde ngezindaba ezinhle zezwe elisha elizayo ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu, ngoba lapho kuyoba nokuphulukiswa okuyisimangaliso futhi “zivuleke nezindlebe zezithulu.”—Isaya 35:5.