Ukuphathwa Kwabesifazane Ngobudlova
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ENIGERIA
KUSUKELA lapho bezalwa baze bayofa, abesifazane baba izisulu zobudlova, ngokwe-Human Development Report 1995 yeZizwe Ezihlangene. Ukuhlola okwenziwe emhlabeni wonke kwembula okulandelayo:
Ngaphambi kokuzalwa. Kwamanye amazwe kuyahlolwa ukuze kutholwe ukuthi umbungu ungowesilisa noma ungowesifazane yini. Ngokuvamile imibungu yesifazane ibulawa ngokukhipha isisu.
Ebuntwaneni. EBarbados, eCanada, eNetherlands, eNew Zealand, eNorway, nase-United States, owesifazane oyedwa kwabathathu ubika ukuthi waxhashazwa ngokobulili ebuntwaneni noma phakathi nesikhathi sokuthomba. E-Asia nakwezinye izindawo, izingane ezingaba isigidi—iningi okungamantombazane—ziphoqelelwa ukuba zibe izifebe unyaka ngamunye. Izigidigidi zamantombazane emhlabeni wonke zicwiywa izitho zobulili.
Ebudaleni. EChile, eMexico, ePapua New Guinea, naseRepublic of Korea, abesifazane abashadile ababili kwabathathu bayizisulu zobudlova basekhaya. ECanada, eNew Zealand, e-United Kingdom, nase-United States, owesifazane oyedwa kwabayisithupha uye wadlwengulwa.
Lapho sebegugile. Abesifazane abangaphezu kwengxenye ababulawa eBangladesh, eBrazil, eKenya, ePapua New Guinea, naseThailand babulawa abantu abathandana nabo besikhathi esidlule noma bamanje. E-Afrika, eNingizimu Melika, eziqhingini eziningana zasePacific, nase-United States, ubudlova emshadweni buyimbangela eyinhloko yokuzibulala kwabesifazane.
Ukuphathwa kwabesifazane ngobudlova kuphawula lokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi ‘izinsuku zokugcina,’ lapho abaningi babeyoba “abaxhaphazayo,” “abangenalo uzwela,” futhi “abanesihluku.” (2 Thimothewu 3:1-5, New American Bible) Singabonga ngesithembiso sikaJehova uNkulunkulu sokuthi ngemva kwalezi ‘zinsuku zokugcina’ ezinezinkathazo, uyomisa izwe elisha elinokuthula lapho abakhileyo emhlabeni ‘beyohlala belondekile, bangesatshiswa-muntu.’ (Hezekeli 34:28; 2 Petru 3:13) Ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu, uJesu Kristu ‘uyokhulula ompofu ozikhalela kuye, nohluphekayo ongenamsizi. Uyokhulula umphefumulo wabo okhahlweni nasendluzuleni.’—IHubo 72:12, 14.