Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 1/8 k. 32
  • ‘Usizo Olukhulu Esintwini’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Usizo Olukhulu Esintwini’
  • I-Phaphama!—1997
I-Phaphama!—1997
g97 1/8 k. 32

‘Usizo Olukhulu Esintwini’

“Niye nanikeza isintu usizo olukhulu ngokunyathelisa lencwadi. Iyisimangaliso. Iqoqo elibabazekayo. Ikufanele ukutuswa.

“Lencwadi yinhle ngoba isingatha zonke izici zenkolo, futhi lokhu kwenziwa ngokucophelela ukuze kungagxekwa. Kuhle kakhulu. Ngempela kuyancomeka.”

Udokotela waseTiruchchirappalli, eNdiya, owabhala lencwadi, wayebhekisele kuyiphi incwadi? Incwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu, iqoqo lamakhasi angu-384 lemisuka nezimfundiso zezinkolo eziyinhloko emhlabeni—ubuHindu, ubuBuddha, ubuTao, ubuConfucius, ubuShinto, ubuJuda, ubuKristu, nobuSulumane. Izahluko zokugcina zichaza ukuntula ukholo kwanamuhla nokubuyela kuNkulunkulu weqiniso. Kuye kwanyatheliswa amakhophi alencwadi angaphezu kwezigidi ezingu-16 ngezilimi ezingu-37.

Lodokotela wayefunde ikhophi ayeyibolekile. Wayefuna eyakhe siqu. Uma ungathanda ukuthola ukwaziswa okwengeziwe ngendlela ongathola ngayo lencwadi enemifanekiso, siza uthintane noFakazi BakaJehova endaweni yakini noma ubhalele ekhelini eliseduze kwasekhasini 5 lalomagazini.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela