Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp16 No. 6 k. 3
  • Imibuzo Ngalabo Abasendaweni Yomoya

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Ngalabo Abasendaweni Yomoya
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Amazulu Avuleka”
    Indlela Emsulwa Yokukhonza UJehova​—Iyabuyiselwa Ekugcineni!
  • Liyini Izulu?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Imibono Ngalabo Abasemazulwini Angabonakali
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
  • Imibono Yendawo Yomoya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
wp16 No. 6 k. 3
Isibhakabhaka esiluhlaza namafu

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | IMIBONO ESENZA SIQONDE INDAWO YOMOYA

Imibuzo Ngalabo Abasendaweni Yomoya

Ingabe wake wazibuza ngendawo yomoya nangalabo abahlala kuyo? Uma wake wazibuza, awuwedwa. Sekuyizinkulungwane zeminyaka abantu bezibuza beziphendula ngale ndaba. Abanye bakholelwa ukuthi indawo yomoya ihlala okhokho okumelwe bakhonzwe. Abanye bacabanga ngendawo ejabulisayo nenokuthula ebizwa ngezulu, enezingelosi nabantu abalungile asebafa. Kanti abanye babheka indawo yomoya njengeyikhaya lamakhulu ezigidi zonkulunkulu.

Abantu abaningi bathi asinakwazi lutho ngendawo yomoya ngoba akekho owake wayibona ngamehlo wabuya wazositshela ngayo. Nokho, leyo ndlela yokucabanga ayinembile. UJesu Kristu wayephila ezulwini, endaweni yomoya, ngaphambi kokuza emhlabeni. Wakuveza ngokucacile lokho kubaholi benkolo bangekhulu lokuqala: “Angehlanga ezulwini ukuba ngizokwenza intando yami kodwa intando yalowo ongithumileyo.” Ngakho uJesu wayetshela abaphostoli bakhe lokho ayekwazi mathupha lapho ethi: “Endlini kaBaba kukhona izindawo zokuhlala eziningi.”—Johane 6:38; 14:2.

Yebo, uYise kaJesu nguNkulunkulu, ogama lakhe linguJehova, futhi ‘indlu’ kaJehova isemazulwini. (IHubo 83:18) Ngakho, akekho ongachaza indawo engabonakali kangcono kunoJehova uNkulunkulu noJesu Kristu. Bembule okuningi ngendawo yomoya besebenzisa imibono ehlaba umxhwele abayinike labo abathembekile.

Isihloko esilandelayo sikhuluma ngezindima zeBhayibheli ezichaza lokho okwabonwa amadoda athile emibonweni ehlukahlukene. Njengoba uhlola le mibono, khumbula ukuthi indawo yomoya ayiyona indawo ebonakalayo, enezinto esingazithinta noma sizibone. Ngakho, kunokuba akhethe ukusichazela izinto ngenkulumo engokomoya, ebesingeke siyiqonde, uNkulunkulu wahlela ukuba le mibono iveze izinto zasendaweni yomoya ngendlela esingayiqonda. Le mibono izokusiza uqonde labo abahlala ‘ezindaweni eziningi’ ezisendaweni yomoya.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela