Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ngiwufunda Wonke Bengilokhu ngiyithanda i-Phaphama!, kodwa ngangivame ukufunda izihloko ezazingikhanga kuphela. Manje ngiwufunda wonke umagazini futhi sengithanda izihloko engangingazifundi ngaphambili. Ngokwesibonelo, ngisanda kuqeda ukufunda isihloko esithi “Isiko Lasendulo LamaNdiya AseMelika” (March 8, 1996), futhi ngisijabulele kakhulu!
E. A. S., Brazil
Ukona Abanye Isihloko esithi “Umbono WeBhayibheli: Okumelwe Ukwenze Lapho Wona Abanye” (February 8, 1996) safika ngaso kanye isikhathi esifanele. Udade othile ongumKristu wamane wayeka ukungikhulumisa. Ngambuza ukuthi ikhona yini into engangimone ngayo, futhi ngaxolisa. Kodwa lokhu akuzange kusishintshe isimo sakhe sengqondo. Ngaphatheka kabi kakhulu futhi ngaqala ukucabanga ukuthi uJehova wayengayamukeli inkonzo yami. Yeka induduzo engaba nayo lapho ngifunda isigaba sokugcina salesi sihloko! Sathi “lapho uye wazikhandla ekwenzeni ukuthula, uJehova uyokwamukela ngenjabulo ukukhulekela kwakho.”
M. R., Argentina
Imfezi Isihloko esithi “Ingabe Ungathanda Ukubona Imfezi?” (March 22, 1996) sasithakazelisa kakhulu. Kodwa amazwi esithombe esisekhasini 16 afundeka kanje: “Imfezi emnyama ivula ibilo layo lapho ithamele isigcaki etsheni elifudumele.” Ngokolwazi lwami, imfezi ivula ibilo layo kuphela lapho isengozini noma lapho icasukile.
R. F., Germany
Lokhu kwachazwa esihlokweni ekhasini 18, isigaba 1, nasekhasini 20, isigaba 2. Umlobeli wethu eNdiya uthi imfezi ekulesi sithombe yayisabela njengoba yayigconwa umsizi womthwebuli wezithombe.—ED.
Umshayeli Okhubazekile Isihloko esithi “Ngikhubazekile—Kodwa Ngiyakwazi Ukushayela” (May 8, 1996) safika ngesikhathi esifanele. Njengoba ngingumuntu okhubazekile, ngithola ukuthi inkonzo yami yobuKristu ilinganiselwe kakhulu. Ngosizo lukaJehova, manje nginemoto enezici ezikhethekile, futhi lesi sihloko siye sangishukumisela ukuba ngandise inkonzo yami.
A. A. V., Brazil
Ukudansa Ngiyakujabulela ukudansela umculo wezinga eliphezulu, wesiLatini, nomculo opholile othandwayo njengendlela yokuzilibazisa. Ngasazisa kakhulu isihloko esithi “Umbono WeBhayibheli: Ingabe Ukudansa Kuwafanele AmaKristu?” (May 8, 1996) Sangisiza ukuba ngihlolisise lolu hlobo lokuzilibazisa. Imibuzo yokuzihlola enayiphakamisa iyongisiza ukuba ngihlale ngingasoleki futhi ‘ngingenalo ibala elivela ezweni.’—Jakobe 1:27.
D. D. G., Trinidad
Ngineminyaka engu-15 ubudala, futhi ngiye ngakuthola kunzima kakhulu ukunquma ukuthi yikuphi okufanele nokungafanele lapho kuziwa ekudanseni. Ngokusebenzisa isiqondiso esanikezwa yilesi sihloko—kanye nemibhalo yeBhayibheli okwabhekiselwa kuyo—manje senginganquma ukuthi yikuphi okufanele.
M. R., United States
Amalungiselelo Abayizithulu Ngiyisithulu esiyimpumputhe, futhi ngifisa ukunibonga ngesihloko esithi “Ukufinyelela Abantu Ngokukhuluma Ngezandla.” (April 8, 1996) Sasikhuluma ngeMihlangano Yesigodi ‘Yabadumisi Abajabulayo’ yoFakazi BakaJehova eyaqhutshwa ngoLimi Lwezandla LwaseMelika. Kwangikhuthaza kakhulu ukwazi ukuthi abaningi abayizimpumputhe nabayizithulu babekhona. Ngibabonga kakhulu labo abangihumushela isimiso somhlangano lapho sinomhlangano ngo-December 1995. Angizange ngiyifunde i-Braille, ngakho ukuze ngishumayele kwabanye, ngiye ngabamba ngekhanda imibhalo yeBhayibheli engu-121. Kuyisifiso sami ukubona ukugcwaliseka kwesithembiso sikaNkulunkulu esiku-Isaya 35:5, 6, esikhuluma ngokuzwa kwezithulu nokukhuluma kwezimungulu. Ngifuna ukukwazi ukuhubela uJehova izindumiso ePharadesi elizayo!
A. F. A., Argentina