Ukuxhumana Nendawo Yomoya
ENKABENI yedolobha elivamile laseNtshonalanga Afrika kwakunesakhiwo esikhangayo esinesitezi esisodwa, esipendwe ngombala oluhlaza nomhlophe. Egumbini lokwamukela izihambi, kwakunomabhalane ababili abasebenza ngemishini yokubhala. Idlanzana labantu lalihleli nje ezihlalweni, lilinde ukubona u-babaláwo, umbhuli.
Ngemva kwedeski ehhovisi elingaphesheya, eduze komshini we-fax, kwakuhleli u-babaláwo qobo lwakhe. Isidlakela esingwevu, sigqoke ingubo ende emhlophe—ebizayo, efekethisiwe. Wathi: “Ubaba wayengumbhuli. Ngazalelwa kuleli siko. Ngakhulela kulo. Lapho ubaba eyobhula, ngineminyaka eyisihlanu, ngangihamba naye. Ngangiyibuka indlela ayenza ngayo, ngase ngimlingisa kwaze kwaba yilapho sekusegazini.”
U-babaláwo wakhothama ngasebhodini elikhulu lokhuni elalibonisa inqubo eyinkimbinkimbi yokubhula abantu bakubo abase beyisebenzise izizukulwane ngezizukulwane. Njengoba lenqubo isebenza ngokuphonsa izinhlamvu zesundu ezingu-16, iyinqubo eye yasakazekela kuyo yonke iNtshonalanga Afrika nangalé kwayo. Wathi: “Abantu beza kimi nezinhlobonhlobo zezinkinga. Izinkinga ngabesifazane, ukungazali, ukungawutholi umsebenzi, ukusangana, impilo, njalonjalo. Kuya ngemiphumela yokubhula, kuyaye kushwelezwe kokhokho noma ezidalweni zasezulwini [konkulunkulu]. Kungakhathaliseki ukuthi yikuphi, kufanele kushwelezwe ngohlobo oluthile lomhlatshelo.”
Imikhuba engokwenkolo eyisiko, kuhlanganise nokubhula, igxilile kulendawo, kodwa kungokufanayo nangamasonto eLobukholwa. Kude buduze namahhovisi ka-babaláwo kunezakhiwo ezicakiwe ezinophawu ngaphambili oluthi: iKing Solomon II Church, iCherubim and Seraphim, iCelestial Church of Christ, iChrist Apostolic Church, iChrist Trumpeters Church. Lamasonto ayavumelana nemikhuba yenkolo eyisiko futhi ngezinye izikhathi ayayamukela. U-babaláwo wathi: “Ngisanda kuxoxa nje nombhishobhi othile. Weza lapha. Ngemva kokuxoxa imizuzu engaba ngu-30, wathi ufuna sihlele ukuba kube khona ingxoxo lapho amaKristu nabagcini bamasiko bengahlala phansi bacobelelane imibono futhi balungise nokungezwani kwabo.”
Iminyango Eholela Endaweni Yomoya
Ngokuvamile lokhu kungezwani kuhilela ukuthi bangobani labo abahlala endaweni yomoya. Kuyo yonke indawo eseningizimu ne-Afrika yaseSahara, kunenkolelo esakazekile yokuthi kunamaqembu amabili abantu abahlala endaweni yomoya. Iqembu lokuqala lakhiwa onkulunkulu, abangakaze babe abantu. Iqembu lesibili lihlanganisa okhokho, noma imimoya yabafileyo, abamsebenzi wabo uwukuqikelela ukuthi imindeni yabo esemhlabeni iyaphila futhi iyachuma. Kukholelwa ukuthi onkulunkulu nokhokho banamandla okusiza noma okulimaza labo abasemhlabeni. Ngenxa yalokho, kufanele baboniswe inhlonipho efanele futhi bakhonzwe.
Izinkolelo ezifanayo ziyatholakala ezingxenyeni eziningi zomhlaba. Besebenzisa izindlela ezihlukahlukene, abantu kuyo yonke indawo baxhumana namandla angaphezu kwawemvelo, befuna ulwazi ngekusasa nosizo kanye nesiqondiso ezinkingeni zokuphila kwansuku zonke. Ingabe singaluthola ngempela usizo endaweni yomoya? UJesu Kristu, owake waphila khona, wabonisa ukuthi singaluthola. Wathi: “Qhubekani nicela, niyophiwa; qhubekani nifuna, niyothola; qhubekani ningqongqoza, niyovulelwa.” (Mathewu 7:7) Kodwa ukuze siluthole lolo sizo, kufanele silucele kumuntu ofanele, silufune ngendlela efanele, futhi singqongqoze emnyango ofanele. Uma singqongqoza emnyango ongafanele, kungenzeka uvulwe othile oyosilimaza, angasisizi.
Khona-ke, kubalulekile ukwazi ukuthi obani abahlala endaweni yomoya futhi obani abangahlali kuyo. Kufanele sazi nomehluko phakathi kwalabo abayosisiza nalabo abayosilimaza. Okokugcina, kudingeka sazi ukuthi yini okufanele siyenze ukuze sithole usizo kulabo abazimisele ukulunikeza. Izihloko ezilandelayo zizocubungula lokhu.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]
Photo on pages 3-4: The Star, Johannesburg, S.A.