Uthando Lwethu Ngengadi
INGABE uyakujabulela ukuthula kwengadi enhle njengokuyisiphephelo emsindweni nasendleleni yokuphila ematasa? Ingabe amapaki anokuthula nongwengwe lwawo, izimbali, imithi enomthunzi namadamu ayizindawo ongathanda ukuya kuzo nomkhaya wakho ukuze nibe nepikiniki noma uzishayelwa umoya nomngane? Yebo, yeka ukuthi ingadi iphumuza, iqabula, inokuthula, futhi yelapha kanjani!
Nakuba abanye bengase bakushalazele ukunakekela ingadi, mhlawumbe ngenxa yokungabi nasikhathi, sonke iyasijabulisa imibala yengadi, amaphunga, imisindo nezithelo. UThomas Jefferson—umklami, usosayensi, ummeli, umsunguli nomongameli wase-United States—wayeyithanda ingadi. Wabhala: “Awukho umsebenzi ongijabulisa njengokulima umhlaba. . . . Ngisazinikele engadini. Kodwa nakuba ngiyikhehla, ngingumlimi wengadi osemusha.”
Baningi abacabanga njengaye. Unyaka ngamunye izigidi zezivakashi zithutheleka ezingadini zomhlaba ezidumile—eKew Gardens (iRoyal Botanic Gardens), eNgilandi; ezingadini zaseKyoto, eJapane; ezingadini zasePalace of Versailles, eFrance; eLongwood Gardens, ePennsylvania, e-U.S.A., uma sibala ezimbalwa. Amazwe amaningi anezindawo emadolobheni lapho izindlu, zigudlwe imigwaqo ephahlwe izihlahla, zizungezwe izihlahla ezincane, imithi nezimbali ezinemibala egqamile—njengepharadesi elincane.
Izingadi Zingathuthukisa Impilo
Kuye kwaphawuleka ukuthi lapho abantu bezigcina besondelene nemvelo, impilo yabo ingaba ngcono, nakuba ukusondelana nayo kuwukubuka ngefasitela nje izimbali, imithi, izihlahla ezincane nezinyoni. Lokhu kwaholela ekutheni isibhedlela saseNew York City senze ingadi ophahleni lwaso. “Yamukelwa ngenjabulo,” kusho isikhulu sesibhedlela. “Iye yaba into evuselela kokubili iziguli nezisebenzi. . . . Siyibheka njengengaba namathuba amaningi okwelapha.” Ngempela, ukuhlola kubonisa ukuthi abantu bangazuza ngokwenyama, ngokwengqondo nangokomzwelo ngokugxilisa izinzwa zabo emvelweni.
Futhi umuntu othambekele ezintweni ezingokomoya angase azizwe esondele kuNkulunkulu ngokwengeziwe lapho ezungezwe umsebenzi wezandla zaKhe. Lesi sici sengadi sisukela emuva engadini yomhlaba yokuqala ngqá, iNgadi Yase-Edene, lapho uNkulunkulu akhuluma khona nomuntu okokuqala.—Genesise 2:15-17; 3:8, qhathanisa ne-NW.
Uthando lwengadi lusendaweni yonke. Futhi lokhu, njengoba sizobona, kubalulekile. Nokho, ngaphambi kokuxoxa ngaleso sici, sikumema ukuba “uhambahambe” kwezimbalwa zezingadi ezisemlandweni ukuze ubone ukuthi isifiso sePharadesi ngempela sijule kangakanani ezinhliziyweni zabo bonke abantu.